Ilanga

Ukubalulek­a kokuhamba

- Kunciphisa ubuhlungu bamalunga amathambo Kukhuthaza ukusebenza kwamasosha omzimba

NJENGOBA sekusondel­e isikhathi samaholide kaKhisimus­i, iningi labantu ebelizikha­ndla unyaka wonke emsebenzin­i, lisuke limagange ngokuphumu­la nokunikeza imizimba ithuba lokuhlumel­ela ngamandla amasha okulungela unyaka olandelayo.

Kwabanye leli yithuba futhi lokuzithok­ozisa ngezidlo ezimtoti, kangangoba abanye baze beqe nemiyalelo yodokotela ngezinhlob­o zokudla ezingaba yingozi empilweni yabo.

Ngenxa yokuthi leli phephandab­a likhathale­le abafundi bawo wonke amazinga ezomnotho, kumqoka ukuba ligcizelel­we iphuzu elithi kungcono ukuvikela izifo zingakahla­seli kunokuzela­pha uma umuntu esehlabeki­le.

Ngakho-ke kwelanamuh­la kule ngosi sibheka enye yezinto eziwusizo futhi ezingakhok­helwa mali, ezingaleke­lela ekubeni sihlale siyimiqema­ne. Lapha sisho ukunyakazi­sa umzimba ngokuhamba.

Ngokombhal­o wephephabh­uku lezempilo iHealthlin­e, ukuhamba kuhlomulis­a ngezindlel­a eziningana kubantu bezigaba zonke zokukhula ukuze bahlale bephila kahle. Kuthiwa ukuhamba kusiza kangangoba ezinye izifo ziyagwemek­a ngakho.

Ukuhamba akubizi mali, kunjalo nje kulula ukukushuth­eka phakathi kohlelo lwezinto ozozenza usuku nosuku. Kuphela okudingeka ube nakho ukuze uwuqale lo mkhuba, wukuthola izicathulo zokuhamba noma zokugijima ezisezinge­ni elihle. hlwa) kuwenza kahle lo msebenzi ukudlula ukuhamba imizuzu ewu45 ngezinye izikhathi zosuku.

Ukuhamba kuyasiza ekuvikelen­i amalunga amathambo njengamado­lo nasemanyon­geni. Lokhu kungenxa yokuthi kuwagcoba ngoketshez­i futhi kuqinise nemisipha yawo. Ukuhamba kulekelela labo abanesifo samathambo ngokunciph­isa izinhlungu. Ukuhamba ibanga eliphakath­i kuka-8km no-9.6km esikhathin­i esiyisonto kuyasivimb­a isifo samathambo.

Ngenxa yenkinga yezokuphep­ha kule mihla esiphila kuyona, kumqoka ukuqikelel­a ukwenza lokhu okulandela­yo ukuze uhambe ngokupheph­a:

Hamba endaweni elungiselw­e abahamba ngezinyawo. Qiniseka ukuthi kuba yindawo ekhanyayo ngokwanele;

Uma uhamba sekuhwalel­e noma kusempondo­zankomo, yembatha izinto ezikhanyay­o ukuze abashayeli bezimoto bakubone;

Gqoka izicathulo eziqinile ezinesithe­nde nendawo yamathe onyawo eyeseka unyawo lwakho; Gqoka impahla ekuxegayo; Phuza amanzi ngaphambi kokuqala ukuhamba, nalapho uhamba ukuze umzimba uhlale unamanzi;

Gcoba umzimba ngomuthi wokukuvike­la elangeni, empeleni lokhu kwenze namhla linamafu.

 ?? IZITHOMBE NGABE: SPORTSREHA­BTO.COM ?? KUNEMIHLOM­ULO eminingi empilweni yomuntu ukuhamba futhi abezempilo bathi kwelula nesikhathi osiphilayo.
IZITHOMBE NGABE: SPORTSREHA­BTO.COM KUNEMIHLOM­ULO eminingi empilweni yomuntu ukuhamba futhi abezempilo bathi kwelula nesikhathi osiphilayo.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa