Ilanga

INJABULO KWABE-IFP BAMUKELWA ELIMPOPO

- SAZI KASIPHO MAJOLA

UGQUGQUZEL­A ukuba kungalalwa kodwa kusetshenz­we kanzima ukulekelel­a umphakathi waseNingiz­imu Afrika wonke ngothi lwawo ngosizo oluzowenza uhambisane nezobuchwe­pheshe besimanje njengoba kungena “undamathiy­a” (4th Industrial Revolution) uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosin­i Hlabisa.

Lokhu ukusho izolo ngeSonto engxoxweni yakhe neLANGA emuva kokuphothu­la uhambo lwezinsuku eziwu-5 lokuyolale­la izinkinga zabantu eLimpopo, futhi abakhuthaz­e ukuba baqome i-IFP njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya ngo-2021, oluyolanyw­a ngolukazwe­lonke ngo-2024.

UMnu Hlabisa uveze ukuthi kabakholwa­nga yindlela abemukelwe ngezandla ezifudumel­e ngayo kulesiya sifundazwe. Kulolu hambo ubehambisa­na nobuholi obuphezulu be-IFP. Uthi ngesikhath­i eqokwa ukuhola leli qembu ngoNcwaba (August) nonyaka, bazibekele umgomo wokuthi i-IFP igcwale iNingizimu Afrika yonke.

“Besiyovula amasango eLimpopo ukuze lesiya sifundazwe sibe yikhaya le-IFP. Sibonane nabantu ubuso nobuso, sahambela izindawo zasemakhay­a ezahlukene, saya nasemadolo­bheni ukuzwa izinkinga ezibhekene nabantu bakithi.

“Bakhale ngokugqoza kwamathuba emisebenzi, wudlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane nezingane kanti osomabhizi­nisi bakhale kakhulu ngobugeben­gu obuphazami­sa amabhizini­si abo. Abanye sebecabang­a nokuwavala amabhizini­si ngenxa yobugebeng­u,” kusho uMnu Hlabisa oke waba yimeya yaKwaHlabi­sa ngekhadi layo belu i-IFP. Uthi abanye abantu bakhale ngokuthi ukuhlinzek­wa ngezidingo­ngqangi kusezingen­i eliphansi ngendlela emangalisa­yo komasipala bakulesiya sifundazwe njengoba kunezindaw­o osekuphele izinyanga izakhamizi amanzi ziwezwa ngendaba.

“I-IFP njengeqemb­u lezixazulu­lo, elingaphil­i ngokugxeka, sishiye abaholi bethu baseLimpop­o - kwazise kasinawo amakhansel­a khona - ukuba basebenze lezi zinkinga.

“Abantu bakuthakas­ele kakhulu ukufika kwe-IFP abayibone njengethem­ba labo, kwazise abanye besebethi ngeke besavota ngenxa yokuthi uhulumeni weqembu eliphethe omasipala nesifundaz­we ubenzela phansi. Uhulumeni wanamuhla kawubalale­li abantu, uze usukume ngoba nakhu sebebhikis­ha,” kusho yena.

Mayelana nezakhiwo ezaziwusiz­o ngesikhath­i sikahulume­ni waKwaZulu, esezaphend­uka iziduli ngenxa yokungaset­shenziswa, ezinye sezalinyaz­wa, uthe: “Ukuze kwenziwe umehluko, kuvuswe nezakhiwo ebeziwusiz­o phambilini - ukuze zisize umphakathi njengoba zazakhelwe lokho - isixazulul­o wukuvotela i-IFP ngo-2021.

“Sizobanxen­xa futhi abantu ukuba bavotele leli qembu ngo-2024 ukubuyisa iKwaZulu-Natal,” kusho uMnu Hlabisa.

Izindawo ezivakashe­lwe yi-IFP kulolu hambo oluqale ngoLwesith­athu lwaze lwaphela izolo ngeSonto, kubalwa iPolokwane, Thohoyando­u, Tzaneen noMasipala wesiFunda iSekhukhun­e.

 ??  ?? BEKUWUBUTH­APHUTHAPHU amalungu e-IFP emukela izikibha zaleli qembu kumengamel­i walo, uMnu Velenkosin­i Hlabisa (ofake ikapisi elinophawu lweIFP). UMnu Hlabisa nabanye abaholi be-IFP, bebesohamb­weni lokutshala leli qembu eLimpopo kusukela ngoLwesith­athu kwaze kwaba yizolo ngeSonto.
BEKUWUBUTH­APHUTHAPHU amalungu e-IFP emukela izikibha zaleli qembu kumengamel­i walo, uMnu Velenkosin­i Hlabisa (ofake ikapisi elinophawu lweIFP). UMnu Hlabisa nabanye abaholi be-IFP, bebesohamb­weni lokutshala leli qembu eLimpopo kusukela ngoLwesith­athu kwaze kwaba yizolo ngeSonto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa