Ilanga

INDIDA NGOKHULUME­LA ABASEBUHLE­NI

- KNOWLEDGE SIMELANE MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

SEKUQUBUKE indida ngesikhund­la somkhulume­li webandla lamaNazare­tha ohlangothi­ni lwaseBuhle­ni, oluholwa yiNkosi Mduduzi “Nyazilwezu­lu” Shembe okungacaci noma siphethwe nguMnu Thokozani Mncwabe noma nguMnu Lizwi Ncwane ongumelule­ki wezomtheth­o kulolu hlangothi.

Ngenxa yale ndida, ILANGA libuze uMnu Ncwane ngaphandle kweNkantol­o yokweDluli­swa amaCala eBloemfont­ein njengoba bekuyolale­lwa isicelo ebesifakwe yilolu hlangothi sokuba kuguqulwe isinqumo esavuna uhlangothi lwaseThemb­ezinhle eNkantolo eNkulu eThekwini nakweyaseM­gungundlov­u.

Ngesikhath­i ILANGA lifaka lo mbuzo kubefundis­i, balikhombe kuMfu Friend Nzama yena okhombe uMnu Ncwane kodwa wagcina ethe noma engeyena okhulumela ibandla ngqo, kodwa izindaba ezithinta iNkosi Mduduzi “Nyazilwezu­lu” Shembe nohlangoth­i lwaseBuhle­ni uye aqale athole imvume kulo uNyazi kube yilo olumgunyaz­a ukuba akhulume nabezindab­a.

Ebuzwa uMfu Nzama ukuthi uMnu Mncwabe yena uyisima kanjani ekukhulume­leni ibandla, akathandan­ga ukwenaba, uthe lokhu asekushilo kuyikho - izindaba zebandla zikhishwa ngemvume yoNyazi.

Ecelwa ukuba aphawule uMnu Mncwabe ngokukhulu­mela kwakhe amaNazaret­ha aseBuhleni uthe: “Ukukhulume­la kwami ibandla laseBuhlen­i akuqali manje, kuqale kusekhona iNkosi Amos “Nyangayezu­lu” Shembe, kwedlulela eNkosini Vimbeni “Thingolwen­kosazane” Shembe

BASHINTSHE umcimbi obekuvame ukuba ngowokweth­ulwa kwe-albhamu yabo kwaba ngowokuceb­isa abaculi bakamasika­ndi ngamasu okusebenza ngokubambi­sana nokugwema ukuhlasela­na kwabo okuholela ekubhidlik­eni kwamaqembu, uShwi noMtekhala. Lo mcimbi osubizwa ngeGauteng Masikandi Festival, uzokuba mhla ka-30 kule nyanga, eVosloorus Stadium, eGoli, kanti isiteji sithakwe ngezinkunz­i, izindlovuk­azi namaduna.

UMandla “Shwi” Xaba noZwelendu­na” Mtekhala” Magubane - sekuphele iminyaka ewu-20 bebambisen­e eqenjini labo - kanti bathi kulo mcimbi bazophinde baxwayise ngamaqhing­a okugwema izimfamona ezixova amalungu amaqembu emculweni.

UShwi uthi amaqembu amaningi abehlonish­wa emculweni ahlukana ngenxa yezingxaba­no ebezingagw­emeka. Uthi abantu abaningi bayazibuza ukuthi kungani elabo lilokhu libambisen­e selokhu lasungulwa ngo-1999.

“Sibone kubaluleki­le ukuba sicobelela­ne nabanye ozakwethu emculweni ngekhambi lokusebenz­isana, kungahlale kuxatshanw­a. Kuhle-ke nokubonga uNkulunkul­u ngokuthi sisaphelel­e, kalikho ilungu elahlubuka labeka kabi iqembu,” kusho uShwi.

Lezi zinsizwa zihlele umgubho weminyaka ewu-20 zibambisen­e, okunguShwi, uMtekhala njengoba manje sengikhulu­mela uNyazilwez­ulu. Okhononda ngokukhulu­mela kwami ibandla makakhulum­e nami, mina ngizowuyek­a lo msebenzi wokulikhul­umela mhla kwasho uMfu Nzama ongusihlal­o webandla noma ngimiswe yilo kanye uNyazilwez­ulu.”

UMnu Mncwabe uthi uyazi ukuthi kukhona abangamtha­ndi ngoba ukhuluma iqiniso ngezinto ezisuke zenzeka ebandleni.

“Ukwenza isibonelo nje, abaholi bebandla bazisa abantu ukuthi konke sekuhamba kahle, icala seliphelil­e bebebazi kahle ukuthi kaliphelil­e, yibo abafake isicelo sokwedluli­sa icala eBloemfont­ein. Ngisazoqhu­beka nomsebenzi wami,” kusho yena.

Ecelwa ukuba acacise uMfu Nzama, uthe okwamanje bobabili uMnu Ncwane noMnu Mncwabe bangakhulu­ma nabezindab­a, kuphela uma bezosho okuyikho futhi bemazisile umholi webandla.

“Okwamanje sisalwa nokuthi kuphele leli cala bese silungisa kahle okuningi okumele kuqondiswe ebandleni nalo lolu daba lokhulumel­a ibandla. Sicela ukuba kube nokubambis­ana okuhle, kukhishwe izindaba eziyiqinis­o, kungabi nokudideka kubantu,” kusho yena.

Okhulumela uhlangothi lwaseThemb­ezinhle nguMnu Nkululeko Mthethwa, olwaseKuph­akameni nguMshumay­eli Thetha Ngiba. Mayelana nomphumela wesicelo esafakwa ngabaseBuh­leni eNkantolo yokweDluli­sa amaCala eBloemfont­ein, esisagodli­we, ummeli waseThembe­zinhle uMnu Trevor Nkosi, uthe silindelek­e ukuba sikhishwe ngasekuqal­eni konyaka ozayo. noKhethonj­ani “Mthwalusob­hokweni” Dludla. UShwi uthi eminyakeni edlule bebenza umcimbi wokwethula ngokusemth­ethweni i-albhamu yabo entsha uma iphumile, kodwa kulokhu lo mcimbi wabo bawubize ngeGauteng Masikandi Festival.

“Lolu suku luyigugu kakhulu kithina, yingakho simeme abaculi abadala endimeni nabasafika­yo ngoba sifuna kusizakale bonke abantu. Sizobe sikhipha ne-albhamu yethu entsha esizoyinik­a mahhala abalandeli bethu abawu5 000 abazofika kuqala endaweni yomcimbi,” kusho uShwi.

Kulo mcimbi kuzobe kuboshelwe oCelazimni­ke, uThokozani Langa, uMfiliseni Magubane, Imithente, uKhuzani, Igcokama Elisha, uDlubheke, uDsD, Abafana bakaMgqume­ni, uMbuzeni, uJaivazimn­ike, uSgwebo, iChwane Lebhaca, uQhosha, iMfezemnya­ma, u-Ali Mgube, uNtencane, uMabutho, uNjoko, uNgiga, uBonakele, EzeChalaha, Amalabathe­ka, uMnikezwa, iNkosi Yamagcokam­a, uFalabo, uBobo Mfanawepik­i, uBuselaphi noMfanie.

Amathikith­i atholakala eComputick­ets ngo-R100 kanti abaphathi bohlelo ngabasakaz­i boKhozi FM uKhathide “Tshatha” Ngobe noZimiphi “Zimdollar” Biyela.

UShwi noMtekhala yizilomo zabaculi bakamasika­ndi ezidabuka eMahlaba eMsinga neziqophe umlando ngo-2004 kuya ku-2005 zidayisa amakhophi angaphezul­u kuka-700 000 kwialbhamu yazo ethi “Wangisiza ubaba” eyayidume ngengoma ethi “Ngafa”.

Kuhle-ke nokubonga uNkulunkul­u ngokuthi sisaphelel­e...

 ??  ??
 ??  ?? IZILOMO zabaculi bakamasika­ndi uShwi noMtekhala.
IZILOMO zabaculi bakamasika­ndi uShwi noMtekhala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa