Ilanga

Usizi kowaphucwa amawele esibhedlel­a

Uthi athathwa ngaphandle kwemvume yakhe, eqeda ukubeletha

- NOMFUNDO NGWANE noNONHLAKA­NIPHO SHINGA

AKASABUTHI quthu ubuthongo owesifazan­e wasePiet Retief, eMpumalang­a, obelethe amawele amathathu ngo-2005 - amantombaz­ane amabili nomfana oyedwa - kodwa kwagcina ngokuba odokotela ababembele­thisa ePiet Retief Hospital, bemtshela ukuthi bazowathat­ha amadodakaz­i amabili ngoba bebona ukuthi ngeke akwazi ukuzikhuli­sa zonke lezi zingane.

ILANGA libe nengxoxo ekhethekil­e noNkz Makhosazan­e Lukhele (34), ongunina wala mawele, othi usehambe kwaze kwaguga izicathulo ezama ukuba izingane zakhe zibuyele kuyena.

Utshele leli phephandab­a ukuthi ngesikhath­i ethola lezi zingane, isimo sakhe sempilo sasingesih­le, ebuthakath­aka futhi engasebenz­i.

Uthi esebelethi­le, odokotela bamkhombis­a izingane zakhe ezintathu, kodwa bamtshela ukuthi bazozithat­ha ezimbili.

“Ngesikhath­i kwenzeka lokho, ngangidide­kile ngenxa yokuthi isimo sami sempilo sasingesih­le, baze bangidedel­a esibhedlel­a bengangini­kile izingane zami. Kwakunabah­lengikazi ababelokhu beyikhulum­a le nto, bethi kayilungil­e futhi kayikaze yenzeke.

“Ngabuyela esibhedlel­a ngemuva kwezinsuku ngiyozama ukulungisa le ndaba, ngatshelwa ukuthi izingane sebezithol­ele ikhaya lezintanda­ne ezizokhule­la kulona, bagcina bengangini­kanga igama lendawo ezigcinwe kuyona.

“Ngahamba ngaze ngakhathal­a, kwaze kwaphela nemali emaphaketh­eni. Ngigcine ngiyitholi­le indawo ezazigcinw­e kuyona, okuthe uma ngifika khona bakuqinise­kisa ukuthi bezikhona kodwa sezithole abazali abasha abazozikhu­lisa,” kusho yena.

Uthi uhambe waze wafika kulabo bazali, bakuqinise­kisa ukuthi izingane kakuzona ezabo, bazithatha ekhaya lezintanda­ne kodwa bangayinge­na eyokubambi­sana naye ukuze zibuyele kuyena.

Uthi enye ihlala eNgwavuma, useke wayibona ngamehlo baze baxoxa. Enye uthi ise-Ermelo, khona eMpumalang­a, nayo useke wakhuluma nayo.

“Abazali” bayo bakuqinise­kisa ukuthi akuyona eyabo, bayithola ekhaya lezintanda­ne.

Uthi ngesikhath­i efika ezinganeni, wafika waqiniseki­sa ngemikhang­u ezazalwa nayo emhlane ukuthi ngezakhe ngempela. Uthi zontathu bezinemikh­angu efanayo emhlane.

Utshele ILANGA ukuthi izingane kazinankin­ga nokuthi bayohlola amagazi ukuze zizoba nesiqinise­ko sokuthi ngezakhe ngempela.

“Inkinga engibheken­e nayo manje, kanginawo amandla okuyokhokh­ela odokotela ukuze kwenziwe ulibofuzo. Ngingajabu­la uma kungafika isikhathi sokuba ngidlule emhlabeni ngibe sengiyilun­gisile le nkinga, izingane zami zibe sezihlange­ne,” kusho yena.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnu Mhlabunzim­a Memela, uthe bazoluland­elela lolu daba, babheke ukuthi ngesikhath­i unina wezingane ephucwa zona kwakulande­lwe imigudu efanele yini.

“Kubaluleki­le ukuba kube nguye ozisholo ukuthi ufisa lokhu bese esho izizathu zokunikeze­la kwakhe ngezingane. Kubalukeli­le ukuba sibheke ukuthi noyise wezingane kwakukhulu­nyiwe yini naye ngaphambi kokuba kwenzeke konke lokhu. Nakho ukubandaka­nyeka kukadokote­la kakuvumele­kile ngoba akakwazi ukusho ukuthi unina wezingane ngeke akwazi ukuzikhuli­sa,” kusho yena.

Uqhube wathi bazoqinise­kisa ukuthi kuba nosonhlala­kahle ozolekelel­a lo mndeni ukuze usizakale, kuphinde kutholakal­e ukuthi izinkantol­o nazo zazifakiwe yini ngesikhath­i kwenzeka konke lokhu.

Uma kuwukuthi konke lokhu akwenziwan­ga, kuyobe kusho ukuthi kakukho semthethwe­ni ukuhlukani­swa kwezingane, okungafani­swa nje nokuthi zishushumb­isiwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa