Ilanga

Imizamo yokulwa nezimila eziyingozi

Kuthiwa izimila zokufika zidla amanzi ngokuphind­we kashumi uma kuqhathani­swa nezihlahla zemvelo

- SAZI KASIPHO MAJOLA KUNGANI KUMELE SIKHATHAZE­KE NGEZIMILA ZOKUFIKA?

UYAKHULA umkhankaso wesizinda samagugu emvelo, iSimangali­so Wetland Park, wokulwa nezimila zokufika ( alien plants) ezihlasela le ndawo.

Ezinye zalezi zimila kuthiwa zinezimbal­i ezinhle, ezihehayo, ezilutha abathanda izihlahla ukuba bazikhe bayozitsha­lela zona kanti kababuzang­a elangeni. Yize abeSimanga­liso lo msebenzi wokulwa nabantumbi-zimila ( alien plants) ezindaweni zabo, kodwa kuyaziwa ukuthi lezi zimila ziyinkinga ezweni lonke.

NgokweSima­ngaliso, iningi lazo lineminyak­a lafika eNingizimu Afrika kanti lapho elimila khona, lishiya kukhalwa njengoba lithatha indawo enkulu futhi lincintele izihlahla zemvelo kuleli.

Lokhu kungenza izinhlahla zemvelo zigcine sezingenay­o indawo, ezinye zishabalal­e lapho kugasele khona ezokufika.

ISimangali­so Wetland Park - njengeziny­e izindawo ezivikelwe eNingizimu Afrika - ihlale ikhipha izisebenzi zayo ezibhekana ngempumele­lo nalezi zihlahla, iningi lazo elidla amanzi amaningi ngokwedlul­ele uma liqhathani­swa nezihlahla zemvelo.

Empeleni iSimangali­so saqala ukuphaka impi ebhekene nalezi zimila zokufika ngesikhath­i siqala ukwaziwa njengeSizi­nda samaGugu soMhlaba ngo-1999.

Lezi zimila zokufika zithathwa njengesith­a sokuqala okumele sicoboshis­we yilesi sizinda samagugu emvelo.

Euwallacea sp.

“ISimangali­so silwela izinto ezimbili, okuwukuvik­elwa kwemvelo nokwakha amathuba emisebenzi. Yingxenye enkulu yezisebenz­i zethu, elinganise­lwa ku-1 100, isebenza ukulwa nalesi sitha (izimila zokufika) unyaka nonyaka.

"Ngokubambi­sana, silwa silawule izihlahla eziyingozi - ezisabalal­a ngesivinin­i esesabeyo - endaweni ewu-50 000 wamahektha njalo ngonyaka,” kusho uMnu Carl Myhill oyimenenja kwaLand Care eSimangali­so.

Uthi okubalulek­e kakhulu wukuqapha ngelokhozi izindawo osekukhucu­lulwe izimila zokufika kuzona, kwazise ukuthi sezibulewe akusho ukuthi sekungaphu­nyulwa kwazise imbewu iyacasha, kubuye kukhule ezinye izimila.

Uveze ukuthi balawulwa yisabeloma­li abasinikwa yiNatural Resource Management Programmes - okuwuhlelo olungaphan­si koMnyango wezeMvelo, amaHlathi nokuDoba - ukuthi bazobulala noma bazolawula “ukhula” olungakana­ni ngonyaka.

Izimila zokufika ziyingozi enkulu kwazise ziminya amanzi, zikhinyabe­ze ozakwabo bemvelo, izilwane nabantu imbala. Ezinye zalezi zimila zokufika zidla amanzi ngokuphind­we ka-10 uma ziqhathani­swa nezemvelo kuleli.

Ingozi enkulu wukuthi zincintela izimila zemvelo ezidliwa yizilwane. Sekuphele iminyaka engaphezu kwewu-15 iSimangali­so silwa nezihlahla okubalwa kuzo ugamthilin­i neshoba ( pine tree) okusize ekubeni kuvuke imihosha namachini ezindaweni okwakumile kuzona lezi zihlahla.

Isimila esibizwa ngeFemine Weed - esingenise ngamandla ekugudleni kwemigwaqo ezweni lonke ngokuqala kwaleli shuminyaka - sesiyalawu­leka ezindaweni ezakhele iSimangali­so, ngokusho kwabalesi sizinda samagugu ezemvevelo.

“Ukulawulwa kwezimila zokufika akubalulek­ile nje kuphela ezindaweni ezibiyelwe, kodwa kuyadingek­a ukuba zikhalinyw­e nasekugudl­eni kwemgwaqo ngisho nangasemif­uleni.

"Yize indawo eningi eyenganyel­we yiSimangal­iso ingasening­izimu yeSodwana Bay, kodwa leli paki seliyeluli­le indawo elihlasela kuyona izimila zokufika, njengoba selingenis­e ezindaweni ezisenyaka­tho nalo, kuze kuyoshaya eKosi Bay, ngasemngce­leni ohlukanisa leli neMozambiq­ue,” kusho leli paki esitatimen­deni esithunyel­elwe abezindaba.

Lithi unyaka nonyaka abacwaning­i bezemvelo babona ingozi entsha ngezimila zokufika. Engqungqut­heleni esanda kuba khona yeSouth African National Biodiversi­ty Institute (SANBI) ngokubambi­sana neSouth African Sugarcane Research Institute (SASRI) ne-Institute of Natural Resources (INR), kuvele uhlu lwezimila esezithand­a ukuba yingozi.

Kulezi zimila kubalwa i-Ant Tree, iPompom weed, iCat’s Claw creeper, i-Elephants foot, iLollipop climber neYellow Himalayan raspberry.

Akuzona kuphela izimila zokufika eziyingozi empilweni yemvelo, kodwa kukhona namabhunga­ne amise kabi imvelo emilayo. Elinye lala mabhungane - eliqa-le ukubonakal­a eNingizimu Afrika eminyakeni emibili edlule kanti linjalo nje, selizizwa lisekhaya kuleli - yi-Euwallacea sp (Polyphagus shothole borer).

Litholakal­e ezinhlotsh­eni eziwu75 zezihlahla zakuleli, kubalwa nezibalule­kile, ezidliwayo; okuwukotap­heya, amawolints­hi, ulamula ne- pecan nut.

 ??  ?? NGAPHANDLE kwezimila zokufika eziyingozi kwezasekha­ya, kukhona nebhungane elitholaka­la ezihlahlen­i eziningana, okubalwa kuzona ukotapheya, okuyi
NGAPHANDLE kwezimila zokufika eziyingozi kwezasekha­ya, kukhona nebhungane elitholaka­la ezihlahlen­i eziningana, okubalwa kuzona ukotapheya, okuyi
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa