Kufufusa isiteleka kweyamabhanoyi
USUQALILE umkhankaso wokuvuselela izinkampani zikahulumeni ezintengayo. Ekuqaleni kwaleli sonto inkampani yezindiza, iSAA, imemezele ukuthi isiqale ukubonisana nabezinyunyana mayelana nohlelo lokufukula le nkampani ukuze igcine ikwazi ukuzimela ngokwemali.
I-SAA isineminyaka iphila ngedokwe elimanzi elifunzwa wuhulumeni. Akuyona i-SAA kuphela, nenkampani ekhiqiza izikhali, iDenel SOC Ltd isanda kubika ukuthi izodayisa ingxenye yebhizinisi layo ukuze yehlise izindleko. I-Denel yakha izikhali, amabhanoyi nezinye izimoto zempi ezisetshenziswa amasosha akuleli. Iphinde ithengise umkhiqizo wayo emazweni aphesheya.
Zombili lezi zinkampani - iSAA neDenel - kulindeleke ukuba abantu baphelelwe yimisebenzi ngenxa yalezi zinyathelo. Akukacaci nokho ukuthi iyozala nkomoni e-Eskom, lapho uhulumeni usuthembise khona ukuthi izisebenzi ngeke zilahlekelwe yimisebenzi ngenxa yohlelo lokuhlukanisa le nkampani ibe yimikhakha emithathu.
Umkhakha ngamunye kuzomele ukwazi ukuzimela kwezemali. Yomithathu le mikhakha izoqhubeka ibe ngaphansi kwenkampani kahulumeni. Kuhlelwe nokuba imboni yokuphehla ugesi ivulelwe nabezinkampani ezizimele.
Lo mkhankaso wokuvuselela lezi zinkampani uwumphumela wesimo esibucayi semali kahulumeni. Lesi simo sidalwe wukwenyuka ngesivinini kwesabelomali kule minyaka ewu-10 eyedlule nokwehla kwezinga lokukhula komnotho. Ukuntenga komnotho sekudale ukwehla kwemali yentela eqoqwayo ezisebenzini, izinkampani neVAT.
Ngakolunye uhlangothi, bezilokhu zinyuka unyaka nonyaka izidingo zemali yesabelomali. Esinye salezi zidingo besiqhamuka ezinkampanini zikahulumeni. Ukuvala leli gebe, uhulumeni wenyusa imali ayiboleka kubatshalimali.
Lesi simo sesibeke leli zwe engcupheni lapho abanye abatshalimali bengashaya izishwapha zabo bahambe. Sikhuluma nje, ngenyanga eyedlule uhulumeni umemezele ukuthi uzonika izinkampani zawo eziwu-5 isamba esiwu-R36.8 billion nonyaka. Ingxenye enkulu izotholwa yi
Eskom, kulandele iSAA, iSABC, iDenel nenye inkampani yezindiza, iSA Express.
Njengoba sike sabika ngaphambilini kule ngosi, inkampani yakwaMoody’s - engenye yezinkampani ezikala amazinga omnotho wamazwe - isinqumele uhulumeni ugwayi katiki, ithi uma uhluleka wukufukula umnotho, wehlise izinga lokwenyuka kwezikweletu, izophoqeleka ukwehlisa izinga ebeka kulo isimo semali kahulumeni.
Okusemqoka kakhulu kubatshalimali ababoleka uhulumeni inkece, wumsebenzi wazinkampani ezifana neMoody’s wokubeka esikalini isimo semali yawo. Lezi zikalo ziba yinkomba kubatshalimali yokuthi bangayitshala noma qha imali yabo.
Lezi zikalo ziphinde zibe nomthelela omkhulu enanini lenzalo abatshalimali abafuna uhulumeni ubakhokhele lona.
Yingakho nje uNgqongqoshe wezeMali, uMnu Tito Mboweni, esecashunwe kaningi ethi uma izinkampani zikahulumeni zehluleka wukuzigayela elazo idokwe, kumele zivalwe.
Mayelana neSAA, uMnu Mboweni useke waphawula ukuthi izindodla zemali uhulumeni osuzinike le nkampani, kumele ngabe zifakwa ezinhlelweni zokuthuthukisa ezokuthutha umphakathi. Abantu abahamba ngezindiza badla izambane likapondo.
Ibamba lomphathi weSAA, uNkz Zuks Ramasia, limemezele ukuthi iSAA isitshele izisebenzi zayo eziwu-5 146 ukuthi iphezu kohlelo lokuzivuselela, okungase kube nomthelela wokuba ezinye zazo zilahlekelwe yimisebenzi.
Uchaze isimo sale nkampani kwezemali njengesibi kakhulu. Lolu hlelo ngeke luthinte amathole ale nkampani, okuyiMango, yiAir Chefs (eyenza ukudla okudliwa ngabandizayo) neSouth African Airways Techinical (SAAT) - okuyinkampani yomakhenikha bamabhanoyi.
I-Denel ibike ngenyanga edlule ukuthi izodayisa ithole layo elakha izingxenye zamabhanoyi. Lokhu kuwumzamo wale nkampani wokunciphisa izindleko zayo ukuze ikwazi ukuzimela ngaphandle koxhaso lwemali ephuma kuhulumeni. I-National Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) neSA Cabin Crew Association - emele izisebenzi ezihamba nezindiza (ngaphandle kwabashayeli bazo) - sezimemezele ukuthi abaphathi beSAA kabazange bathintane nazo ngaphambi kokwenza isimemezelo esithinta ukulahlekelwa kwezisebenzi yimisebenzi. Abaphathi beSAA bathi zabizwa emhlanganweni izinyunyana kodwa zangathumela muntu.
Inyunyana yabashayeli bezindiza yona isihlele umhlangano nebhodi yakwaSAA lapho ithi izokwethula khona izimfuno zayo okubalwa ukuba le nkampani iqoke umphathi onolwazi olunzulu ngokusebenza kwezinkampani zezindiza.
Le nyunyana isichaze iSAA njengebhakede elivuzayo, yathi amalungu ayo asekhathele wukulokhu ecelwa ukuba athumele amanzi ngezinkomishi kuleli bhakede. Ngalokhu, ichaza ukuthi uma iSAA isenkingeni, izisebenzi zayo ziyacelwa ukuba nazo zibophe amabhande ukuze kuvuselelwe le nkampani.
Lokhu kuhilizisana ngamazwi zisuka nje, kuyinkomba yohambo oluzoba nezihibe, ikakhulukazi kwaSAA. Kulindeleke ukuba abezinyunyana bangene umgwaqo, babhikishe, balwe nalolu shintsho oluhlongozwayo. Abezinyunyana ezifana neNumsa, besaba ukuthi uma beluvumela lolu shintsho oluhlongozwa yiSAA, kungase kwenyuse amathemba kuhulumeni ukuthi lungenzeka nase-Eskom.
Noma uhulumeni usuthembise ukuthi uzokwenza konke okusemandleni awo ukuba izisebenzi zaseEskom zingalahlekelwa yimisebenzi, ongoti bathi kuzobanzima ukufeza lesi sethembiso.
Lokhu kudalwa wukuthi impumelelo yezinyathelo okumele zithathwe ukuvuselela i-Eskom idinga ukuba kwehliswe isibalo sezisebenzi njengenye yemizamo yokwehlisa izindleko zale nkampani. Bakhomba ukuvalwa kweziteshi ezikhiqiza ugesi esezindala.
Bathi uhulumeni ngeke ukwazi ukudala amanye amathuba emisebenzi yezisebenzi ezikulezi ziteshi, uphinde uphumelele emizameni yawo wokuvuselela i-Eskom. Lokhu kuyinkomba yohambo olunzima olusazohanjwa wuhulumeni kaMengameli Cyril Ramaphosa kule minyaka emine ezayo.