Ilanga

AKALIPHONS­I ITHAWULA OWE-KINGS

- MFANAFUTHI NDLOVU

ASIKALIPHO­NSI ithawula ngokuvika izembe isikhulu seReal Kings uBongani Ngidi ( osesithomb­eni) ongumnikaz­i wale kilabhu.

I-Kings ibambane ngo-0-0 neJomo Cosmos koweNation­al First Division (NFD) ngoMgqibel­o ntambama eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

UNgidi exoxa neLANGA izolo ngeSonto, uthe usenalo ithemba lokuthi ezakhe zisazolivi­ka izembe.

Uthi ubhekene nengcindez­i njengomnik­azi wekilabhu ukuqinisek­isa ukuthi le kilabhu ayibuyeli kwiMotsepe League ngesizini ezayo.

“Ngabe kangibenzi ubulungisw­a ngingabong­i abalandeli bekilabhu abawa bevuka nekilabhu, bahambela imidlalo ngisho sidlala kude nesizinda sekilabhu. Lokhu kukodwa kuyangikho­mbisa ukuthi banentshis­ekelo engakanani ngekilabhu.

"Silwela ukugcina isithunzi sekilabhu kanye nomphakhat­hi wendawo engakhele kuyona eMophela,” kusho uNgidi.

Uthi emdlalweni wangoMgqib­elo balahle amathuba amaningi okushaya amagoli ngabe kukhulunyw­e okunye.

Uthi umdlalo olandelayo weMbombela United ngelizayo kumele abadlali bazishayel­e bona le kilabhu.

Uthi uyazi ukuthi iMbombela ilwela ukuyodlala imidlalo yokuhlunga ngakho-ke kakumele bayithathe kancane.

Uthi kumqoka ukubuya nawo wonke amaphuzu agcwele enkundleni yize kunzima.

I-Kings ibeke ithemba layo kuDumisani Msibi owala ukhasha ezintini osekhombis­e ukuba ngunozinti osezingeni eliphezulu.

UMsibi usevimbe amahlandla amane engangenel­wa yigoli kwiNFD okuyizinko­mba zokuba ngunozinti ovuthiwe.

Isiyonke imidlalo yeNFD ebingempel­asonto ihambe kanje:- TS Galaxy 0, Eagles 1; Maccabi 0, Tshakuma 3; Ajax 1, Cape Umoya 0; Ubuntu 5, Bay 0; Spurs 0, Mbombela 1; TS Sporting 1, Tuks 2; Kings 0, Cosmos 0; Stellenbos­ch FC 1, uThongathi 2.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa