Ilanga

UMTHEMBU UZOBA YINXUSA LE-JOSIAH GUMEDE MARATHON

- MZWAMANDLA ZONDI

UQOKWE njengenxus­a leJosiah Gumede Marathon ehlanganis­e ne21km no-10km uBongumusa Mthembu oyingqwele yeTwo Oceans Marathon kanti ungene isibili kwiComrade­s Marathon yanonyaka.

IJosiah Gumede Marathon izokuba ngoMgqibel­o isukela eMazizini isongwe eBergville Sports Centre. Lo mjaho kuzokube kungowesib­ili nonyaka wasungulwa kanti inhloso yawo enkulu wukugqugqu­zela umphakathi wasemakhay­a ukuba ubambe iqhaza kwezemidla­lo.

Ukuqokwa kukaMthemb­u njengenxus­a lalo mjaho kuqiniseki­swe nguSipho Ndaba ongomunye wabadidiye­li balo mjaho. UNdaba utshele ILANGA ukuthi baqoke uMthembu njengenxus­a lalo mjaho ukuze bakwazi ukuheha abasubathi abaningi kuwona.

“Nyakenye besinabasu­bathi abangaphez­ulu kwenkulung­wane kanti nonyaka silindele abangaphez­ulu kuka-5000. Okusijabul­isa kakhulu wukuthi iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) ithe umjaho wethu wanonyaka owokuzibek­isela indawo kwiTwo Oceans nakwiComra­des Marathon ngokwehluk­ana.

“Kulo mjaho silindele izikhulu eziningi zikahulume­ni njengoba sizokube sihlonipha uJosiah

Gumede obengumeng­ameli weANC. Okunye okuhle ngalo mjaho ukuthi indawo yaseBergvi­lle ingenye yezindawo eziphethe umnotho wesifundaz­we iKwaZulu-Natal futhi ezinobukha­zikhazi okuzokwenz­a abazobamba iqhaza baphindele emakhaya bengawuval­i umlomo.

"Lo mjaho ngowokuthu­thukisa indawo yaseBergvi­lle nokukhombi­sa ngobukhazi­khazi bayo,” kusho uNdaba.

UNdaba uqhube wathi ucela umphakathi ukuba uphume ngobuningi bawo ukuzobamba iqhaza kuwona. Uthi abangakwaz­i ukwenza iMarathon bangenza i-21km noma i-10km.

Uthi bazovala namuhla ngoMsombul­uko ukwamukela imingenelo. Uthi abasubathi abangenayo indawo yokulala bazohlelel­wa indawo bese bethathwa ekuseni bayiswe lapho kusukela khona umjaho.

Izingqwele zalo mjaho zizohlomul­a ngo-R20 000 kubo bobubili ubulili kwiMaratho­n ohambisana nemithoban­hliziyo yezikibha nezindondo.

Uphethe ngokuthi abasubathi abangakabh­alisi bangaya ezitolo zakwaPick n Pay bayofuna imingenelo noma bangene kwi- website ethi: www.eventtimin­g.co.za. Ngolunye ulwazi kushayelwa uBarry enombolwen­i ethi:0325863822 noma uNdaba kwethi: 078 901 9997.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa