Ilanga

IBAFANA INQOBE I-SUDAN KUNZIMA

- PHILANI NCALANE

UVIKELE abadlali uMolefi Ntseki ongumqeqes­hi weBafana Bafana behlulwa wukuvalela amathuba ngesikhath­i behlula iSudan ngo-1-0 kowokuhlun­gela i-Africa Cup of Nations (Afcon) izolo ngeSonto ntambama e-Orlando Stadium, eSoweto.

Igoli okunqobe ngalo iBafana livalelwe nguLebogan­g Phiri sekusele kancane kuyiwe ekhefini. IBafana ikhande inqwaba yamathuba kulo mdlalo, kodwa yahluleka yancama ukubhakuzi­sa inethi.

Lona bekuwumdla­lo wesibili weBafana wokuhlunge­la i-Afcon ezokuba ngonyaka ozayo eCameroon. IBafana iyiqale kabi le midlalo inenebulwa yiGhana ngo-2-0 ekuhambeni kanti iSudan ivule ngokubhudl­uza iSaoTome Principe ngo-4-0.

UNtseki uthi esiwombeni sesibili kucacile ukuthi abadlali bakhe bese bekhathele ngemuva kokubuya eGhana nokudlala imidlalo emqoka ezinsukwin­i ezimbalwa.

Uthi kuyamjabul­isa ukukhanda amathuba kwezakhe ngoba kukhombisa ukulobizel­a ukuthola amagoli.

IBafana ibiphoqele­kile ukunqoba lo mdlalo ukuzigcina isethubeni lokuzibeki­sela indawo eCameroon ngemuva kokukhishw­a kabuhlungu yiNigeria kwi-Afcon yakulo nyaka ebise-Egypt yize imangaze abaningi ikhipha osokhaya.

Lo mdlalo bekungowes­ibili osemthethw­eni kaNtseki onikwe umsebenzi wokulolong­a iBafana ngemuva kokwesula kukaStuart Baxter wase

England ozibeke phansi izintambo ngemuva kwe-Afcon.

Nokho-ke uNtseki ulivule kahle ikhasi lakhe kwiBafana njengoba ehlule iMali ngo-2-1 koweNelson Mandela Challenge, engabalwa emidlalwen­i esekhalend­eni leFifa.

UNtseki uthi ukudlala umdlalo wonke ngoLwesine kubakhahla­meze kakhulu abanye abadlali bakhe. Uthi lokhu kube ngesinye sezizathu ezenze wayalela uThapelo Morena ukungalokh­u eshoshela kakhulu phambili.

UPhiri uqokwe njengomdla­li ovelele kulo mdlalo.

 ??  ?? UMOLEFI Ntseki oqeqesha iBafana enoPercy Tau noThulani Serero.
UMOLEFI Ntseki oqeqesha iBafana enoPercy Tau noThulani Serero.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa