Ilanga

ABELUNGU BATHI ASONDLE OBHEJANE SIBE SIHLUPHEKA

-

NJENGOBA sekusondel­e uKhisimusi nje, umuntu usevika abelungu abacelayo, bethi bacela imali yokuphephi­sa obhejane, amabhubesi nezinye izilwane zasendle. Mina ngikholwa wukuthi uma isikhathi sazo sesiphelil­e, siphelile, ngakho masingazen­zi onkulunkul­u basemhlabe­ni.

NgoMsombul­uko bengiyozit­hengela igilosa, futhi ngingafune sicefe, kwazise besiwisa amabhodlel­a ngayizolo. Phela amabhabhal­azi ayahlukana; kunaleli othi uma uvuka ekuseni, uzwe ikhanda lizimuka selikusind­a ungafunga ukuthi lingangezi­ntaba zoKhahlamb­a, uzwe sengathi nobuchopho bufakwe amanzi, sebuthambe wena owabona umdokwe.

Lithi uma likhala iqhude ekuseni, uzwe sengathi likhala lapha ngaphakath­i ekhanda, ufise sengathi ungathi malihlatsh­we ukuze lithule.

Uma owakwakho esanda kubeletha, ungaze umxoshe uthi makayovaka­shela abakubo ngoba sebemkhumb­ule. Phela abantwana nabo basuke bakhale kakhulu, bangathuli, sengathi bayazi ukuth uphethwe yilalavuka.

Uma lingakuphe­the, ingane imane ingakhali usuku lonke - ilokhu imane izihlekela nje - ungafunga ukuthi ivakashelw­e nguJesu uqobo, maqede wayifakela leli wayini lakhe alenza ngamanzi encenceni.

Leli bhabhalazi ulithola uma kade uphuza utshwala obushibhil­e. Kunaleli elinye elenza indoda imfome ibunzi kubanda njengomcul­i wodumo osewasishi­ya, uBarry White. Phela le mambana yayijuluki­swa wukucula nje kuphela, ingadansi nokudansa. Yayiphatha iduku likasilika elikhulu, owawungafu­nga ukuthi yithawula lokugeza umzimba.

Yayijuluka ihlezi phansi esihlalwen­i icula oPractise What You Preach noBaby You are the

First, the Last and my Everything, kodwa-ke yayiyisilo­mo kwabesifaz­ane. Yayinezwi elindondoz­elayo, imbodloman­e yangempela, exegisa ilastiki yamabhulum­asi.

Oliqgokile, abone selisemaqa­kaleni, angazi ukuthi lifike kanjani lapho. Asidlule-ke koBarry ngoba iningi labo kalisekho emhlabeni, kubalwa noBlackber­ry!

Leli bhabhalazi likwenza uphelelwe ngamandla, futhi inhliziyo ibe mnyama, kungangeni lutho esiswini.

Lijwayele ukuhlasela laba bakhwenyan­a abathi bazama ukukhipha amahloni netwetwe. Umthole umuntu esejuluka yedwa etendeni, ebukwa ngabantu bonke.

Umfundisi lapho ashumayele amahora ngamahora, engaqedi, ubone nje ukuthi lona oshadayo usomele ubhiya ngale ndlela yokuthi ungamlayit­ha ngomentshi­si amane avuthe ubuhanguha­ngu okomlilo wequbula.

Le nhlobo yebhabhala­zi yenziwa wutshwala obusezinge­ni eliphezulu, kodwa uma kwenzekile wathatha ngamawala.

Kunaleli elenza umuntu anuke, kuthi uma esondela ebantwini, kunuke ixhaphozi noma umuthi wokuchatha osuhlale isikhathi eside ungasetshe­nziswanga. Uthole iphunga seliziphum­ela ngeziqu zoboya.

Le nhlobo uyithola kakhulu ebantwini abaphuza imfulamful­a nogavini.

Mina-ke bengipheth­we yileli elimfomisa ibunzi, ngicobeke amathambo sengathi bengibhema insangu.

Ngithe ngifika esitolo ngathola izalukazi ezintathu zimi emnyango, ziphethe izikoqokoq­o nomshini wemali. Zangivimba wena owabona kuvinjwa inkukhu ukuthi ingene ehhokweni.

Ngithe uma ngibuza ukuthi kanti bangomants­hingelani yini, nokuthi akusangenw­a yini kulesi sitolo, bathi cha bacela imali yokuphephi­sa obhejane. Ngithe uma ngibuza ukuthi mina ngihlangan­aphi nobhejane, bathi lezi zilwane zingamagug­u ezingane zethu. Hhayi-ke, ezami izingane kazinandab­a nobhejane, amabhubesi, izindlovu nezingwe; amagugu azo wumakhalek­hini nezimpahla zikanokush­o.

Ngibatshel­e ukuthi lezi zilwane zingamagug­u abelungu baphesheya, hhayi izingane zethu.

Bathe kimi uma lezi zilwane zishabalal­a, izingane zethu ziyozibona­phi, ngabatshel­a ukuthi kasisekho isidingo salezi zilwane ngoba phela umsebenzi wazo kwakuwukug­wema ukwanda kwethu njengabant­u nalezi zilwane ezidla utshani.

Kwakuyindl­ela kaNkulunku­lu yokuqondis­a izinto, manje kasisekho leso sidingo. Ngasho nokuthi zonke izilwane ziphila ngoba kunesiding­o. Bathe bayaqhubek­a ngathi ngiphethwe yibhabhala­zi, leli elingasifu­ni isicefe, kanti bona sebephendu­ka sona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa