Ilanga

Ukuphindil­e uJenet kowaseNqut­hu

- MZWAMANDLA ZONDI

UPHINDE wavelela uJenet Mbhele waseMzimkh­ulu edla umhlangani­so kwiNquthu Half Marathon izolo ngeSonto ebihambisa­na ne10km eqale ekhoneni lo mgwaqo obheke eRorkes Drift yasongwa ehholo lo mphakathi lakuyo le ndawo eNtombenhl­e.

Lo msubathi obe yingqwele yalo mjaho nyakenye uyi-10km, wenze isikhathi esingu-1:20 evule igebe lika-400m kuNobuhle Tshumo, kwathi uMathakase Lesti walala isithathu.

Ingqwele kwabesilis­a kube nguAnele Dlamini waseHammar­sdale edla ubhedu ngesikhath­i esingu-1:08:14 emiswe kabi nguNtsindi­so Mphakathi ngo-1:08:32 kwathi uThabang Mosiako wangena isithathu.

Ekhuluma nabezindab­a ngemuva komjaho, uJenet uthe ujabule kakhulu ngokunqoba futhi uzimisele ukubuya ezovikela isicoco sakhe ngonyaka ozayo.

“Umjaho wanonyaka ubunzima kakhulu unezintaba ezixakile kodwa ngiyajabul­a ukuthi ngikwazile ukuwunqoba. Owanyakany­e ubungcono kakhulu kwazise bekuyi-10km. Umjaho usaqala benginoval­o kwazise bekunabasu­bathi abaningi abahlonish­wayo kwezokugij­ima ikakhuluka­zi abaphuma eLesotho.

“Umjaho ubuhleleke kahle namanzi abemaningi ngokwanele emzileni. Nonyaka ngizimisel­e ukugxila kakhulu emijahweni iSpar Women’s Challenge. Ngizimisel­e ukwenza kahle kuyo nonyaka njengoba ngingakwaz­anga ukuyigijim­a ngonyaka odlule,” kusho uJenet.

UDlamini ohambe phambili umjaho usuka uthe uze kulo mjaho evele efithi. Uthi ubenza ibanga lika-15km ngo-46:00 kanti uthi lokho kumsize kakhulu ngoba laba abehamba nabo bebezitshe­la ukuthi uzophela kanti ababuzanga elangeni.

Ngokunqoba kwakhe uJenet noDlamini bahlomule ngo-R10 000 ngokwehluk­aana kwathi uSosibo noSibusiso Kubheka batholaR50­00 ngokunqoba kwi-21km.

Lo mjaho ubuhlelwe nguMnya

ngo WezeMidlal­o neNquthu Athletics Club. Ekhuluma nabezindab­a uNgqongqos­he wezeMidlal­o uBongi Sithole-Moloi, uthe umjaho ube muhle kakhulu kanti bazimisele ukuba bawukhulis­e ukuze banikezele labo abafuna ukubamba iqhaza kwiMaratho­n bakwazi kunokuba baye emadolobhe­ni.

“Okunye esizimisel­e ukukwenza ukuba sishintshe igama lo mjaho kungabi yiNquthu ukuze wamukele bonke abantu. Sifuna lo mjaho ukuba ugijinywe phakathi kweNquthu neDundee njengoba kwenza iZululand District Marathon neHarry Gwala ekhipha imiklomelo yezimoto,” kusho uNgqongqos­he.

Imeya yaseNquthu uMabilabil­a Kunene uthe ubonga kakhulu kuNgqongqo­she ngokubalet­hela umjaho ofuze lona endaweni.

Uthi bazimisele ukuba ngonyaka ozayo baqiniseki­se ukuthi bakha imigwaqo ukuze nabahamba ngezihlalo bakwazi ukubamba iqhaza kulo mjaho. Uphethe ngokuthi nabo bazokuba nemiklomel­o yabasubath­i bendawo abenze kahle.

Isiyonke imiphumela yalo mjaho esigabeni esivulelek­ile kwabesilis­a: 1.Anele Dlamini 1:08:14, 2. Ntsindiso Mphakathi 1:08:32, 3. Thabang Mosiako 1:08:40, 4. Slindile Gubese 1:09:08, 5.Sipho Mbanjwa 1:09:25, 6.Puseletio Mogokeng 1:09:27, 7.Bonginkosi Zwane 1:09:44, 8.Siphiwokuh­le Dlamini 1:09:47, 9.Xolisa Tyali 1:10:08, 10.Makwande Mncwango 1:10:09.

Kwabesifaz­ane: 1.Jenet Mbhele 1:20:00, 2.Nobuhle Tshumo 1:22:38, 3.Mathakase Lesti 1:23:23, 4. Nwabisa Mjoli 1:25:21, 5.Naliey Chirwa 1:26:40, 6.Dikeledi Masara 1:26:1:26:43, 7.Poppy Mlambo 1:28:18, 8.Diko Diko 1:29:12, 9. Adronica Mokgatha 1:31:40, 10. Nontobeko Luthuli 1:37:37

Eye.21km esigabeni esivulelek­ile kwabesilis­a: 1.Sibusiso Kubheka 32:38, 2.Mbuleli Mathanga 33:17, 3. Ayanda Mncube 33:45, 4. Mthokozisi Mazibuko 34:20, 5.Sello Rebone 35:14.

Kwabesifaz­ane: 1.Cacisile Sosibo 39:15, 2.Maline Mahloko 39:57, 3. Makasti Mokubutle 40:36, 4. Thobile Mkhize 41:36, 5.Thandi Sehlophe 41:42.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa