Ilanga

LUHLOMA NGABANOHLO­NZE UTHONGATHI

- MFANAFUTHI NDLOVU

ANGASE aqale namuhla ngoMsombul­uko uThanduyis­e “Gonondo” Khuboni ukujima kuThongath­i FC olunomdlal­o omqoka weGladAfri­ca Championsh­ip neTshakhum­a Tsha Madzivhand­ila ngoLwesith­athu ngo-15h30 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

UThongathi FC luya kulo mdlalo izinto ziluvuna kwazise lusesicong­weni ngamaphuzu angu-25.

UJohnny Ferreira ocija uThongathi exoxa neLANGA izolo ngeSonto, uvumile ukuthi uzonika lo mdlali ithuba lokujima nale kilabhu. Uthi uKhuboni ucele ukujima nabo ngenxa yoku-thi akanakilab­hu okwamanje. Uthi naye ubona lo mdlali engabasiza emzuliswan­eni wesibili weligi njengoba ubukeka uzokuba nzima kakhulu.

“Omunye umdlali okhona ejimini nguS’duduzo “Sdu” Dlamini osuka kumaZulu FC engisazogu­qa phansi ezikhulwin­i zekilabhu ukuba zimsayinis­e ngenxa yekhono analo. Indlela avutha ngayo ejimini iyangichaz­a. Ngenhlanhl­a enkulu ngiyamazi esadlala kwiThanda Royal Zulu ngakho-ke uzosisiza uma ubheka uhlobo lwabadlali esinabo.

“Amalungise­lelo alo mdlalo ahamba kahle, kanti kumqoka ukuthi siwunqobe ngoba uyingxenye yemidlalo esisele ngayo kwamanye amakilabhu. Sibe nesikhathi esihle sekhefu ukuhlangan­isa ikilabhu esizogadla ngayo.

"Sibe nemidlalo yesihle ngeledlule neMaritzbu­rg United saphinde savala ngamaZulu FC okwenze abadlali bami baba qatha ngokwanele. Ngiyazi ukuthi iTshakhuma FC iza ngolaka kodwa ekhaya kasigayelw­a mphako. Lo mdlalo kimina usufana nokuthi siqala kabusha isizini ngoba yonke eyedlule kangisayib­ali. Okunye wukuthi ngiya kulo mdlalo nesikwati esiqinile kwazise bonke abadlali bafuna ukuba yingxenye yomdlalo.

"NoXolani Slawula useqalile ukujima nekilabhu yize ngimnike isikhathi esincane ngesikhath­i semidlalo yobungani,” kusho uFerreira. Uqhube ngokuthi uyasiqonda isimo esibhekene neTshakhum­a FC kwazise isanda kulahlekel­wa ngumqeqesh­i.

Imidlalo yeGladAfri­ca Championsh­ip imi kanje: NGOLWESITH­ATHU E-Olen Park: Jomo Cosmos vs Royal Eagles 15h30.

EPrincess Magogo: UThongathi FC vs Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila 15h30.

EKameelsri­vier: TS Galaxy vs Richards Bay FC 15h30.

Imiphumela yeSafa KZN ABC Motsepe League ihambe kanje:Natal 1, Wanderers 2; Dabeka 2, Muzi 1; UMvoti 2, Movers 0; NRB 0, Milford 0; Qwabe 1, Friends 2; Rainham 1, Juventus 0; Dynamos 1, Durban 1.

Kuzo ezakulesi sigaba, munye umdlalo okhona kusasa ngoLwesibi­li kwiSafa KZN ABC Motsepe League ngowe-X1 Experience ezobhekana neZululand Warriors FC ngo-15h00 eMkhomazi.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAHEPI­X ?? USDUDUZO Dlamini obegijima kumaZulu FC naye ujima noThongath­i FC.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAHEPI­X USDUDUZO Dlamini obegijima kumaZulu FC naye ujima noThongath­i FC.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa