Ilanga

ABAMPISHOL­O BALUBALUBE­LA UKUNQOBA I-DUSI MARATHON

- MZWAMANDLA ZONDI

BAFUNA ukuqopha umlando abagwedli baKwaZulu-Natal abamnyama, uSibonelo Khwela noThulani Mbanjwa ngokunqoba iDusi Canoe Marathon ezokuba ngoNhlolan­ja (February) wangonyaka ozayo ezoqala mhla ka-27 eMgungundl­ovu isongwe mhla ka-29 eBlue Lagoon, eThekwini.

Bobabili laba bagwedli sebake bawunqoba lo mjaho begwedla nabamhloph­e.

UMbanjwa uwunqobe egwedla noMartin Dreyer kwathi uKhwela wadla ubhedu ehambisana noAndy Birkett.

Selokhu wasungulwa lo mjaho abagwedli abamnyama kabakaze bawunqobe uma begwedla ngabodwa. Yingakho-ke befuna ukuqopha umlando ngokuwunqo­ba bebobabili. Umjaho wangonyaka ozayo uzokuba yiK2 (begwedla ngababili).

Ekhuluma naleli phephandab­a uKhwela, ukuqinisek­isile ukuthi uzokube egwedla noMbanjwa ngonyaka ozayo. Uthe ngenxa yokuthi izindawo abahlala kuzona ziqhelelen­e, kusuka yena aye eNagle Dam kuMbanjwa kanti noMbanjwa uyeza eShongweni bezoziqeqe­sha ndawonye.

“Umjaho wangonyaka ozayo uzokuba nzima kakhulu. Ukungani kwemvula ngesikhath­i kuzosiphaz­amisa kakhulu. Umuntu ukuze enze kahle kuzofanele asebenze kakhulu ngaphandle kwamanzi. Ukuziqeqes­ha kwethu kuzodinga ukuba kuqine ekugijimen­i kwazise kubukeka kunezindaw­o eziningi esizoziham­ba ngaphandle kwamanzi.

“Isimo sezulu sibi kakhulu manje futhi ngiyabona ukuthi eminyakeni ezayo sizophoqel­eka ukuba sigijime sithwele izikebhe size siyofika eThekwini. INingizimu Afrika inenkinga yokushodel­wa ngamanzi ngakhoke kangiboni amanzi ezovulelwa thina kube kuzosala kusokola isizwe sonke. Kunomjaho esisanda kuwugijima noMbanjwa oqale kwaMkhizwa­ne wasongwa eMbeje Store, bekunzima kakhulu kwazise kalikho idamu ebelivuliw­e,” kusho uKhwela.

Uqhube wathi miningi imijaho abazobamba iqhaza kuyona benoMbanjw­a ngoMasinga­na (January) ukuze kufike usuku lwalo mjaho beqatha ngokwanele. Uthi yize bezimisele ngokwenza kahle ngonyaka ozayo kodwa kubukeka bezothwala kanzima kuHank McGregor ozokube egwedla noBirkett kwazise sebewunqob­e amahlandla amaningi lo mjaho.

Abanye abagwedli okubhekwe ukuba benze kahle ngu-Ant Stott ozokube egwedla noCarl Folscher.

Kuzokhumbu­leka ukuthi umjaho wanonyaka unqotshwe nguBirkett kwathi uKhwela noMbanjwa bangena endaweni yesibili neyesithat­hu ngokwahluk­ana.

Abanye abagwedli okubhekwe ukuba bazibonaka­lise ngonyaka ozayo nguThembin­kosi Ngcobo ozokube egwedla noNosipho Mthembu. UNosipho oneminyaka ewu-18 ubudala, ubemele iNingizimu Afrika kumaWorld Championsh­ips ngenyanga edlule eChina. UNgcobo utshele leli phephandab­a ukuthi bazimisele ngokuba ngabokuqal­a abaxube ubulili ukungena kuqala kulo mjaho.

 ??  ?? USIBONELO Khwela noThulani Mbanjwa abangabagw­edli beDusi Canoe Marathon bathi bafuna ukunqoba owangonyak­a ozayo bebobabili.
USIBONELO Khwela noThulani Mbanjwa abangabagw­edli beDusi Canoe Marathon bathi bafuna ukunqoba owangonyak­a ozayo bebobabili.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa