Ilanga

Udalula ubunzima obubhekane namaBoks

Kujikwe izinhlelo ngemizuzu yokugcina ngowamanqa­mu

- NHLANHLA HUDLA

UDALULA ubunzima ababhekane nabo ngaphambi komdlalo wamanqamu wendebe yomhlaba yebhola lombhoxo u-Aled Walters ongumqeqes­hi obhekene nokugcina abadlali bamaBhokob­hoko beqatha.

Sekuwumlan­do ukuthi elakuleli liguqise i-England ngo-32-12 kowamanqam­u wale ndebe emasontwen­i adlule eJapan. UWalters ukhulume naleli phephandab­a ngesikhath­i kunomjikel­ezo wokubungaz­a le nkomishi eyenze ubumbano olukhulu esizweni sakuleli.

“Kusisebenz­ele kakhulu ukufika kusenesikh­athi eJapan kwazise sikwazile ukuqala amalungise­lelo ngesikhath­i. Bekungelul­a kodwa sikwazile ukuzuza okuningi. Eqinisweni kasikaze sicabange ukuthi singahlang­ana ne-England kowamanqam­u. Sasilindel­e ukuthi sizobhekan­a neNew Zealand kuwona.

“Kakubanga lula ukulungise­lela umdlalo wamanqamu njengoba sasinovalo ngendlela i-England eyakhipha ngayo iNew Zealand. Kangifuni ukuqamba amanga ngangesaba ngaphambi kokuqala komdlalo wamanqamu kwazise i-England yasebenzis­a itshe lemali ilungisele­la le midlalo.

“Kudingeke ukuba sihlale phansi nabadlali ukuze siphume neqhinqa lokunqoba lo mdlalo. Sisizwe kakhulu wukuzethem­ba kubadlali bethu okwenze sakwazi ukuphumele­la lo mdlalo. Osekusele njengamanj­e wukuba siqhubeke sisebenze kanzima ukuze sigcine umgqigqo wethu,” kusho lo mqeqeshi odabuka eWales.

Kuzo ezebhola lombhoxo, uMengameli weSouth African Rugby Union ( Saru), uMark Alexander uxolisile kubalandel­i bezingxeny­e ezithile eThekwini nasePort Elizabeth abagcine bengalitho­langa ithuba lokubona amaqhawe abo ngesikhath­i kuba noshintsho ngemizuzu yokugcina ngzinye izindawo.

Nokho uthembise ukuthi esikhathin­i esizayo bazokwenza izinhlelo zokuhambel­a izindawo ezithile ukuqhuba lo mjikelezo obe yimpumelel­o.

 ??  ?? U-ALED Walters ongomunye wabaqeqesh­i bamaBhokob­hoko uthi kube nzima ukulungise­lela umdlalo wamanqamu weNdebe yoMhlaba ne-England.
U-ALED Walters ongomunye wabaqeqesh­i bamaBhokob­hoko uthi kube nzima ukulungise­lela umdlalo wamanqamu weNdebe yoMhlaba ne-England.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa