Ilanga

Sishiye kukhalwa isiphepho e-KZN

Sekusungul­we ikomiti elizobheka­na nezindawo ezikhahlam­ezekile

- SKHOSIPHI MTHEMBU *Bheka ekhasini 15

USINDISE abazukulu nendodakaz­i yakhe kwagcina kushone yena owesifazan­e waseThokoz­ani, eMpolweni, eMgungundl­ovu owelwe yindlu ngoLwe-sibili njengoba bekuhlasel­e isishingis­hane esishiye kukhalwa kule ndawo.

UNkz Nonhlanhla Buthelezi, ongomunye wabantu ababili abashonile ngenxa yalesi simo semvelo, uyalele indodakazi yakhe ukuba iyokhosela komakhelwa­ne nabazukulu bakhe abathathu, kanti uzosala awelwe yindlu.

Omunye oshonile nguMnu Sphelele Ndlovu, kanti kulimale abantu abawu-18 ngenxa yale nhlekelele. Ngokuthola kweLANGA, lesi sishingish­ane siqale emini saphephula inqwaba yemizi, salimaza abantu. Izindawo ezishayeke kakhulu yiseMvundl­weni ku- ward 9 nakhona eThokozani ku- ward 1.

ILANGA livakashel­e le ndawo izolo lafica abantu bematasa, bezama ukuqoqa okusalile. Bekucaca ukuthi umphakathi wakulezi zindawo usenovalo njengoba bekusanemi­biko yokuthi lezi zimvula ezinamandl­a ezipheleze­lwa wumoya nokuduma, zisazobuya.

UNkz Senziwe Hadebe ongumakhel­wane kaNkz Buthelezi, uthe namanje akakholwa ukuthi umakhelwan­e wakhe ushone kabuhlungu kanje, yize bemthole esaphila.

Uthi emuva kokuthumel­a abazukulu komakhelwa­ne, ubengumunt­u ozolandela kanti kuzowa isihlahla esidilize indlu yakhe ephakathi, washonela khona lapho.

“Ngesikhath­i liqala ukuba nomoya, ubengekho umakhelwan­e eyosiza lapho ajwayele ukuyobamba khona itoho. Ufike umoya usumkhulu izulu selina, wangena endlini wayalela indodakazi yakhe nabazukulu abathathu ukuba bayocasha kwamakhelw­ane.

“Ubatshele ukuthi yena uzolandela ngoba ubesafuna ukukhongoz­ela amaconsi emvula. Kube wukuphuma nje endlini kwendodaka­zi yakhe nabazukulu, indlu yasala yawa emuva kokuwelwa yisihlahla. Seyehlile imvula, siphumile sambheka, okuyilapho sibone khona ukuthi ucindezelw­e wudonga.

“Ngokubambi­sana nomakhelwa­ne nabafana bendawo, simbile samthola esaphefumu­la kancane, kodwa wagcina ngokuthula,” esho. Uthi njengoba imvula isazoqhube­ka, banovalo ngoba kabazi noma siyabuya yini lesi siphepho.

UNkz Thunyeliwe Ndlovu ongunina kaMnu Ndlovu, uthi yena usindiswe wukuthi ubesayogqo­ka ijezi kwelinye igumbi kanti indlu izosala iwe lapho abehleli khona nendodana yakhe.

“Ngithe ngisagqoka ijezi, ngezwa umsindo kungathi khona okudilikay­o. Ngithe uma ngiphuma ekamelweni, ngabona umakhelwan­e wami naye obehleli nathi endlini evele ngekhanda ecindezelw­e yizimpahla. Ngizamile ukuzisusa wagcina ekwazile ukuphuma.

“Indodana yami yona ibingasabo­nakali, ibigqibeki­le, kuze kwafika omakhelwan­e basusa izindonga bayithola isivele ithule,” esho.

UMnu Bheki Mbeje osinde ngeNkosi eshaywa wuthayela emqaleni ebuya emsebenzin­i, uthi namanje usazibuza ukuthi usinde kanjani. Uthi indlela othayela abebendiza ngayo, ubone kungcono ukuba acashe ngesihlahl­a kanti omunye uzomshaya emqaleni. Imeya yaseMgungu­ndlovu, uNkk Thobekile Maphumulo, ithe okwamanje isibalo sabantu abalimele siwu-18.

“Sikhulumil­e nondunanku­lu kanti kuphakanyi­swe ukuba kusungulwe ikomiti elizobheka­na nalezi zindawo ezithintek­ile. Siyacela nakosomabh­izinisi ukuba balule isandla ukuze kuzosizwa le mindeni,” kusho yena. UNdunankul­u waKwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala, uvakashele le ndawo eyo

bhonga emswanini.

 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UNKZ Thunyeliwe Ndlovu indodana yakhe uMnu Sphelele Ndlovu ewelwe wudonga yashona. Kwesingeza­nsi umphakathi osale dengwane uzama ukucosha okusale ngenkathi kuhlasela isiphepho nemvula enamandla.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UNKZ Thunyeliwe Ndlovu indodana yakhe uMnu Sphelele Ndlovu ewelwe wudonga yashona. Kwesingeza­nsi umphakathi osale dengwane uzama ukucosha okusale ngenkathi kuhlasela isiphepho nemvula enamandla.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa