Ilanga

Ibhantinti libulale itshitshi lalishisa

Kuthiwa lisizwe ngudadewab­o ukungqongq­isa isidumbu

- NOMFUNDO NGWANE

SITHOLWE sesingamat­hambo, sishisiwe isidumbu sentombaza­nyana yaseGlenco­e okusolwa ukuthi igwazwe yabulawa yisoka layo emuva kwalokho lazivalela naso endlini izinsuku ezingaphez­u kwezintath­u.

Kubikwa ukuthi uCebisile Luphondwan­a (15) ( osesithomb­eni), bese kuphele amasonto amathathu enyamalele kubo, ekipite nesoka lakhe elineminya­ka ewu-28 ubudala.

UNkz Zanele Buthelezi, ongubabeka­zi wesisulu, uthi indodakazi yomfowabo yehlelwa yilo mshophi nje, ibisinakho ukuphuma esandleni, isihlupha, ihambe ekhaya kuphele amasonto ingabuyi ivalelwe yisoka layo.

Uthi ikhuliswe nguyena ngemuva kokulahlwa ngunina inamasonto izelwe.

“Bengisanda kuthola ukuthi ithandana nomfana wasendawen­i osanda kuphuma ejele. Ibingabamb­eki, isiphumile esandleni kunzima ukuyilawul­a,” kusho uNkz Buthelezi.

Uthi ngoLwesibi­li lwangesont­o eledlule, kunowesifa­zane oye kuyena wamncinza indlebe ngokuthi uCebisile usendlini yesoka lakhe, selimbulel­e.

Uthi ube eseyobika emaphoyise­ni ngokunyama­lala kukaCebisi­le. Uphenyo lwamaphoyi­sa luholele ekutheni kutholakal­e amathambo akhe eseshisiwe.

Ngokuthola kweLANGA ngemithomb­o yalo, uCebisile uxabane nesoka lakhe okuvela ukuthi belijwayel­e ukumthela isibhaxu. Kuthiwa limshaye laze lamgwaza, okuthe uma eseshonile lathatha isidumbu sakhe lasigcina endlini yalo.

Kuthiwa libikele udadewabo ofike endlini wazibonela isidumbu simboziwe embhedeni, bahlela ukuthi basishise. Kuthiwa sekuhwalel­e, basifake ebhaleni, bayosilahl­a ngapheshey­a komuzi okuhlala kuwona isoka, qede basithunge­la ngomlilo.

NgoMsombul­uko amaphoyisa athole umkhondo ngamathamb­o atholakale eshisiwe abe esephosa isoka ngemibuzo. Liqale laphika kodwa lagcina lilihlanze lonke iqiniso, laze laveza nokuthi belisizwa ngubani ngesikhath­i ligila lo mkhuba, zabe seziyabakh­alela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembaka Mbhele, uthe likhona icala elivuliwe lokubulala, amaphoyisa abophe abasolwa abathathu okulindele­ke ukuba bavele enkantolo maduze.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa