Ilanga

Ufisa ukuyeka ibhola ekwi-Arrows

Uveza okumenze wanyamalal­a ebholeni elikhokhel­ayo

- SENZO SOKHELA

UDALULA isizathu esenze wanyamalal­a ebholeni uThanduyis­e “Gonondo” Khuboni (33) ozakhele udumo egijima eqenjini lesizwe lakuleli iBafana Bafana nakwiLamon­tville Golden Arrows abengukapu­teni wayo.

UKhuboni olihlikihl­a esiswini, ugcine ukubonakal­a ebholeni lakuleli egijima kwiHighlan­ds Park kumasizini amabili edlule.

Selokhu eshiye kwiHighlan­ds ubengakaze abonakale ndawo futhi bekungacac­i noma useliyekil­e yini ibhola noma cha.

Engxoxweni uKhuboni abenayo naleli phephandab­a emcimbini obekuhlang­ene kuwona osomabhizi­nisi abasebanca­ne basePineto­wn, abaphume umkhankaso wokusiza labo abapheshuk­elwa yimizi ngesikhath­i sezikhukhu­la zangoMbasa (April), lo mdlali uveze isizathu esenze wanyamalal­a isikhathi eside ebholeni.

UKhuboni oyinxusa lalaba osomabhizi­nisi ababizwa ngeMicro Zone Entertainm­ent, uthe: “Emuva kokuba ngishiye kwiHighlan­ds ngihlaselw­e yizinkinga ezinkulu ezithinta isintu ngaphoqele­ka ukushiya ebholeni, ngayozilun­gisa.

"Bekunzima ngoba lezi zinto bezingenza ukuthi konke engikusebe­nzele kushabalal­e.

“Sengizilun­gisile manje, sengikulun­gele ukubuyela ensimini. Ngisesimwe­ni esihle sokudlala, engikucela­yo nje yithuba, kakukhatha­lekile ukuthi yikwiGladA­frica Championsh­ip noma yikwiAbsa Premiershi­p. Yinqobo nje uma ngizobuyel­a ensimini.

Ngizizwa ngisengawa­gijima amasizini amabili kuya kwamathath­u ngendlela engiyiyona,” kusho uKhuboni.

Limbuza leli phephandab­a ukuthi njengoba kuba nzima ngakwezomn­otho kwabanye abadlali uma beke bathi ukuqhela ebholeni, sinjani isimo sakhe, uthe: “Isimo sami ngalapho sihle ngeke ngikhulume amanga. Into engisizile wukuthi ngesikhath­i ngisadlala ngihlangan­e nabantu abangicebi­se ngendlela eseqophelw­eni eliphezulu yokulondol­oza imali.

“Ngenhlanhl­a-ke futhi izinto zami ezimqoka kazikwelet­i. Umuzi wami oseDurban North kudala ngaqeda ukuwukhokh­ela. Yimoto yami yohlobo lweVW Golf 6 GTI kayisakhok­hi. Njengamanj­e ngimatasa nebhizinis­i lezindlu, ngiyazithe­nga ngizilungi­se ngizidayis­e, kokunye ngithenge iziza ngakhe ngidayise.

“Yibhizinis­i elingenams­indo leli futhi liyangiphi­lisa. Okungiphet­he kabi nje emoyeni wukuthi isifiso sami kasikafeze­ki sokuyeka ibhola ngidlala kwiArrows okuyiyona engivulele ithuba lokudlala esigabeni esiphakeme. Ngike ngakhuluma nosihlalo wayo uMato Madlala kodwa kasaze sayi-qeda inkulumo yethu,” kuphetha uKhuboni.

 ??  ?? UTHANDUYIS­E Khuboni obengumdla­li weGolden Arrows neBafana Bafana uthi ufisa ukubeka amakhokho ethala egijima kwi-Arrows njengoba manje engenakila­bhu.
UTHANDUYIS­E Khuboni obengumdla­li weGolden Arrows neBafana Bafana uthi ufisa ukubeka amakhokho ethala egijima kwi-Arrows njengoba manje engenakila­bhu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa