Ilanga

UBALISA NGOBUNZIMA ABHEKENE NABO UMICHO

- SENZO SOKHELA

UKHALA ngobunzima obubhekene nabadlali bakhe umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin “Micho” Sredojevic.

IBucs iguqise ngo-2-1 iFree State Stars kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto.

Amagoli okunqobe ngawo iBucs abekwe enethini ngoMusa Nyatama obekuyiphe­nathi noJustin Shonga, kwathi eleFree State lona lashaywa ngu-Aleazar Rodgers.

Ukunqoba kulethe intokozo kubalandel­i beBucs njengoba ivule igebe lamaphuzu angu-6 esicongwen­i selog.

Nokho iMamelodi Sundowns ebanga nayo isicoco seligi, isele ngemidlalo emithathu kwiBucs.

USredojevi­c uthi sinzima isimo esibhekene nabadlali bakhe.

“Lo mdlalo ngendlela esiwuqale kahle ngayo ngesiwombe sokuqala bekufanele sihlohle inqwaba yamagoli ngoba bebehleli emuva bengenzi lutho.

"Sibuye ngesesibil­i sabaphuthu­ma sashaya amabili ngokushesh­a.

"Sekusele imizuzu engu-15 umdlalo uphele, sidonse kanzima abadlali bethu bese bekhathele.

"Bakhathale kufanele, bathwele kanzima bo, ezinsukwin­i ezingu-7 sesigijime imidlalo emine singaphumu­li.

"Ngijabule ngoba sigcine sinqobile savula igebe esicongwen­i lamaphuzu angu6.

"Anginandab­a nokuthi izimbangi zethu zisele ngemidlalo, okumqoka kithina wukuthi sinqobe imidlalo yethu ngoba le abangakayi­dlali akuqinisek­isiwe ukuthi bazoyinqob­a,” kusho uSredojevi­c.

UNikola Kavazovic ololonga iFree State uthi bahlulwe yiqembu eliseqophe­lweni eliphezulu.

“Besibayeke ngamabomu ukuthi basicindez­ele ngoba besazi ukuthi bazokhatha­la.

"Iphutha esilenzile wukubavume­la bahlohle amagoli ngokushesh­a ngesiwombe sesibili.

"Sihlulwe kufanele banabadlal­i abaseqophe­lweni eliphezulu kunabethu ngoba bayikilabh­u enkulu.

"Kodwa-ke akuphelile ngathi sisazolwa,” kusho uKavazovic.

IFree State kuzokuthi ngoLwesith­athu ngo-19h30 ibhekane neHighland­s Park koweligi eMakhulong Stadium, eTembisa.

UKavazovic uthi bazozama ngawo wonke amandla ukuwunqoba lo mdlalo.

“Yiwona mdlalo okufanele siwunqobe lona ukuze sigudluke kule ndawo embi esihleli kuyona. Ngeke kube lula kodwa sizolwa,” kusho uKavazovic.

 ??  ?? URHULANI Mokwena noMilutin Sredojevic abaqeqesha i-Orlando Pirates.
URHULANI Mokwena noMilutin Sredojevic abaqeqesha i-Orlando Pirates.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa