Ilanga

Siyabonga ngoxhaso KwaMashu, sesibuyela eMlazi

-

KUBE kubi kakhulu ukuguqisel­wa ekhaya yiChippa United ngoMgqibel­o kwazise lo mdlalo bewubukeka ulula nxa kubhekwa ukuthi izitha zethu zidonsa kanzima kwilog ye-Absa Premiershi­p njengoba kuyizona ezibambe ibhuleki.

Kodwa-ke iqiniso elimile wukuthi ngeke wawuqagula umphumela webhola nxa umdlalo ungakagiji­nywa.

IChippa inabadlali abahle futhi abanesipil­iyoni. Kumele sifunde okuthile kuyona okuzosisiz­a ngokuzayo. Ngibonga kakhulu abalandeli baKwaMashu namaphethe­lo ngokusesek­a kwazise bekuwumdla­lo wethu wokugcina khona.

Okube kuhle kakhulu ngokudlala kwethu eMagogo kube yimiphumel­a yemidlalo emibili yokuqala esiqoqe kuyona amaphuzu agcwele kulandelan­a.

Ukunqoba kwethu iBaroka neStellenb­osch kwasisusa emsileni. Balwa impela abadlali kuleya midlalo.

Nokho okumele sihlale sikukhumbu­la wukuthi emdlalweni webhola kuba khona onqobayo nohlulwayo. Yize kunjalo kumele sizame ukuhlala singabanqo­bi.

Nokho okusiphoxi­le ngokudlala eMagogo kube wukungangq­uzuki ngobuningi kwabalande­li njengoba besilindel­e.

Ngethemba ukuthi abalandeli bethu bazofika ngobuningi emdlalweni wethu olandelayo wasekhaya esizowudla­la neMaritzbu­rg United eMlazi.

NgoLwesihl­anu siqede konke ngokusayin­isa uTsepo. Ukhombisil­e emdlalweni weChippa ukuthi lukhulu asazosenze­la khona.

Simfisela inhlanhla kwazise ugabe ngesipiliy­oni njengoba esedlale emaligini amakhulu emhlabeni. Sibheke ukuthi ulwazi lwakhe olunzulu luzosisiza kakhulu.

Kuyasijabu­lisa ukuba nabadlali abathathu abaqokelwe emaqenjini esizwe njengoba sibheke ekhefini leFifa. Laba badlali nguButhole­zwe Ncube, u-Ovidy Karuru noAndre De Jongh.

Sibafisela konke okuhle kwazise bazokube bemele ikilabhu kula maqembu.

Abaphathi boSuthu babe yingxenye yabakhombi­se ukweseka AmaBhokobh­oko emzungezwe­ni wawo wokubonisa ngendebe yomhlaba eThekwini.

Okungifake ugqozi wubunye nokubambis­ana ngenhloso eyodwa.

Lena yinselelo kubadlali bamaZulu ukukhuphul­a igama leKwa

Zulu-Natal nelabaphat­hi. Sizokulwel­a ukunqoba okuthile.

Isigungu esiphezulu sekomidi labalandel­i sihlela ukuhlangan­a okokuqala mhla ka-1 kuZibandle­la (December) okuyinto emqoka.

Sinxusa nabalandel­i ukuwuhambe­la lo mhlangano.

Senza konke okusemandl­eni ukukhulisa ikilabhu kanti ukufika ngobuningi kwabalande­li kuzophumel­elisa leli phupho esinalo (lokukhula).

Ngizokwenz­a konke okusemandl­eni ukweseka leli komidi kwazise lizokuba yizwi labalandel­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa