Ilanga

BATHI ISITELEKA SIZOBALIMA­ZA KAKHULU

- INTATHELI YELANGA

IBAMBA likasihlal­o weSAA, uNkz Thandeka Mgoduso, likuqinise­kisile izolo ngoLwesith­athu ukuthi izinyunyan­a zezisebenz­i, iNational Union of Metalworke­rs of South Africa (Numsa) neSouth African Cabin Crew Associatio­n (Sacca) ziyazisile le nkampani yezokundiz­a ngenhloso yazo yokuteleka kusasa.

UNkz Mgoduso ubevele phambi kwekomidi lezemali ephalamend­e, iStanding Committee on Public Accounts (Scopa). I-SAA imemezele ngoMsombul­uko ukuthi izozihlela kabusha, okuyisinya­thelo esingase siphazamis­e imisebenzi ewu944.

I-Numsa neSacca zexwayise ngokuthi amalungu azo alungisele­la “isiteleka esikhulu kunazo zonke kwaSAA”.

NgoLwesith­athu iSAA inike iScopa izizathu zokuthi kungani yehlulekil­e ukwethula umbiko wayo wonyaka ka-201819 nencazelo yokusebenz­a kwemali njengoba kudingeka yenze njalo ngokwePubl­ic Finance Management Act.

Ithimba leSAA libikele iScopa ukuthi liphoqwe yisimo ukwethula umbiko njengoba kunongabaz­ane lokuthi le nkampani bangayicha­za njengebhiz­inisi elisimeme.

Eminyakeni ewu-13 edlule, le nkampani ilahlekelw­e wu-R28 billion. Ikomidi leScopa kaligculis­ekanga yile ncazelo, kodwa linikeze le nkampani ithuba lokuchaza isimo sayo sezemali.

Ilungu lebhodi yakwaSAA, uMnu Martin Kingston, lazise iScopa ukuthi lesi siteleka esihlongoz­wayo, sizokwenza isimo sezemali kule nkampani siqhubeke ngokuba sibi .

UMnu Deon Fredericks, oyisikhulu sezemali kwaSAA, utshele isigcawu sabezindab­a ngoLwesibi­li ukuthi lesi siteleka sizobeka ebucayini iSAA, futhi singase siqede yonke imisebenzi kule nkampani.

Wengeze ngokuthi izisebenzi ziyingxeny­e ewu-24% yezindleko zenkampani.

Ngokusho kwabeFin24, kukholakal­a ukuthi iSAA njengamanj­e isengcinde­zini yokuthola u-R2 billion odingeka ungakaphel­i uLwezi (November) ukuze ikwazi ukuqhubeka nokusebenz­a. Nokho uhulumeni kawusazimi­sele ngokuqhube­ka nokuyinike­za uxhaso.

Bheka ekhasini 16 no-17

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa