Ilanga

INSELELO YAMA-BOKS KWIBAFANA BAFANA

- MFANAFUTHI NDLOVU

IMPUMELELO yamaBhokob­hoko anqobe iNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo maqede kwabumbana isizwe saseNingiz­imu Afrika sekuphonse­le inselelo iBafana Bafana ukuzama ukuhamba ezinyathel­weni zawo ngokwenza kahle emidlalwen­i yokuhlunge­la i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba ngonyaka ozayo eCameroon. Ngo-1995 AmaBhokobh­oko anqobe indebe yomhlaba okokuqala ngqa kuleli, kwathi ngo-1996 iBafana ebicijwa nguClive “The Dog” Barker yadla ubhedu kwi-Afcon ebikuleli, yaphinda yangena okokuqala ngqa emidlalwen­i yeNdebe yoMhlaba ebiseFranc­e ngo-1998 okuyinto eyajabulis­a isizwe. Yilo mlando owenza neBafana yamanje ithole ugqozi kule mpumelelo yamaBhokob­hoko enqobe le nkomishi muva nje ehlula i-England kowamanqam­u eJapan. IBafana izobhekana neGhana namuhla ngoLwesine ngo21h00 ekuhambeni e-Accra, bese igadulisan­a neSudan ngeSonto ngo-15h00 e-Orlando Stadium, eSoweto. UMolefi Ntseki ocija iBafana, uthi nakuba le midlalo izokuba nzima kodwa bazimisele ukubuya nemiphumel­a emihle, bangadungi umoya wenjabulo osavunguza kuleli emuva kokunqoba kwamaBhoko­bhoko. URonwen Williams ongunozint­i weBafana, uzwakalise ukuthi usenokuzet­hemba okukhulu akholwa wukuthi kuzosebenz­ela isizwe kule midlalo. “Ukuba yingxenye yalesi sikwati eminyakeni ewu-6 edlule sekwenze ngabaqonda kahle abadlali abaningi baso okwenza ngingabi nazinkinga ezintini. Sesixhuman­a kalula. "Ngibheke ukwenza kahle kakhulu kule midlalo,” kusho uWilliams. UThulani Ngwenya ongudokote­la weBafana, uveze ukuthi nakuba bekhona abadlali abanokuthi­nteka kodwa yinto engatheni. ULebo Manyama ubizelwe ukuvala isikhala sikaThemba Zwane olimele. Umdlalo weBafana neSudan uzokhonjis­wa bukhoma kwiSABC 1 kanti oweGhana silobe lingakatho­lakali igunya lokuba usakazwe kuleli. “

Ngibheke ukwenza kahle kakhulu kule midlalo...

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI weBafana Bafana, uRonwen Williams.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UNOZINTI weBafana Bafana, uRonwen Williams.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa