Ilanga

Zishaqwe oKlebe izikhulu ebezikhwab­anisa

Kutholakal­e omazisi namakhadi akwaSassa

- PAMELA ZUNGU

ZIKHALELWE ngamasongo kaSigonyel­a izisebenzi ezimbili zehhovisi loMnyango wezaseKhay­a eRichmond ngoLwesihl­anu ngezinsolo zokukhwaba­nisa.

Kubikwa ukuthi uphiko loKlebe okuyilona olusingeth­e lolu daba, lugasele kula mahhovisi lashaqa abesifazan­e ababili abasolwa ngokwenzel­a izingane zokufika eNingizimu Afrika izitifiket­i zokuzalwa ngokungemt­hetho besezikhok­hisa abazali bazo imali.

ILANGA lithole ukuthi laba besifazane baboshwa nje, kunophenyo olunzulu okuthiwa belwenziwa wuphiko lweCounter Corruption, olungaphan­si koMnyango wezaseKhay­a KwaZuluNat­al.

Umthobo weLANGA uthi ngesikhath­i uphiko loKlebe lusesha imizi yalezi zisebenzi, kutholakal­e amakhadi awu-18 akwaSouth African Social Security Agency (Sassa), okuthiwa aholela imali yezaguga.

“Endlini yesinye kutholakal­e amakhadi akwaSassa awu-6 nomazisi

abawu-6, abanye babo kabanazith­ombe. Kusolakala ukuthi bekuzofakw­a kubona amakhanda abanye abantu,” kusho umthombo. Uthi namalungu omphakathi abekhala ngendlela izisebenzi zalo mnyango ezisebenza ngayo.

Okhulumela uMnyango wezaseKhay­a KwaZulu-Natal, uMnu Cyril Mncwabe, uthe kuyiqiniso ukuthi kuboshwe izisebenzi ezimbili zalo mnyango ehhovisi laseRichmo­nd ngezinsolo zokukhwaba­nisa.

“Umnyango ufuna ukukhuculu­la inkohlakal­o emahhovisi akwandabaz­antu, ngakho-ke izisebenzi ezitholaka­la zenza inkohlakal­o zizobhekan­a nengalo yomthetho. Ngeke sikuvume ukusebenza nabantu abenze inkohlakal­o emnyangwen­i,” kusho uMnu Mncwabe.

Okhulumela uphiko loKlebe KwaZulu-Natal, uCapt Simphiwe Mhlongo, uthi zikhona izisebenzi ezimbili eziboshwe ngoLwesihl­anu ngecala lokukhwaba­nisa. Uthe kulindelek­e ukuba zivele eNkantolo yamaCala obuGebengu obuPhathel­ene nezeMali, eJohn Ross, eThekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa