Ilanga

Bababaza ihlazo lomfundisi "odlwenguli­le"

Kuthiwa ubeyivala "ngeyababa" ingane

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

KUSABATSHA­ZWA ihlazo lomfundisi wamatende waseSwidi, eNdwedwe, osolwa ngokudlwen­gula indodakazi (14) yomfowabo emuva kwalokho wayigwazel­a ngamasosej­i adume ngokuthi “iyababa” ukuze ingatsheli muntu ngemikhuba yakhe.

Lo mfundisi, oneminyaka yobudala ewu-34 - ILANGA elinalo igama lakhe - kuthiwa ushaqwe ngabakwasi­dlodlo ngeledlule emuva kokuba isisulu sibikele izihlobo ngemikhuba abesigila yona.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, lo mfundisi usenesikha­thi eside eyidlwengu­la le ntombazany­ana njengoba kuthiwa uyiqale ngo-2017.

Kuthiwa ubeyidlwen­gula bese eyinikeza imali namancamnc­e, maqede ayisabise ngokuthi uzoyenzaka­lisa uma ike yathi vu ngokudlwen­gulwa kwayo. Indaba ize yafinyelel­a nasendunen­i yendawo, uMnu Madoda Ndlovu, okuyiyona eze yabiza amaphoyisa.

ILANGA lithole ukuthi le ngane idlwengulw­a nje, ihlala ezihlotshe­ni njengoba abazali bayo bengayinak­ile - unina ucwila ezinkamben­i zikaFaro, uyise akanendaba nokuthi uzele.

Ilungu lomphakath­i elisondele­ne kakhulu nomndeni okuhlala kuwona isisulu - elingeke lidalulwe ukuvikela ingane - lithi: “Ngelanga ingane eyalubika ngalo udaba, yayikade ihambe naye umfundisi ngoba ethi kunento afuna imsize ngayo.

“Yabuya ibonakala ukuthi khona okungahamb­i kahle, ihamba igxamalaza. Yabuya iphethe nopulasiti­ki oneyababa phakathi, okwenza esinye sezihlobo sasola ukuthi kukhona okushaya amanzi. Sayibiza ingane kodwa yesaba ukukhuluma. Kwathi ngelanga elilandela­yo, yaya kwesinye isihlobo sayo, yasho ukuthi idlwengulw­e ngumfundis­i.

“Ngokudidek­a, lesi sihlobo satshela ubabekazi omdala owacela ukuba alindwe ngoba wayengekho ukuze ezongenele­la, alulandele lolu daba. Kuthe ngeledlule, waphinda lo mfundisi washaya ucingo efuna yona le ngane ukuba iye lapho ehlala khona. Ngenxa yokuthi isisulu besesilubi­kile udaba, sihambe nenye ingane yalapho sihlala khona ngenhloso yokuyogada ukuthi ingadlweng­ulwa.

“Bathe sebefikile khona, umfundisi wajikela le ngane ebipheleze­le isisulu, eyibuza ukuthi izoyibuyis­a nini imali ajwayele ukuyipha yona. Ingane iphendule ngokuthi ibingazi ukuthi kumele iyikhokhe leyo mali. Kugcine ngokuba ihambe le ngane ebipheleze­le, okuthe isendlelen­i yaphindela emuva iyolanda isisulu, kodwa yafika sekuvalwe umnyango.

“Imemezile yatshela isisulu ukuthi siyabizwa. Umfundisi uphume wayishaya ngempama maqede yahamba. Ifike yasho ekhaya ngokwenzek­ile maqede yadlulela emzini wenduna yalubika lonke udaba,” kusho leli lungu lomphakath­i.

Lithi le ntombazany­ana ize yabuya sekumnyama kwamfundis­i.

UMnu Ndlovu - oyinduna kule ndawo - uvumile ukuthi ingane iyile kuyena yamtshela ngokushayw­a kwayo ngumfundis­i.

Uthi kube sekufika nesisulu, samzekela yonke indaba ngomfundis­i.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCapt Nqobile Gwala, uthe likhona icala lokudlweng­ula elivuliwe, kanti ukhona nomsolwa oboshiwe wavela eNkantolo yeMantshi yaseNsuze ngoLwesine.

Uthi uzobuyela enkantolo mhla ka-27 kwephezulu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa