INSELELO YAMA-BOKS KWIBAFANA BAFANA
IMPUMELELO yamaBhokobhoko anqobe iNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo maqede kwabumbana isizwe saseNingizimu Afrika sekuphonsele inselelo iBafana Bafana ukuzama ukuhamba ezinyathelweni zawo ngokwenza kahle emidlalweni yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba ngonyaka ozayo eCameroon. Ngo-1995 AmaBhokobhoko anqobe indebe yomhlaba okokuqala ngqa kuleli, kwathi ngo-1996 iBafana ebicijwa nguClive “The Dog” Barker yadla ubhedu kwi-Afcon ebikuleli, yaphinda yangena okokuqala ngqa emidlalweni yeNdebe yoMhlaba ebiseFrance ngo-1998 okuyinto eyajabulisa isizwe. Yilo mlando owenza neBafana yamanje ithole ugqozi kule mpumelelo yamaBhokobhoko enqobe le nkomishi muva nje ehlula i-England kowamanqamu eJapan. IBafana izobhekana neGhana namuhla ngoLwesine ngo21h00 ekuhambeni e-Accra, bese igadulisana neSudan ngeSonto ngo-15h00 e-Orlando Stadium, eSoweto. UMolefi Ntseki ocija iBafana, uthi nakuba le midlalo izokuba nzima kodwa bazimisele ukubuya nemiphumela emihle, bangadungi umoya wenjabulo osavunguza kuleli emuva kokunqoba kwamaBhokobhoko. URonwen Williams ongunozinti weBafana, uzwakalise ukuthi usenokuzethemba okukhulu akholwa wukuthi kuzosebenzela isizwe kule midlalo. “Ukuba yingxenye yalesi sikwati eminyakeni ewu-6 edlule sekwenze ngabaqonda kahle abadlali abaningi baso okwenza ngingabi nazinkinga ezintini. Sesixhumana kalula. "Ngibheke ukwenza kahle kakhulu kule midlalo,” kusho uWilliams. UThulani Ngwenya ongudokotela weBafana, uveze ukuthi nakuba bekhona abadlali abanokuthinteka kodwa yinto engatheni. ULebo Manyama ubizelwe ukuvala isikhala sikaThemba Zwane olimele. Umdlalo weBafana neSudan uzokhonjiswa bukhoma kwiSABC 1 kanti oweGhana silobe lingakatholakali igunya lokuba usakazwe kuleli. “
Ngibheke ukwenza kahle kakhulu kule midlalo...