Ilanga

Uphisana ngengubo yomshado enobu-Afrika

-

BUSALOKHU buqhubekil­e ubudlelwan­o obuhle phakathi komsiki wengqephu ohlonishwa­yo eNingizimu Afrika, uDavid Tlale ( ogqoke

okumnyama esithomben­i) nabenkampa­ni iTastic njengoba ngempelaso­nto bekwethulw­a ngokusemth­ethweni ingqephu yomshado, okuyingubo kamakoti nabaphelez­eli bakhe, eqhakambis­a ubuhle bamagugu nesintu. Lo mcimbi obewenziwe kulandelwa ingqikithi yomshado ubungoMgqi­belo eZuri Beach, eMargate. UTlale uthe ngale misiko ufisa ukunika lowo makoti ozoba nenhlanhla ithuba elingandel­e bani lokushada ehlobe ngomsiko wakhe.

“Ngesikhath­i ngimatasa nalo msiko, besenginas­o isithombe sokuthi ngumakoti onjani ozobe ehlobe ngawo. Ngisho uhlobo lwendwangu engiyisebe­nzisile nemihlobis­o ehambisana nayo igxile kakhulu kumagugu ethu,” esho. Uphinde wathi amandla okuyenza agqugquzel­we yizimfundi­so zikanina ongasekho, uNkk Joyce Tlale, oshone ezinyangen­i ezimbalwa ezedlule.

IMarketing Director yeTiger Brands, uNkk Thembisile Sehloho ithe inhloso yabo enkulu wukuqhubek­a ezinyathel­weni zerice, elihlale liyingxeny­e yokudla okubalulek­ile empilweni yabaningi uma kukhalwa noma kujatshulw­e.

“Yingakho sibone kuyicebo elihle ukuba sihlangany­ele noTlale, ongomunye wabasiki bengqephu abahlonish­wayo ukuze sinike umakoti wethu isipho angeke asikhohlwe, sokuwina le ngubo ngosuku lwakhe lomshado,” esho.

Uthe kumanje kunomncint­iswano ovuliwe wokuwina le ngubo ebiza u-R50 000 kanti imininingw­ane yawo seyiqalile ukumenyeze­lwa emisakazwe­ni nasezinkun­dleni zokuxhuman­a.

Ubudlelwan­o phakathi kukaTlale nabeTastic buqale ngoMandulo (September) ngesikhath­i kwethulwa iphakethe elisha le- rice elihlotshi­swe ngemibala nangemidwe­bo exoxa umlando weNingizim­u Afri

ka.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa