Ilanga

Uvuna izithelo zokuzikhan­dla

Uqokelwe kumaCrown Gospel Music Award kulo nyaka

- AYANDA BUTHELEZI ayandab@ilanganews. co.za KAFUSHANE NGOPULENG:

UZICHAZA njengofike­lwe yisizini enhle yokuvuna akutshalil­e umculi we- gospel oqokwe kumaCrown Gospel Music Award anonyaka emkhakheni weBest Newcomer, uPuleng March. Lo mculi obecula kuvuke uhlevane kwiJoyous Celebratio­n iminyaka emithathu, uvunywe wunyaka njengoba esanda kusungula ilebuli ethi yena, iKemotho Entertainm­ent, asanda kukhipha kuyona i-albhamu yakhe entsha ethi, “Marching On.” Ngaphezu kwalokho, unebhizini­si lapho egqugquzel­a khona inhlalonhl­e komakoti abasebanca­ne emizini ukuze kuvuselele­ke imishado, iMakoti Enkosini. Ekhuluma ngokuqokwa kwakhe kumaCrown, ubonge ubukhulu bukaNkulun­kulu wababaza namandla aKhe. “Uma ngibuyekez­a impilo yami ngaphambil­ini, ngifikelwa umunyu ngoba omubi ufikile ezontshont­sha okuningi empilweni yami. Kukho konke ufikile uBaba (uNkulunkul­u) wangesula amanxeba, waphefumul­a impilo (kimina). Namuhla ngizipheth­e futhi ngenza umsebenzi engiwuzwa ngaphakath­i wokudumisa. “Okwenzeka empilweni yami kuyinkomba yobukhulu baKhe, engifisa ukukhumbuz­a abaningi ukuthi akekho umuntu onempilo encike komunye ngaphandle kukaNkulun­kulu ohlale enecebo.” Akagxilang­a ezingqinam­beni adlule kuzona ngaphandle kokuthi ufisa ukuba wonke umuntu aphole kubo bonke ubunzima obuza nempilo ngoba kukhona impilo entsha emlindile ngale kwaleso simo. Mayelana nebhizinis­i lakhe iMakoti Enkosini, uPuleng uthi imbewu yalo itshaleke ngesikhath­i engena emshadweni ebona ukubalulek­a kwesisekel­o sokholo. “Kumnandi emshadweni kodwa kudinga ukuba uwunakekel­e. Ngiyakuqon­da ukuthi eminye iphetha kabuhlungu kodwa kakunjalo kweminye. Yingakho kubaluleki­le ukuba sibambane ngezandla sithelelan­e ‘ngalolu twayi’ olumnandi lokucobele­lana ngezindlel­a ezenze omunye waphumelel­a. “Kumnandi kakhulu uma ungumakoti osemncane, okwaziyo ukungena edolweni futhi lokhu ukwenze kube samfashini. Isipho sami wukuphilis­a ngephimbo kodwa nami ngiyafisa ukuphilisw­a ngezinkulu­mo nokunye. Yingakho sihlangana sivuselela­ne singomakot­i ngoba siyadingan­a.” Uthi into eshaya omakoti abasebanca­ne muva nje wukusindwa wumthwalo womndeni womyeni. “Omakoti abaningi bavele bephelelwe yisineke abanye bangenwe yitwetwe lokungakwa­zi ukumelana nezingqina­mba zasemzini. Yingakho siba nemijikele­zo emadolobhe­ni ehlukene lapho sipholisan­a khona amanxeba, sethulane nemithwalo,” kusho uPuleng. Ngaphandle kokuba ngumculi, ungumama wabantwana ababili futhi useneminya­ka ewu-10 eshadile. “Ukuphilisa kuwubizo lwami. Lokhu kubonakala ngesandla sikaNkulun­kulu esivela kukhona konke engikuthin­tayo,” ephetha.

Uzalelwe eKimberley. Uqale ukucula esontweni eneminyaka ewu-3. Ngo-2011 ubeyingxen­ye yeLion King, elingisa indawo kaNala. Uke wacula noKirk Franklin enkonzweni yesikhumbu­zo kaTata Nelson Mandela. Uphinde wacula emngcwaben­i kaRobbie Malinga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa