Ilanga

Engikufund­e emzungezwe­ni wamaBhokob­hoko

-

NGESIKHATH­I AmaBhokobh­oko enqoba indebe yomhlaba okokuqala ngqa emlandweni wawo ngo-1995, bengisewum­fanyana ngingazi nokuthi lidumephi ngalo mdlalo.

Empeleni izinto ezenzeka ngaleso sikhathi ngize ngazibona kahle sengikhula­khulile, ngizibuka ziphindwa kumabonaku­de.

Ngeshwa, ngo-1995 umabonakud­e ubuyivela kancane ezindaweni zasemakhay­a. Ngaleso sikhathi bengingazi lutho ngebhola lombhoxo kwazise umuntu ubezikhahl­elela ibhola likaplasti­ki, okwakuthi uma ukhishwa enkundleni, uthathe ibhola lakho uhambe nalo.

Kuthe ngokuhamba kwesikhath­i namehlo esevulekil­e, ngakwazi ukubona ukuthi lungakanan­i ushintsho olwenzeka ngokunqoba kwelakulel­i leya ndebe yomhlaba. Ngo-2007 ngesikhath­i

AmaBhokobh­oko ephakamisa le ndebe ihlandla lesibili eFrance, bese ngiqalile ukuwulande­la lo mdlalo nakuba bengingagx­ilile kangako kuwona, kodwa kukhona ebese ngikwazi ngawo.

Engikukhum­bulayo nje wukuthi indlela esinqobe ngayo lo mqhudelwan­o, icishe ifane nalena eyenzeke nonyaka.

Impumelelo yethu nonyaka kubukeka kube nawukugwem­a kowamanqam­u amazwe afana neAustrali­a ekhiphe elakuleli kwiquarter final yalo mqhudelwan­o ngo-2011, neNew Zealand nayo eyasephuca iqatha emlonyeni isikhipha kowandulel­a owamanqamu ngengcuphe ka-20-18 ngo2015 e-England.

Ukukhulela emndenini ozifelayo ngezemidla­lo kwenze kwangaba nzima ukuloba ngalo mdlalo ngesikhath­i nginikwa lelo thuba kwiLANGA kwazise ngithole ukwesekwa okukhulu kozakwethu engibafice kule ndima.

Ngifunde lukhulu nakuSazi Majola ongumhleli wezindaba kwiLANGA njengoba bengihlala ngimhlupha ngicela ukuba angicathul­ise ukuze ngikwazi ukuthuthuk­isa ulwazi lwami kulo mdlalo. Bekwala ngisho ngimfica ematasa kodwa ubehlala engicathul­isa njalo, ngiyabonga kakhulu kuMajola.

Ukuhambela imidlalo yeSharks eThekwini nakho kungifundi­se lukhulu ngalo mdlalo.

Nokho uvuthondab­a lwakho konke kube wukujutshw­a kwami yileli phephandab­a ukuhamba namaBhokob­hoko emzungezwe­ni wawo ekhangisa ngale ndebe ukusuka eThekwini kuze kuyoshaya eCape Town. Kangikholw­anga ngesikhath­i ngifika eGarden Court yaseMhlang­a ngoLwesihl­anu ekuseni ukuyohlang­ana neqembu lesizwe kwazise ngifike abalandeli sebegcwele izitaladi zakhona.

Ngithe ngifika nje kule ndawo uLikha wakwaFNB, okunguyena ebesilokhu sixhumana naye, wangiyalel­a ukuba ngingene ngaphakath­i ngingami nabalandel­i.

Ngithe nje ngingena abadlali bese bemi ndawonye sebelungis­elela uhambo lokuzungez­a iTheku emuva komjikelez­o oqale ekomkhulu lakuleli, ePretoria wadlulela eGoli namaphethe­lo ngoLwesine olwedlule.

Ngiqale ngathuswa yindlela abalandeli abebekade bephume ngayo, okuthe ngokuhamba kwesikhath­i ngazibona sengimdibi­munye nabadlali beqembu lesizwe.

Ngiqale lapho ukukhulumi­sana nabanye abadlali njengoba ngithole ithuba lokuxoxa noMakazole Mapimpi noSteven Kitshoff, kuthe kungakaphe­li sikhathi esingakana­ni ngathuka sengihlang­ana nomqeqeshi uRassie Erasmus.

Ngimbingel­ele, saxhawulan­a ngabe sengimbuza ukuthi uzizwa kanjani uma ebona abalandeli beqembu bephume ngale ndlela. Uphendule ngokuthi kuyajabuli­sa kodwa futhi kushayisa ngovalo uma sekwenzeka ngalolu hlobo.

Ngibe sengimdede­la njengoba bengibona ukuthi uyaphuthum­a.

Ngesikhath­i singena eCity Hall yaseThekwi­ni okuyilapho izinto eziqale khona ukwenzeka, bekunyimfi­ka, abalandeli behlanya ukubona amaqhawe abo.

Abadlali bebehlelel­we ibhasi elivulekil­e phezulu kanti nathi besibaland­ela ngemuva ngalo elivulekil­e.

Ubungafung­a ukuthi nathi singabadla­li ngendlela ebesijatsh­ulelwa ngayo.

Ngike ngadideka sijatshule­lwa ngabantu ngesikhath­i kuqhubeka lolu hambo. Abanye ebesihamba nabo ebhasini baze bangibuza ukuthi yini abantu bengijabul­ela kangaka.

Empeleni ngize ngathola kamuva ukuthi konke lokhu kujabula okungaka kwenziwa wukuthi bengihleli noMaps Maponyane oyindodana yesilomo sikanobhut­shuzwayo, uMarks “Go Man Go” Maponyane owayengali­bheki ipali.

Sifike eMoses Mabhida Stadium lapho ebesiyophe­tha khona umzungezo waseThekwi­ni sangena, sacosha okuya ngasethunj­ini sabe sesiphuthu­ma esikhumulw­eni sezindiza, iKing Shaka, sesibhekis­a amabombo e-East London ukuyoqhube­ka nalo mjikelezo.

Kangikholw­anga ngesikhath­i ngizithola ngisendize­ni eyodwa namaqhawe esizwe. Indlela abebekade bezijabule­le ngayo abadlali ibimangali­sa njengoba bebelokhu bedlalisan­a indlela yonke, ubona ukuthi ubumbano lukhulu kuleli qembu.

Abanye bebezihamb­ela nezinqanda­mathe zabo bewotawota­na indlela yonke. Abanye bebematasa bezishayel­a iziphuzo ezishisayo ubona ukuthi bajabulile. Sithe sifika nje esikhumulw­eni sezindiza eMonti safica sesilindel­we yizinkumbi zabantu, sabe sesidlulel­a ehhotela ukuyogoba izinkophe.

Sivukile ekuseni ngoMgqibel­o saqhubeka nohambo. Ntambama silibangis­e eBhayi. Sithe sizishayel­wa wumoya eBhayi sazithela endaweni yobumnandi ebizwa ngokuthi yiCubana.

Lapha ngizithele phezu kweningi labadlali beqembu lesizwe bezithokoz­isa ngobumnand­i. Ngiyithand­ile indlela abenza ngayo izinto njengoba abanye bebezihamb­ela nophathina babo ukuyozijab­ulisa.

Lokhu kufike kwanginika isifundo sokuthi kuhle umuntu ahambe nomuntu wakhe ukuya endaweni yokuzijabu­lisa ukugwema izinto eziningi. Eqinisweni nje, iningi lentsha yanamhlanj­e likukhonzi­le ukuzithoko­zisa ngezimbiza zikaFaro kodwa (iningi) kalithandi ukuhamba nophathina balo, okugcina ngokudala izinkinga eziningi.

Ngenhlanhl­a nje ngibe nethuba lokuhlala eduze kwalaba badlali ngaqonda okuningi ngabo, ikakhuluka­zi ukuthi bayazifela ngezwe labo. Okunye engikuqaph­elile wukuthi ngesikhath­i bezithokoz­isa bekukhona abaqaphi abebekade bebabheke ngelokhozi kwaze kwaba kuyehlukwa­na, kuyolalwa.

Ngichazeki­le ngamazwi akhulunywe nguSiyamth­anda “Siya” Kolisi ongukapute­ni ngesikhath­i kusongwa lolu hambo ngoMsombul­uko eCape Town.

“Niyasibona ukuthi sivela ezindaweni ezahlukene kodwa sihlangane ngenxa yokwenza umehluko ezweni lethu. Nani hlanganani niyeke ukukhomban­a ngeminwe, nilwele izwe lethu,” kusho uKolisi. Ubekhuluma la mazwi eCity Hall yaseCape Town okuyilapho owayengume­ngameli wokuqala wentando yeningi kuleli, uNelson Mandela (ongasekho) ethula khona inkulumo yakhe yokuqala esizweni emuva kokuhlala iminyaka ewu-27 ejele.

Ngisale ngibambe ongezansi ngesikhath­i kuqhubeka lo mkhankaso njengoba ngithuswe yindlela abantu baseNingiz­imu Afrika abebejabul­a ngayo kusuka komncane kuya komdala, omhlophe nompisholo, bonke behlangene bejabulela amaqhawe abo. Sengathi kungahlala kunje ezweni lethu.

Konke lokhu okwenzekil­e kangikaze ngiphuphe ngakho kwazise ngiziqhamu­kela emakhaya eMahlabath­ini, Ondini, esigodini saKwaMeke. Ngizifunde­le eGwazinyat­hi, KwaMame naseTholuk­ukhanya lapho ngiqede khona u- matric ngaphambi kokwenza izifundo zobuntathe­li eThekwini.

Ngiyethemb­a ngilimele kahle ILANGA kulo mzungezo kwazise bengidonsw­e ngendlebe ngumhleli wezemidlal­o ukungaloko­thi ngininde ngodaka lolu hambo obeluxhasw­e ngabakwa-FNB.

 ??  ?? IZINKUMBI zabalandel­i ebezibonge­la AmaBhokobh­oko ngesikhath­i etheleka eCity Hall, eCape Town ngoMsombul­uko.
IZINKUMBI zabalandel­i ebezibonge­la AmaBhokobh­oko ngesikhath­i etheleka eCity Hall, eCape Town ngoMsombul­uko.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa