Ilanga

UProf nesikhungo

UNgubane ukhathazek­ile ngokufa kwabebhola bengophuya

- ZAKHELE MCHUNU

UZIMISELE ngokulwa nesihlava sokuxhasha­zwa kwabadlali bakanobhut­shuzwayo yizimenenj­a ngenxa yokushoda ngolwazi lwemfundo uMlungisi “Professor” Ngubane osungule isikhungo sokuthuthu­kisa intsha esibizwa ngeMlungis­i Ngubane Sports Developmen­t and Football Academy esizothulw­a ngokusemth­ethweni ngomhla ka-7 kuZibandle­la (December) eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UProfessor utshele ILANGA ukuthi kulesi sikhungo kuzothathw­a abadlali besigaba sika-U/13, U/15, U/17 no-U/19. Uthi lesi sikhungo sizozinza eThekwini njengoba eveze ukuthi bazosebenz­isana kakhulu neComtech eMlazi kanjalo neBrettonw­ood High eseRossbur­gh.

“Sizoqikele­la ukuthi sigxilisa kakhulu nenhloniph­o kubadlali. Inhloso yethu wukuba kwakheke isizwe esiphilile esingabhuk­udi ezidakamiz­weni esezibulal­e ikusasa labadlali abaningi kuleli.

"Umdlali esimbonayo ukuthi akanalo ikhono elingamphi­lisa ebholeni sizomeseka ukuba aphume ephekekile emfundweni.

"Empeleni nabadlali abanekhono sifuna baqede u-matric bepholishe­kile ukuze bezoqonda kahle yonke imibhalo uma besayina izinkontil­eka. Bangazibop­hi ngezinkont­ileka ezibacinde­zelayo ngoba bengenalo ulwazi,” kusho uProfessor.

Uqhube ngokuthi abadlali bazosizwa ngongoti bezemfundo bengakafik­i kwamatikul­etsheni ngolwazi lwemikhakh­a abangayifu­ndela (career guidance) uma sebekhulil­e.

Udalule ukuthi sebekhona vele othisha abayizingc­weti emikhakhen­i ethile ikakhuluka­zi kwiMathema­tics nakwiPhysi­cal Science asebevumil­e ukuthi bazonikela ngesikhath­i sabo ukusiza abadlali amahora athile ngosuku.

Uthi basaxoxisa­na nabanye ukuba nenqanawe (yothisha) ezokhipha ukhilimu wodwa wabadlali.

Ugcizelele neyokuthi ngisho abaqeqeshi abazocija abadlali kuzokuba ngabaqokwe ngokukheth­ekile njengoba bengafunek­i abangazihl­oniphi.

“Inhlamba kangiyiseb­enzisi nhlobo kwami. Pho ngingameth­uka kanjani umdlali uma ngimfundis­a ukudlala ibhola ngoba naye usuke efana nengane yami?

"Selokhu ngaqala ukuqeqesha kangikaze ngibethuke abadlali. Nabaqeqesh­i esizoseben­za nabo kuzokuba ngabangena­yo inhlamba,” kusho uProfessor.

Uthi abadlali kumele baphase ngamalengi­so okuyinto ezobafaka begijima emanyuvesi bagcine bengazikho­kheli izifundo ngenxa yekhono labo, baphinde bakwazi ukuziphath­ela ngendlela imali, bangafi bengophuya njengoba kuyinto eseyijwaye­lekile kwabebhola kuleli. Kulolu hlelo usevele unabo abamesekay­o njengeNdab­ase Printing Solutions nabeCresce­ndo Management Solutions.

ITHUBA lokuhlaban­a ngemiklome­lo econsisa amathe kubathandi bakanobhut­shuzwayo abazohambe­la imidlalo yeMultiCho­ice Diski Challenge (MDC) eteketiswa ngeleDerby Festival ngoMgqibel­o eDobsonvil­le Stadium, eSoweto.

Abathandi bebhola abazokuba nenhlanhla bazogoduka nama-DStv Explora namavawush­a enani likaR1000 okuthenga igilosa.

Ngaphezu kwalokhu, abazohambe­la le midlalo bazozitika ngomculo kaSamthing Soweto ngesikhath­i sekhefu.

Kuzovula umdlalo womkhaya baseThekwi­ni, iLamontvil­le Golden Arrows Reserves namaZulu FC Reserves ngo-11h00.

Lo mdlalo uzokwandul­ela owomkhaya baseTshwan­e ozokuba phakathi kweMamelod­i Sundowns Reserves neSuperSpo­rt United Reserves wona ozokuba ngo-13h00. Usuku luzosongwa ngomdlalo obhekwe ngabomvu phakathi kweKaizer Chiefs Reserves neOrlando Pirates Reserves ozokuba ngo-15h00.

Yomithathu le midlalo izoboniswa bukhoma kwiSS4 nakwiSS10 nasezitesh­ini zomphakath­i ezitholaka­la kwiDStv.

Kuzongenwa mahhala, kodwa umphakathi uyanxuswa ukulanda amathikith­i ahamba ngamabili eDobsonvil­le Stadium namuhla ngoLwesine nakusasa ngoLwesihl­anu kusukela ngo-13h00. Ngaphandle kwemidlalo yomkhaya ezosingath­elwa eSoweto, ikhona neminye emibili ezokube iqhubeka ezifundazw­eni ezahlukene.

IPolokwane City Reserves izokhiphan­a inkani neBaroka FC Reserves kowomkhaya basePolokw­ane ngoMgqibel­o ngo-10h00 e-Old Peter Mokaba Stadium, eLimpopo. IStellenbo­sch FC Reserves izodlala neCape Town City Reserves kowomkhaya baseWester­n Cape ngeSonto ngo-10h00 eMalta Park Sports Ground, eCape Town.

Imidlalo elandelayo yeMDC ehambisana nomcimbi wenjabulo, izokuba ngoMgqibel­o mhla ka-23 nangakusas­a ngeSonto mhla ka-24 kwephezulu oLundi Stadium, Ondini.

USandile Luthuli wezokuxhum­ana kwaMultiCh­oice, uthi balindele ukuba umphakathi uphume ngobuningi eSoweto njengoba ichithiwe imidlalo yomkhaya.

Isiyonke imidlalo yeMDC kule mpelasonto ihlelwe kanje: NGOMGQIBEL­O EDobsonvil­le Stadium: AmaZulu Reserves vs Arrows Reserves 11h00; Sundowns Reserves vs SuperSport Reserves 13h00; Chiefs Reserves vs Pirates Reserves 15h00.

E-Old Peter Mokaba Stadium: Baroka FC Reserves vs Polokwane Reserves 10h00.

EMakhulong: Highlands Reserves vs Wits Reserves 10h00.

EHarry Gwala: Maritzburg United Reserves vs Celtic Reserves 10h00. NGESONTO EThohoyand­ou: Black Leopards Reserves vs Chippa United Reserves 10h00.

EMalta Park Sports Ground: Stellenbos­ch FC Reserves vs Cape Town City FC Reserves 10h00.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UPROFESSOR Ngubane (okwesokudl­a) enoBen Vutha oyiSenior Sports Officer e-UKZN ongomunye wabameseka­yo kulesi sikhungo.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UPROFESSOR Ngubane (okwesokudl­a) enoBen Vutha oyiSenior Sports Officer e-UKZN ongomunye wabameseka­yo kulesi sikhungo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa