UThando kowezindondo weLiberty Radio
ISIPHALAPHALA sentokazi esizakhele igama kwezokulingisa kumabonakude futhi esingumsakazi, uThando Thabethe, sithathwe kade sihambele umcimbi wezindondo kwezemisakazo, iLiberty Radio Awards ngoMgqibelo, eSandton Convention Centre. Le ntokazi eshayela uhlelo, iThabooty Drive ngokubambisana noMsizi James kusukela ngo-15h00-18h00 phakathi nezinsuku kwi5FM, ithi noma ingawinanga kulo mncintiswano kodwa ibonga bonke abayesekile.