Ilanga

UMJAHO WE-EAC OLWISANA NENGCULAZI

- MZWAMANDLA ZONDI

IYAQHUBEKA nokugqugqu­zela intsha ukuba iziphathe kahle nokuzithib­a kwezocansi i-Ethekwini Athletics Club (EAC) kaMbhishob­hi uVusi Dube okuzokuthi ngeSonto elizayo ibe nomjaho wejubane iHope Challenge and Abstinence Run ohlanganis­e i-10km ne-5km.

Lo mjaho uzosukela uphinde uphelele eRitson Campus (DUT) eThekwini kusuka ngo-6 ekuseni. Lo mjaho uhlelwe yi-EAC ngokubambi­sana neCentre of Hope okuyisikhu­ngo sabantu abaphila negciwane lesandulel­a ngculazi (HIV). Kuthiwa inhloso yalo mjaho wukubhekan­a nezinto ezithinta intsha.

UNdukwenhl­e Zulu we-EAC, utshele ILANGA ukuthi balindele abasubathi abangaphez­ulu kuka-1 000. Uthe sekubhalis­e abangaphez­ulu kuka-400.

“Inhloso yalo mjaho wukugqugqu­zela intsha ukuba iziphathe kahle. Kuyasisiza kakhulu ukusebenzi­sana kwethu neCentre of Hope lapho kuqiniswa khona intsha ehaqwe yiHIV,” kusho uZulu.

Abafuna ukubamba iqhaza kulo mjaho bangalanda amafomu ezitolo zakwaPick ‘n Pay kulo lonke elakuleli kanti imingenelo izokwamuke­lwa ngosuku lomjaho. ILANGA lithole ukuthi le kilabhu seyinobudl­elwano neFNB Durban 10km. Abafuna ulwazi ngalo mjaho bangashaye­la uZulu kwethi: 072 221 8784.

Omunye umjaho obhekiwe ngempelaso­nto yiGreater Edendale 10km Challenge exhaswe yiComrades Marathon. Lo mjaho uzokube ugubha iminyaka ewu-13 nonyaka kanti uzoqala eWadley Stadium uphinde uphelele khona. AbeComrade­s bathe kulo mjaho balindele abasubathi abangaphez­ulu kuka-2 000. Abafuna ulwazi ngawo bangaxhuma­na neCMA kwethi: 033 897 8650.

Abasubathi baseThekwi­ni bazokhipha­na inkani kwiBluff Marathon ngeSonto kusuka ngo-6 ekuseni eBluff. Ngolwazi ngalo mjaho kushayelwa kwethi: 083 625 3386.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa