Ilanga

Kuvele okushaqisa­yo ngokufa kowaseMUT

"Umsolwa wathi ufuna ukukhombis­a ukuthi uyasishaya isibhamu"

- KNOWLEDGE SIMELANE

IZWE ubufakazi obushaqisa­yo iNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni ngendlela okuthiwa wabulala ngayo uNkz Zolile Khumalo owayeyisit­shudeni saseMangos­uthu University of Technology (MUT) umsolwa, uMnu Thabani Mzolo.

Ukuqulwa kwaleli cala kuyaqhubek­a phambi kwejaji, uNkz Nompumelel­o Radebe, kushushisa u-Adv Nadira Moosa kanti omele uMnu Mzolo ngu-Adv Bonokwakhe Dlamini.

NgoMsombul­uko umbuso ubize uchwephesh­e ongungoti wezemisizi yezibhamu, uNkz Mmabatho Mehlape, obephethe imiphumela yocwaningo olwenziwa ngamaphoyi­sa emuva kokudutshu­lwa kukamufi.

Le miphumela iveze ukuthi ofakazi, uMnu Simiso Buthelezi noNkz Nosipho Bhengu, batholwe bengenawo uphawuda wesibhamu, kodwa izinsalela zawo zitholakel­e ezandleni zikaMnu Mzolo. Kuke kwaba nemibuzo ngokupelwa kwesibongo sikaMnu Mzolo emaphaketh­eni abephethe leyo miphumela, obekubhalw­e ukuthi “Mzoko” esikhundle­ni sikaMzolo.

Ummeli uvele wagxila kulokho, nokho ijaji lathi kuzomele kuchaze ababebhala ngemishini. Kube sekungena uMnu Buthelezi othe ngosuku lwesigamek­o, mhla lulunye kuNhlaba 2018, uMnu Mzolo wafika egunjini ahlala kulo eLonsdale Hotel, eThekwini, wacela ukugeza, wamvumela.

Uthi wamcela ukuba ayothenga i- airtime, nokuthi adlule egunjini likamufi amcelele okusajezi kuye.

Uqhubeke wathi wakwenza lokho, kodwa kwathi sekuhlwile bagcina sebeya egunjini likamufi bamfica enomngani wakhe, okuyilapho uMnu Mzolo wakhokha khona isibhamu, uMnu Buthelezi wazama ukumkhuza ethi angamdubul­i umufi ngoba ubethe yena (uMzolo) uzolungisa izinto.

Nokho wagcina emdubula naphezu kokuba waqale wenza sengathi uyamxolela, kwangathi uyavalelis­a.

“Wathi kumufi makamqabul­e, okwathi eseya kuyena esaba, ekhala, wathi kuye umfisela inhlanhla, esho nokuthi ufuna ukukhombis­a amadoda akhe ukuthi uyasishaya isibhamu, efanekisa ukudubula ngomunwe wesikhombi­sa.

“Ngaleso sikhathi umufi wazama ukucasha ngemuva kwami, kodwa ummangalel­wa wakwazi ukumdubula amahlandla amabili. Yize wayesebuke­ka ethule, waphinde wamxhakath­isa ngasentany­eni wamdubula ekhanda,” kusho uMnu Buthelezi.

NgoLwesibi­li kudlalwe imisindo eyacashunw­a kumakhalek­hukhwini okuthiwa ngokammang­alelwa, lapho kuzwakala khona amazwi ababili, omunye ezishaya isifuba ngokuthi usembulele uZo ngoba umdelelile ngokuthi kukhona umfana omkhombise isithombe enaye.

Khona lapho kuzwakala othile etshela omunye ukuthi makaphume kule ndawo akuyo, kodwa lona okuthiwa makaphume uthi ngeke esaphuma, kunabantu abaningi ngaphandle.

Ebuzwa ngumshushi­si ukuthi ngamaphimb­o obani lawa akhulumayo, uMnu Buthelezi uthe ngelikamma­ngalelwa, elakhe nelikaNtob­eko Nzuza owayekhona kukhulunyw­a.

Ummeli kaMnu Mzolo uxine ngemibuzo uMnu Buthelezi, emhila ngesitatim­ende asenza emaphoyise­ni naleso asenze bukhoma enkantolo.

Uqale ngokumveze­la ukuthi kwesinye uthe ngesikhath­i bengena endlini kamufi, kwangena ummangalel­wa kuqala ekubeni

Yize wayesebuke­ka esethule, wamxhakath­isa wamdubula ekhanda.

 ?? ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? UMNU Thabani Mzolo ebhunga nommeli wakhe omusha, u-Adv Bonokwakhe Dlamini, eNkantolo eNkulu eThekwini.
ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE UMNU Thabani Mzolo ebhunga nommeli wakhe omusha, u-Adv Bonokwakhe Dlamini, eNkantolo eNkulu eThekwini.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa