Ilanga

USHIYE ANGALAZI UMQEQESHI WE-SHARKS KUBADLALI

- NHLANHLA HUDLA

USHIYE angalazi kubadlali bakhe uRobert du Preez Snr ongumqeqes­hi weCell C Sharks ezakhe zithelwa ngehlazo lika-5117 iJaguares yase-Argentina koweSuper Rugby ngoMgqibel­o ntambama eJonsson Kings Park Stadium, eThekwini.

Ziye ekhefini iJaguares isihamba phambili ngo-21-10.

“Sizibulale thina kulo mdlalo. Angikaze ngiyibone into efana nalena selokhu ngafika kuleli qembu.

"Ungafike ushaye into ephezulu ngeledlule bese kwelizayo uzoshaya udaka, ibizwa ngokuthini into enjena? Angibazi abadlali bami ukuthi bebengenwe yini ngempela. Sidlale umbozo wodwa lapha futhi angikaze ngiwubone selokhu ngafika kuleli qembu. Ngisola ukuzithwal­a nokuzazisa kubadlali bami emuva kokuguqisa iLions ngeledlule. Bavele bazitshela ukuthi ngeke besathintw­a muntu.

"Uma bezoqhubek­a kanjena ngeke siye ndawo. Kulo mdlalo akekho noyedwa okhombise ukulwela iqembu. Sizozama ukulungisa isimo ngokushesh­a ukuze sikwazi ukuqhubeke­la phambili,” kusho uRobert Snr.

Isiyonke imiphumela yeSuper Rugby ngempelaso­nto ihambe kanje: Crusaders 43, Highlander­s 17; Rebels 24, Stormers 41; Chiefs 33, Blues 29; Brumbies 31, Lions 20; Sharks 17,Jaguares 51; Bulls 32,Reds 17.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UPHILIP van der Walt weSharks ebanjwa nguJulian Montoya weJaguars koweSuper Rugby onqotshwe yiJaguars ngo-51-17 ngoMgqibel­o eJohnson Kings Park Stadium, eThekwini.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UPHILIP van der Walt weSharks ebanjwa nguJulian Montoya weJaguars koweSuper Rugby onqotshwe yiJaguars ngo-51-17 ngoMgqibel­o eJohnson Kings Park Stadium, eThekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa