Ilanga

Ujabule wabuya nganeno uPitso

IDowns izobhekana neCasablan­ca kwi-semi final

- SENZO SOKHELA

UJABULE wabuyela nganeno umqeqeshi weMamelodi Sundowns njengoba ezakhe zizalelwe yinja endlini kwazise zizobhekan­a neqembu eliyizimba­ngi zawo ezinkulu kwi- semi final yeCaf Champions League.

IDowns iguqiswe ngo-1-0 yi-Al Ahly yase-Egypt emlenzeni wesibili we- quarter final yeChampion­s League ngoMgqibel­o kusihlwa khona e-Egypt.

Kube ngu-5-1 sekuhlanga­niswe yomibili imilenze okwenze iDowns yadlulela kwi- semi final.

Nokho kubukeka izalelwe yinja endlini njengoba izobhekana neWydad Casablanca yaseMorocc­o kwi- semi final emuva kokuba inenebule ngo-5-0 iHoroya yaseGuinea ngoMgqibel­o kusihlwa.

La makilabhu kuzokhumbu­leka ukuthi kawabhekan­i njengoba njalo uma ehlangene kuba nothuthuva.

Abeseqoqwe­ni elilodwa u- group A okugcine kuqhwakele iWydad.

Okushayisa abalandeli beDowns ngovalo wukuthi leli qembu seliyikhip­he kabili kulandelan­a esigabeni somkhumula­jezi njengoba nangesizin­i ephelile ikhishwe iyona.

UPitso “Jingles” Mosimane ( osesithomb­eni) ongumqeqes­hi weDowns ujabule wabuyela nganeno njengoba ezakhe zizophinde futhi zibhekane nale kilabhu yaseMorocc­o.

“Awukho umdlalo olula kwiChampio­ns League, wonke amakilabhu anzima. Nakwi-Al Ahly sidlulile kodwa bekungelul­a.

"NakwiWydad kuzoba yisimo esifanayo, into enzima ngabo wukuthi bayalwa abadlali ibhola ngokuthula.

"Kodwa-ke kuzobonaka­la uma sekufike umdlalo, sizobadlis­a abasidlisa khona uma besilwisa nathi sizobalwis­a,” kusho uMosimane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa