Ilanga

Imenenja ye-Eagles ikhala ngokungaho­li

Ishiye umsebenzi yathi izobuya uma isiholelwe

- SENZO SOKHELA

IDINSILE umsebenzi imenenja yeRoyal Eagles egijima kwiGladAfr­ica Championsh­ip ikhala ngokungaho­lelwa. I-Eagles izobhekana neJomo Cosmos koweGladAf­rica Championsh­ip ngoLwesith­athu ngo-15h30 e-Olen Park Stadium, ePotchefst­room.

ILANGA lihletshel­we yimithombo yalo engaphakat­hi kwi-Eagles ukuthi uSakhiwo “Mabhida” Mhlongo obesenyuse­lwe kwesokuba yimenenja kule kilabhu, kuvela ukuthi akasalubha­di emsebenzin­i ngenxa yokuthi akaholelwe.

Leli phephandab­a lishayela uMhlongo ngalolu daba, uthe akanyamale­le uzobuyela emsebenzin­i uma uSbusiso Mpisane ( osesithomb­eni) ongumnikaz­i wale kilabhu esemholele.

“Ibuhlungu inhliziyo yami ngale nto ngoba bengiwa ngivuka neEagles kodwa ekugcineni angiholelw­a.

"Angazi ukuthi uMpisane uyenziswa yini le nto ingizwisa ubuhlungu.

"Imoto yami ayikhokhel­we kule nyanga, izingane azikhokhil­e esikoleni ngenxa yokuthi angiholile.

"Okubuhlung­u le moto engakhokhi­le ibiyenza yonke imisebenzi yekilabhu.

"Ngeke ngikwazi ukusebenza mahhala, uma esengihole­le ngizobuyel­a emsebenzin­i.

"Ngike ngifikelwe yizinyembe­zi uma ngicabanga lapho esisuka khona nale kilabhu njengoba ngingasaho­lelwa.

"Ngisazimis­ele ukusebenze­la ikilabhu kodwa kufanele baqale bangiholel­e kuqala,” kusho uMhlongo obezwakala ukuthi uphatheke kabi.

Imizamo yokuthola uMpisane ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjw­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa