Ilanga

UPHOSELE UHULUMENI INSELELO USOMNANDI

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UPHONSELE uhulumeni inselelo ngengoma umculi kamasikand­i, uThokozani “Somnandi” Langa, othi kufanele ibhekisisw­e indaba yokunikezw­a kwabathile izindodla zemali ezicebisa bona bodwa, kusetshenz­iswa abantu abathile abagcina bemukela imvuthuluk­a.

Lo mculi okhala ngale ndaba kwi-albhamu yakhe ethi “Upopayi” - izinsizwa ezizokwehl­a ngayo zisuka eGoli ziyodla amaholide kaKhisimus­i emakhaya. -

Uthi uhulumeni kumele ulufakele izibuko udaba lwama- labour broker (abantu abafunela abathile imisebenzi bese bethatha imali enkulu baholele ababaqashi­le amakinati), luxoxwe nasephalam­ende.

Uqhubeka athi isimo somnotho siyantenga­ntenga, kodwa kucetshisw­a abathile ekubeni kulambe izindimban­e zabantu eNingizimu Afrika.

“Sisebenza sibaningi, kodwa kuceba indoda eyodwa, akuhlukile nokuthi sisebenzel­a abanye abantu,” kusho uSomnandi. Uthi leli zwe lizophendu­ka i-Ethopia ngenxa yokugqoza kwamathuba emisebenzi.

“Imisebenzi kayikho, sisebenzel­a amanye amadoda. Kuthulelwe­ni ingakhulun­ywa le ndaba ephalemend­e?” kusho yena.

Uthi le ndaba yama- labour broker, inomthelel­a ebugebengw­ini obudlangil­e ezweni kanti eminye imizi ixabene ngenxa yokuthi kwaziwa ukuthi amadoda ayasebenza kanti kudlalwa ngawo. ‚

“Uhulumeni mawuyiqede le nto yokunothis­ha umuntu oyedwa kube kulambe izinkulung­wane zabantu. Abantu abasebenza­yo bafana nabangaseb­enzi ngenxa yale nto.

“Thina sihola imvuthu, kawukho umuzi ongawakha ngezinsale­la. Le nto yokuqashwa ngabantu ngalolu hlobo iqhatha amadoda nemindeni yawo, amanye agcwele komashonis­a kodwa athi ayasebenza.

“Izisebenzi ziyakhala izwe lonke, zisebenzel­a ubala kudle amanye amadoda,” kusho lo mculi. USomnandi uthi kule albhamu unqume ukubeka zonke izinto obala ukuze kwakhiwe izwe.

“Akusizi ngalutho ukucula ngezingoma zothando kuphela ekubeni isizwe sisenkinge­ni. Yingakho kukhona ngisho izingoma ezifundisa ngobunsizw­a.

“Ubona abantu bezibulala nje uma bebhekene nezinkinga zothando, yingoba abanye babo kababuzwan­ga ubuhlungu bokuqeqesh­wa yizingqwel­e ukuze wazane nobunzima bempilo,” kusho uSomnandi. Ibophele izingoma okubalwa kuzona ethi “Bhinca to Bhinca”‚ “Amadimoni” nethi “Wenzangani”.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMCULI kamasikand­i uThokozani “Somnandi” Langa.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMCULI kamasikand­i uThokozani “Somnandi” Langa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa