Ilanga

UMNDENI UDIDEKILE KUBULAWA ILUNGU LAWO

- SKHOSIPHI MTHEMBU

UTHUKA izanya umndeni wakwaButhe­lezi eNtembiswe­ni, eMatimatol­o, emuva kokudutshu­lwa kubulawe ilungu lawo phambi kwengane yalo eneminyaka emithathu nonina wayo.

Kubikwa ukuthi uMnu Sabelo Buthelezi (24) udutshulwe engena egunjini lakhe lokulala washonela khona lapho.

UNkz Mabusi Mbeje, onguyiseka­zi kaMnu Buthelezi, uthi bewumndeni basadideki­le ukuthi ubulawelen­i.

“Le nto yenzeke ngezithuba zabo-12h00 ebusuku, ubebuya esitolo. Kuthe uma engena endlini, kwaba khona umuntu odudula isicabha wamdubula. Namanje sisadideki­le, kasazi ukuthi ubulawelwe­ni,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthi kuvulwe icala lokubulala kanti kayikaziwa imbangela yokubulawa kukamufi.

* Khonamanja­lo, sekuqubuke indida ngezidumbu ezimbili zezithanda­ni ezitholaka­le ezindaweni ezahlukene izolo ngeSonto zinamanxeb­a okudutshul­wa.

Kubikwa ukuthi isidumbu sikaNkz Zinhle Ngcobo (30) sitholwe budebuduze nasemzini wakhe KwaSawoti, eMzinto, akuphelang­a sikhathi esingakana­ni kwatholaka­la esesinqand­amathe sakhe, uMnu Kreeson Kassemath, eziMbokodw­eni.

Akucaci ukuthi babulawe ngubani nanokuthi babulawa nje bekwenzenj­ani.

UCapt Gwala uthi likhona icala elivuliwe emuva kokuba isidumbu sowesifaza­ne oneminyaka ewu-30 sitholwe sinenxeba lokudutshu­lwa emhlane.

Ukuqinisek­isile nokutholwa kwesidumbu sowesilisa sisemotwen­i, sinamanxeb­a okudutshul­wa ekhanda.

Uthi akuthathwa­nga lutho emotweni kamufi kanti amaphoyisa aKwaMakhut­ha asaphenya.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa