IZIMFASHINI NEZIDLO:
UKUQHIBUKA kwemihlobiso yesikhathi sikaKhisimusi ezitolo ekupheleni kukaMfumfu (October), bekumele kusixwayise ngesidingo esikhulu sokuba umphakathi waseNingizimu Afrika uwavulisise amehlo awo nxa usebenzisa imali yawo oyisebenzela kanzima.
Izingqapheli namagagu okukhuluma, lesi sikhathi asesibiza nge- silly season ngolwasemzini, okuwukuthi “yisikhathi sokusangana”. Phakathi kwezinkinga ezikhungethe izwe lethu, kubalwa indaba yokuntuleka kwemisebenzi, wukuntenga komnotho walo, yinkohlakalo edla lubi nokudlanga kobugebengu.
Kukhona-ke nenye eyesabisayo neyingxenye yokuntenga komnotho, okuwukubisha kwezwe lethu esikweletini nokuthi lokhu kushoni kubantu balo emuva kwesexwayiso esishubile sikaNgqongqoshe wezeMali, uMnu Tito Mboweni, ngesikhathi ethula umbiko waphakathi nonyaka ngesimo sezomnotho nemali yaleli zwe.
Ngokubona ukuthi sekusondele lesi sikhathi sokuphithana kwamakhanda kubathengi, ILANGA lixhumane nongoti wezomnotho, uSolwazi Bonke Dumisa ukuba ake asike elijikayo ngesexwayiso kubathengi kulesi sikhathi sokuphela konyaka. niselwa ku-R3 trillion, okuyinani okumele siliqonde manje kungafani naphambilini lapho besivame ukucabanga ngezigidigidi ( billions).
Uthe lokhu kwenza kube nenzalo yalesi sikweletu esondele ku-R100 billion okumele izwe liyikhokhe njalo ngonyaka.
“Okuchaza ukuthi njengamanje isikweletu sezwe uma singase sahlukaniselwe zonke izakhamizi zakuleli, sonke sicwile esikweletini ngo-R60 000, kubalwa ngisho nengane ezalwe izolo. Kunjalo nje, isilinganiso semali esenziwe yihhovisi lomqoqintela ( uMnu Edward Kieswetter) besithi leli zwe kumele liqoqe intela ewuR2,5 trillion, nokho izinkomba ziveza ukuthi ngeke kwenzeke.
“Kulindeleke ukuba kutholakale kuphela isamba esiphakathi kuka-R1,37 trillion - R1,8 trillion, okusho igebe lika-R52 billion - emalini obekufanele iqoqwe yihhovisi lomqoqintela - ngenxa yomgomo okungafinyelelwanga kuwo ngonyaka owandulele. Nxa lokhu kuyekelwa kuqhubeke, eminyakeni emibili ezayo izwe lizozithola lingasakwazi ukuphunyula kulesi sikweletu," ngokusho uSolwazi Dumisa.
Unxuse umphakathi ukuba uwavule amehlo ngalesi sikhathi njengoba phakathi kokunye, uzozwa izitolo zithi zinentokozo ukuwazisa ukuthi njengamakhasimende abalulekile ukuthi sewunecredit yenani elithile, okusho ukuthi usungazitapela impahla esitolo ukhokhe kamuva.
Wathi empeleni leyo credit iyisikweletu. Namabhange kawamile ukusinunusela ngemali ebolekisayo. Maduze nje, kuzobe kunendali edume ngeleBlack Friday eba ngoLwesihlanu lokugcina lukaLwezi (November), (okufanele abantu bathenge ngokucophelela).
USolwazi Dumisa uthe nakuba kukuhle ukwenzela amakhasimende izipesheli ezinjalo, nokho abathengi kuhle bakugweme ukuchitha imali yabo nangezinto ezingenasidingo. Uthi kuyasiza ukuzithiba nokuhambela kude nabo bonke labonoxhaka.
IZITOKOFELA: Imali esuke iqongelelwe ngale ndlela wonke unyaka, kuvamile ukuba nezisele le nkece egcina iphonseke kuzona ngendlela engenabo ubulungiswa. Kuyenzeka oxhopha amalungu esitokofela leso kube ngelinye lamalungu aso.
Kukaningi kubikwa, kuxwayiswa ngokuthi uma sekuwusuku lokwaba imali etholakele, kumqoka ukuba lokhu kwenziwe obala, ephelele amalungu esitokofela futhi lokhu kwenzelwe endaweni ephephile ngaphakathi ebhange.
Kubalulekile ukuyifaka khona ebhange ngaso leso sikhathi imali, ukuze kunyomfeke amaqhinga emigulukudu esuke efesile ngaphandle.
Ukuchitha imali kanjalo kuvame ukulandelwa yinkinga uma sekuvulwa izikole izimfanelo zabantwana zingekho. Kulapho-ke omashonisa besuke becuthile.
Nakuba sekwaba wumkhuba osegazini kwabaningi ukuzithokozisa ngokudla nokokwembatha ngalesi sikhathi, nokho konke kubiza ukuba lokhu kungenziwa ngokweqisa. Ukusala emfashinini akukwenzi ufane nosephelelwe wumhlaba.
Namabhanoyi kawazibekile phansi ngalesi sikhathi.