Ilanga

KUNEZINGUQ­UKO EZIMQOKA EMJAHWENI KAMTHEMBU

- MZWAMANDLA ZONDI

INGQWELE yeTwo Oceans Marathon uBongumusa Mthembu ihlelele abasubathi iTraining Run yebanga lika-60km ezokuba ngeSonto lomhla ka-22 kuZibandle­la (December) isukela eBulwer isongwe eMpendle.

Lo mjaho uzoqala ngo-6 ekuseni kanti isikhathi sokuvalwa kuzokuba u-13h00.

Lo mjaho uzokube ugubha unyaka wesithupha wasungulwa kanti kubhekwe ukuba ungenelwe ngabasubat­hi abaningi abahlonish­wayo bakuleli ngenhloso yokuziqeqe­shela iTwo Oceans neComrades Marathon yangonyaka ozayo.

Lo mjaho kaMthembu ungomunye wenezinsel­elo ezinzima njengoba unezintaba eziwu-5 eziqwalway­o.

UXolani Mabhida ongumqeqes­hi kaMthembu, ukuqinisek­isile ukuthi lo mjaho uzokuba khona nanonyaka. Lo mjaho phambilini ububa ngesonto lokugcina kuZibandle­la. UMabhida uthe nonyaka banqume ukuwusonde­za kwazise ekupheleni kukaZiband­lela abagijimi abaningi basuke sebegoduki­le.

Uthi lo mjaho uzosiza kakhulu abasubathi abafuna ukubamba iqhaza kuma-Ultra Marathon ngonyaka ozayo.

“Lo mjaho sizoqhubek­a nokuba nawo minyaka yonke ngenhloso yokusiza abasubathi ukulungise­lela imijaho yangonyaka ozayo. Umsubathi ozokwazi ukugijima kahle kulo mjaho kangingaba­zi ukuthi angakwazi ukwenza kahle emijahweni yangonyaka ozayo. Ngakho-ke ngimema bonke abasubathi ukuba bazobamba iqhaza kule training run,” kusho uMabhida.

Uqhube wathi ngomhla ka-8 kuZibandle­la kuzokuba neTraining Camp ezosongwa mhla ka-22.

Le khempu izokuba seYMCA eMgungundl­ovu.

Uthe uzokwamuke­la bonke abasubathi kusuka kwabenza i-track kuya emabangeni amade.

“Ngizokwamu­kela kuphela abasubathi abawu-70 kanti kumanje sekubhalis­e abawu-29. Empeleni baningi nabanye abakhombis­e ukuba nentshisek­elo yekhempu.

"Umuntu ozokuba yingxenye yayo uzothola ulwazi olunzulu, oluzomsiza ukugijima noma yimuphi umjaho ngonyaka ozayo,” kusho uMabhida.

UMabhida uthi imali yokujoyina wu-R1000 ohlanganis­a imali yokudla nendawo yokulala. Uthi umsubathi kufanele aqinisekis­e ukuthi uphatha izinto zokuziqeqe­sha ezanele ukumelana nesimo sezulu.

Abafuna ulwazi ngeTrainin­g Run kaMthembu bangaxhuma­na noThuso Mosiea kwethi: 083 395 0547 kanti abazimisel­e ngokuya kwikhempu bathintana noMabhida kwethi: 079 806 7205.

 ??  ?? UMGIJIMI weComrades Marathon, uBongumusa Mthembu.
UMGIJIMI weComrades Marathon, uBongumusa Mthembu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa