ZIGCWALE UDAKA KUMDLALI 'OBEZENZISA' NGOKULIMALA
LIGCWALE umoya ibhantshi kumdlali weRichards Bay egijima kwiGladAfrica Championship osolwa ngokuzenzisa ashaye sengathi ulimele ekubeni engenalutho.
IBay izobhekana neTS Galaxy koweGladAfrica Championship ngoLwesithathu ngo-15h30 eKameelrivier Stadium, KwaNdebele.
Leli phephandaba lithole ukuthi iBay izoya kulo mdlalo ngaphandle kukaJunaid Sait odlala emuva obeyisekela likakaputeni kule kilabhu osexoshiwe.
Kuthiwa iBay inqamule inkontileka yalo mdlali ngenxa yokuthi ibisola ukuthi uyazenzisa eshaya sengathi ulimele ekubeni engenalutho.
Umthombo waleli phephandaba ulihlebele ukuthi lo mdlali ubevele engasathandi ukuba kwiBay kwazise akazange ahambisane nesinqumo sokuxoshwa komqeqeshi uBrandon Truter osecija iSwallows.
Kuvela ukuthi uTruter noyise walo mfana uKamaal Sait oke wadlala kwi-Orlando Pirates, bangabangani abakhulu.
Leli phephandaba lishayela uJeffrey Fakude oyimenenja kwiBay, ukuqinisekisile ukuthi bayinqamulile inkontileka kaSait.
“La ekilabhini abadlali uma belimele sibalekelela ngokweqophelo eliphezulu ukuze balulame ngokuphelele.
"Sikwenze konke ukumlekelela uSait ukuba alulame kodwa inhliziyo yakhe bese sibona ukuthi ayisekho la ekilabhini, ubengeke esasisiza ngalutho.
"Ubefike ajime namhlanje, ngakusasa akajimi usethi ulimele.
"Empeleni ubejima ngoba kuthanda yena.
"Njengesekela likakaputeni besilindele ukuthi abe yisibonelo, kunalokho uyena obehlale ekhononda ekhalela ngisho izinto ezingekho.
"Besingeke sisakwazi ukumugcina uma ubheka ukuthi udlale umdlalo owodwa nje vo ngale sizini yingakho sinqume ukuyinqamula inkontileka yakhe,” kusho uFakude.
Imizamo yokuthola uSait iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.