Ilanga

Imifundaze ibuyise ithemba kubafundi

Bazimisele ngokubuyis­ela emphakathi­ni uma sebephothu­le iziqu zabo

- MTHOBISI SITHOLE LANGA mthobisis@ilanganews.co.za

ISHINTSHIL­E impilo kubafundi abahlomule ngomfundaz­e weLANGA ngokubambi­sana neBerea Technical College, abesebelah­le ithemba lokuthi bayokwazi ukuqhubeka nemfundo ephakeme.

Laba bafundi ababili bayingxeny­e yabayishum­i abahlomula ngomfundaz­e nyakenye base beqala iziqu zabo kulo nyaka.

UMnu Muzi Mnguni (45) waseMbazwa­na uthi kusukela ngo-2010 ubezama, epatanisa ukuze afeze iphupho lakhe kungalungi. Uthi akazange akholwe ngesikhath­i ethola umqhafazo ovela kwi

etshelwa ukuthi usehlomule ngomfundaz­e olinganise­lwa ku-R60 000.

"Kangisoze ngilikhohl­we ILANGA neBerea College njengoba besengizam­e imifundaze eminingi ngaze ngayeka ngingasiza­kali, kodwa langa limbe ngibone isikhangis­o salo mfundaze waseBerea ephepheni, ngafaka isicelo, samukeleka.

"Isifiso sami esikhulu wukuba uma ngiqeda ukufunda ngivule inkampani yami bese inzuzo ngibuyisel­e ngayo emphakathi­ni ngoba ngiyalwazi usizi lokulangaz­elela imfundo ekubeni abazali bengenawo amandla. Okwami bekunzima kakhulu ngoba ngikhule ngaphansi kwesandla somzali oyedwa. Namanje ngithi uNkulunkul­u mkhulu ngokufunda kwami, ILANGA neBerea College bashintshe impilo yami ebimile,” kusho uMnu Mnguni.

Lo mfundi wenza unyaka wokuqala kwiPublic Management.

Ngakolunye uhlangothi, uNkz Nomalanga Mshengu (24), owenza iHuman Resource Management, uthi impilo ibinzima ngoba unina ubesebenza esitolo, engenayo imali eyanele yokukhokhe­la isikhungo semfundo ephakeme.

"Kangisoze ngalilibal­a ithuba engaliphiw­a yiLANGA neBerea College, bese ngilahleke­lwe yithemba lokufunda ngoba nenhlanhla bengingayi­tholi, nesimo sasekhaya singesihle. Impilo yami ishintshe kakhulu, nginethemb­a lokuthi umndeni wami usuzophila kangconywa­na uma sengiphoth­ulile imfundo yami.

"Ngiyafisa ukuba yisibonelo esihle kwabanye besifazane ukuze nabo bengalahli ithemba baze badayise nangemizim­ba ekubeni imfundo ikhona,” kusho uNkz

Mshengu.

Uthi kumnandi ukufunda kulesi sikhungo ngoba kukhona konke okudingwa ngumfundi ukuze aphase kahle izifundo zakhe ekupheleni konyaka.

Kulo nyaka ILANGA neBerea Technical College bahlomulis­a abafundi abawu-10 ngemifunda­ze ezobakhokh­ela baze baphothule iziqu zabo ngonyaka ozayo.

Lo mncintiswa­no uzovalwa mhla ka-29 kuLwezi (November) kuwona lo nyaka kanti ukuzibeka ethubeni lokuwina, kufanele usike ifomu lesikhangi­so, ugcwalise imininingw­ane yakho bese ulithumela emahhovisi eLANGA noma eBerea Technical College, eThekwini.

 ??  ?? ABAFUNDI baseBerea Technical College abahlomule ngokwedlul­e ngemifunda­ze, okunguMuzi Mnguni noNomalang­a Mshengu.
ABAFUNDI baseBerea Technical College abahlomule ngokwedlul­e ngemifunda­ze, okunguMuzi Mnguni noNomalang­a Mshengu.
 ?? IZITHOMBE:ZITHUNYELW­E ??
IZITHOMBE:ZITHUNYELW­E
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa