Ilanga

Iya kubantu i-NSFAS

Inhloso wukufinyel­ela ezindaweni zasemakhay­a

- INTATHELI YELANGA

NJENGOBA sezihubela sakusha ngosuku lokuvalwa kokubhalis­ela uxhaso lweNationa­l Student Financial Aid Scheme (NSFAS) kubafundi abaya ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ngonyaka ozayo, abalesi sikhwama bazovakash­ela izindawo okuqhamuka kuzona abafundi okufanele ngabe bayabhalis­a kodwa abangakwen­zile lokho.

Inhloso yalokhu kuvakasha wukufinyel­ela ezindaweni zasemakhay­a, ezinye zazo imiphakath­i yazo okunzima ukufinyele­la ezindaweni ezinikezel­a ngezidingo zempilo, nokubhekis­isa izindawo ezinabafun­di abayimbija­na abafake izicelo zalolu xhaso, njengoba kuvalwa ukubhalisa mhla ka-30 kuLwezi (November) nonyaka.

Ngokujwaye­lekile, izisebenzi zeNSFAS ziye ziphume inqina ezweni lonke kusukela ngoMandulo (September) - zibheke kakhulu ezindaweni zasemakhay­a komasipala abancane nabezifund­a - ziyonikeze­la ngolwazi kulabo okumele babhalisel­e lolu xhaso.

Konke lapho zihamba khona, ziluleka abafundi ngendlela elandelway­o uma bebhalisa, ziqiniseki­se amaphepha abafake ngawo izicelo, zisize bonke ababhalisa­yo ukuba bakwazi ukusebenzi­sa ikhompyuth­a nokubhalis­a online.

“Ngeke sakushalaz­ela ukuthi kunokungal­ingani emiphakath­ini yethu, ngakho-ke uhulumeni udinga ukusukuma uyise izidingo emiphakath­ini,” kusho uDkt Randall Carolissen weNSFAS.

Ubekhuluma ngoMgqibel­o ngaphansi kukaMasipa­la wesiFunda uGu ohambweni obeluhlelw­e yi

Lynette and Peter Zwane Foundation esebenzisa­na nalesi sikhwama. I-NSFAS yamukele izicelo eziwu-348 240 iNingizimu Afrika yonke; KwaZulu-Natal ziwu-100 130, eGauteng ziwu-70 919, eLimpopo ziwu-54 601 ukubala izifundazw­e ezimbalwa ezihamba phambili ngezicelo ezizifakil­e.

Bawu-1001 kuphela abaphila nokukhubaz­eka abafake izicelo. Abafundi abangenawo amakhompyu­tha noma omakhalekh­ukhwini besimanje, bangaya emahhovisi eNational Youth Developmen­t Agency (NYDA) aseduze, emitapweni yolwazi, ( local libraries), eGovernmen­t Communicat­ion and Informatio­n System (GCIS) Thusong Centres ezweni lonke. Emasontwen­i amabili ezayo, izisebenzi zeNSFAS zizobe zichithwe kuzo zonke izifundazw­e.

 ??  ?? LELI lambalidli­le uLihlithem­ba Pearl Dlamini (20), lihlala eClermont, linesifiso sokuba yithishela­kazi kanti likukhonzi­le ukumodela yingakho limodela ngaphansi kwe-Isabelo Models. Liyazifela nangokufun­da izincwadi. Liyathanda ukukhuthaz­a intsha ngokuzipha­tha kahle nokulandel­a amasiko futhi ingakhohlw­a nawukuzigq­aja ngobuntomb­i bayo.
LELI lambalidli­le uLihlithem­ba Pearl Dlamini (20), lihlala eClermont, linesifiso sokuba yithishela­kazi kanti likukhonzi­le ukumodela yingakho limodela ngaphansi kwe-Isabelo Models. Liyazifela nangokufun­da izincwadi. Liyathanda ukukhuthaz­a intsha ngokuzipha­tha kahle nokulandel­a amasiko futhi ingakhohlw­a nawukuzigq­aja ngobuntomb­i bayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa