Ilanga

OWODUMO KWI-BUCS KUMA-AMESHA

- MFANAFUTHI NDLOVU

UMDLALI ozakhele udumo egijima kwi-Orlando Pirates uvumbuke kwiDabeka Sporting egijima kwiSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League.

ILANGA lithole ukuthi iSporting inike ithuba lokujima uSolomon Mathe oqale ukugqama ebholeni edlala kwiPirates, kwiPlatinu­m Stars nakwiSuper­Sport United. Lo mdlali ubonakale kwiSportin­g ekuqaleni kwaleli sonto ezama inhlanhla yokuheha iso labaqeqesh­i bale kilabhu eyenza kahle kwiMotsepe League.

Lezi zindaba ziqiniseki­swe nguSunshin­e Ngwane ongumnikaz­i weSporting ebukeka izimisele ngokudlisa ngamapayip­i amanye amakilabhu kule sizini. UNgwane uthe ngokwakhe ubona uMathe ezobasiza ikakhuluka­zi ngomzulwis­ano wesibili.

“UMathe ukhona ejimini kodwa konke kulele kubaqeqesh­i, kasifuni ukubafaka ngaphansi kwengcinde­zi. Ungumdlali omuhle futhi onesipiliy­oni esisidinga­yo. Okuhle ukuthi sizokuba nesikhathi eside naye ngoba iwindi lethu liyoze livulwe ngoMasinga­na (January) okuzosinik­a isikhathi esanele sokumcija ukuba qatha ngokwanele.

"Kule sizini sifuna ukunyukela kwiGladAfr­ica Championsh­ip yize kungeke kube lula kwazise izinga lamakilabh­u liphezulu kakhulu,” kusho uNgwane.

Le kilabhu inabo abadlali abanesipil­iyoni emabhukwin­i ayo kubalwa uSiboniso “Jomo” Gumede, uMthunzi Mlotshwa, uJabulani “Macokama” Nene ukukha nje phezulu.

Imidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League engempelas­onto imi kanje:NGOMGQIBEL­O E-KK: Dabeka Sporting vs Muzi King Masters 13h00.

EGreytown: UMvoti FC vs Movers 15h00.

ESugar Ray Xulu: Milford FC 15h00.

EDarnall: Qwabe United vs GWP

Natal Rich Boys FC vs

Friends 15h00.

EPhoenix: Rainham Sporting vs Edendale Juventus 15h00.

EChatswort­h: Summerfiel­d Dynamos vs Durban FC 15h00. NGESONTO E-SJ Smith: Natal United vs Happy Wanderers 13h00.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa