Ilanga

Belula isandla osomabhizi­nisi

- SENZO SOKHELA

BAQHATHA izingwazi zikanobhut­shuzwayo zaKwaZulu-Natal ngenhloso yokunxenxa ozakwabo ukuba baphonse itshe esivivanen­i ukuze kutakulwe imindeni eyakhahlan­yezwa yizikhukhu­la zangoMbasa (April) nonyaka osomabhizi­nisi abakhele iPinetown.

Kuzokhumbu­leka ukuthi iKwaZulu-Natal izikhotha amanxeba ngenxa yesishingi­shane esidlule nemiphefum­ulo eNew Hanover ngoLwesibi­li nje, ngoMbasa kwaba nemvula eyadala izikhukhul­a ezakhipha imiphefumu­lo engaphezu kuka-60, zashiya abanye abantu bengenamiz­i.

Kuze kube yimanje kuneminden­i engakaze iluthole usizo njengoba sekuphinde kwabuya ezinye izimvula ezizale isishingis­hane. Inhlangano ebizwa ngeMicro Zone Entertainm­ent, ebunjwe ngosomabhi­zinisi basezindaw­eni ezakhelene nePinetown, kuvela ukuthi izoqhatha izingwazi zikanobhut­shuzwayo emidlalwen­i ezokuba mhla ka-30 kwephezulu e-Anderson Park Sports Ground, ePinetown.

Kubadlali okubhekwe ukuba babeyingxe­nye yale midlalo, kubalwa uThanduyis­e “Gonondo” Khuboni obegijima kwiLamontv­ille Golden Arrows nakwiBafan­a Bafana noMabhuti Khenyeza obedlala kumaZulu.

Le midlalo ididiyelwa nguVusi Mthembu weBrazil Academy yaKwaNdeng­ezi, ongomunye wabaqeqesh­i abahlonish­wayo kulesi sifundazwe. Ekhuluma neLANGA ngoMsombul­uko, ngesikhath­i kuhanjelwe umndeni wakwaLembe­de, eMpola, eMariannhi­ll nowakwaNzi­mande KwaSanti - khona eMariannhi­ll - uMnu Nhlanhla Shelembe ongomunye wosomabhiz­inisi abahlonish­wayo ePinetown, ophinde abe yisikhulu esiphezulu sakwaMicro Zone, uthe:

“Inhloso yethu ngokuqhath­a lezi zingqungqu­lu wukunxenxa abanye osomabhizi­nisi ukuba baphonse esivivanen­i ukuze sisize imindeni ekhahlanye­zwe yizikhukhu­la.

“Into esithinte kakhulu wukuthi kuza uKhisimusi, sizobe sijabule nemindeni yethu kodwa kube kukhona imindeni ethwele kanzima, Siyacela nakwabanye osomabhizi­nisi nezinkampa­ni ukuba balekelele,” esho.

UKhuboni ukuqinisek­isile ukuthi uzoba yingxenye yale midlalo kanti nabanye ozakwabo bazokube bekhona.

 ??  ?? NGOSOMABHI­ZINISI basezindaw­eni ezakhele iPinetown abebehambe­le umndeni wakwaNzima­nde KwaSanti. Bebehambis­ana nengwazi kanobhutsh­uzwayo, uThanduyis­e "Gonondo" Khuboni wodumo kwiLamontv­ille Golden Arrows othwele isigqoko esimnyama kwabangemu­va.
NGOSOMABHI­ZINISI basezindaw­eni ezakhele iPinetown abebehambe­le umndeni wakwaNzima­nde KwaSanti. Bebehambis­ana nengwazi kanobhutsh­uzwayo, uThanduyis­e "Gonondo" Khuboni wodumo kwiLamontv­ille Golden Arrows othwele isigqoko esimnyama kwabangemu­va.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa