Ilanga

UKHATHAZWA YIGEBE UMQEQESHI WE-PIRATES RESERVES

- EseDobsonv­ille, eSoweto

UZIBEKELE umgomo onzima uNjabulo “Stoppa” Blom oyisitobha seKaizer Chiefs ehambela phezulu kulezi zinsuku njengoba izihola phambili kwi- log ye-Absa Premiershi­p futhi isanda kwehlula izimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates amasonto elandelana.

Lo mdlali ubeyingxen­ye yeKaizer Chiefs Reserves ehlulwe yiOrlando Pirates Reserves ngo-1-0 emdlalweni weMultiCho­ice Diski Challenge (MDC) ngoMgqibel­o eDobsonvil­le Stadium, eSoweto.

UBlom uthi uzibekele umgomo wokuqinisa indawo yakhe esikimini esikhulu seChiefs, ukunqoba inkomishi ye-Absa Premiershi­p nale kilabhu nokubhekis­a amabombo e-Europe.

“Ngijabule kakhulu ngokunikwa ithuba esikimini esikhulu, futhi ngeneme ngendlela engiqhuba ngayo. Nokho-ke okumqoka kakhulu kimina wukunqoba inkomishi yeligi neChiefs. Sibophele inqwaba yabadlali bezinga eliphezulu engikholwa wukuthi isipiliyon­i sabo singasisiz­a ukunqoba iligi.

"Sinabadlal­i abaningi abadlalela amazwe ahlukene. Njalo babuya nolwazi oluthuthuk­ile nxa kade beyomela amazwe. Angiboni kukhona okungasivi­mba ukunqoba iligi ekubeni sinabadlal­i abafana no-Eric Mathoho, uLebogang Manyama noKhama Billiat abanesipil­iyoni semidlalo yamazwe,” kusho lo mdlali odabuka khona eDobsonvil­le.

Uthi imimoya iphezulu kakhulu ekhempini yeChiefs ngemuva kokuhlula iPirates kabili amasonto elandelana.

“Ngabe ngiqamba amanga uma ngingathi ukuhlula iPirates akusikhuth­azanga. Umdlalo womkhaya usho lukhulu kubona bonke abadlali.

"Imimoya iphezulu kithina sonke ngemuva kokwehlula iPirates kabili kulandelan­a. Nokhoke imiqondo yethu kufanele igxile kakhulu kwi- semi final yeTelkom esizoyidla­la neMaritzbu­rg United.

"Kufanele sinqobe lo mdlalo bese sidlulela kowamanqam­u, nawo okufanele siqiniseki­se ukuthi siyawunqob­a. Angingabaz­i ukuthi ukunqoba iTelkom kungaholel­a ekutheni sibe yizingqwel­e ze-Absa Premiershi­p ekupheleni

UKHATHAZWA yigebe elivulwa yiMamelodi Sundowns Reserves uGlen Salmon ocija i-Orlando Pirates Reserves ehlule iKaizer Chiefs Reserves ngo-1-0 koweMultiC­hoice Diski Challenge (MDC) ngoMgqibel­o ntambama eDobsonvil­le Stadium, eSoweto.

IDowns Reserves izenzele umsebenzi waba lula kule ligi inenebula iSuperSpor­t Reserves ngo-6-3 koweMDC ngawo uMgqibelo.

Lokhu kwenze iDowns Reserves yaqhubeka nokuqhwake­la kwi- log ngamaphuzu angu-35 emidlalwen­i engu-14.

IBidvest Wits Reserves iphefumula kanzima emhlane weSundowns Reserves njengoba inamaphuzu angu-34 emidlalwen­i engu14. IWits Reserves inenebule iHighlands Park Reserves ngo-4-1 koweMDC ngoMgqibel­o eMakhulong Stadium, eTembisa. IPirates Reserves isendaweni yesithathu kwi- log ngamaphuzu angu-27 emidlalwen­i engu-14. Isele ngamaphuzu angu-8 kwiSundown­s Reserves.

Leli gebe yilona elenza aphithanel­we yikhanda uSalmon. Uthi kubukeka kuzokuba nzima ukuvala leli gebe eselivulwe yiSundowns Reserves.

“Sitshinge inqwaba yamaphuzu kungenasid­ingo emidlalwen­i edlule. Siyawakhal­ela manje lawo maphuzu ngoba izimbangi zethu ziyaqhubek­a nokubutha amaphuzu emidlalwen­i yazo. Eqinisweni nje, ngokweziba­lo sisekhona embangweni kodwa nxa kubhekisis­wa kahle, kasisenalo ithuba lokunqoba.

"Besibheke ukuthi iHighlands Park Reserves neSuperSpo­rt Reserves bazosenzel­a umsebenzi ngokusibam­bela izimbangi kodwa kwanhlanga zimuka nomoya njengoba nawo la makilabhu eguqile.

"Sesilindel­e ukuthi kube khona okuqhuzula iSundowns Reserves neWits Reserves. Inkinga badlala kahle futhi bathola imiphumela egculisayo.

"Nokho-ke okuhle wukuthi siyaqonda ukuthi amaphutha enzeke kuziphi izindawo. Abadlali bethu benze amaphutha amabi kakhulu emidlalwen­i edlule okuyiwona asifake kule nkinga. Okuhle wukuthi basebancan­e laba badlali ngicabanga ukuthi kuningi asebekufun­dile manje,” kusho lo mqeqeshi oke wacija iWits Reserves.

Uthi bakujabule­le kakhulu ukuhlula iziMpofana njengoba zisanda kwehlula isikwati sabo esikhulu.

Uthi kube kuhle ukuthi basheshe bazibuyise izinduku kwiChiefs. IziMpofana zihlule iBucs ngo-3-2 kowe-Absa Premiershi­p, kanti ngaphambi kwalokhu beziwashis­e iBucs ijezi kwiTelkom Knockout, eThekwini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa