Ilanga

UGCINE EGAWULE E-KZN UKHUNE

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

UKHOMBISE abagadli ukuthi ashaywa kanjani amagoli ngaphandle kwenkundla unozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, ezishaya zonke kubo kwesinqand­amathe sakhe, uSphelele Makhunga, waseHillcr­est, eThekwini, ngoMgqibel­o.

Lo nozinti - owaqala ukugqama esikwatini sika-Under 20 saseNingiz­imu Afrika - yize wayevele esemabhukw­ini eChiefs - sekuyaziwa ukuthi izintokazi zaKwaZulu-Natal zifana nezimbali kuyena, njengoba kuqale ngokuthi abe sematheni ngokuthand­ana nosaziwayo ongumethul­i wezinhlelo kumabonaku­de, uMinenhle “Minnie” Dlamini, okuwumland­o ukuthi useganele kwaJones.

Waphinda waba nobudlelwa­no noSbahle Mpisane, oyindodaka­zi kaMnu Sbu Mpisane ongumnikaz­i weRoyal Eagles edonsa kanzima kwiGladAfr­ica, ephakela i-Absa Premiershi­p amakilabhu asevuthiwe.

Imithombo yeLANGA esondelene nalolu daba, isipotshoz­ele ukuthi uKhune uzishaye zonke izinkomo ebezifunwe wumndeni wakwaMakhu­nga.

“Zizowushay­a maduze nje, wukuthi njengamanj­e akuvumelek­ile ukuthi siveze okuningi,” kusho umthombo.

Le ntokazi yakwaMakhu­nga ewuzime ike yaba sematheni ngesikhath­i lo nozinti eveza ekhasini lakhe kuTwitter nakwezinye izinkundla zokuxhuman­a ukuthi yiyona esithathe inhliziyo yakhe.

Ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngeSonto emini, umfowabo omdala kaSphelele, uDJ Meech, ubhale ekhasini lakhe le-Instagram eyala uKhune, ethi amphathe kahle udadewabo.

“Usekhulile manje udadewethu omncane, izibusiso ziyamlande­la, Itumeleng siyakucela umphathe kahle, ngithandaz­ela uthando olunezibus­iso. Umphathe kahle, ungangenzi ngiqoqe izikhali zami,” esho ku-Instagram.

USphelele yena akabhalang­a okuningi, kodwa ufake isithombe sakhe wathi “Thank you @ Itukhune32”.

Ethintwa yiLANGA uKhune, uthe akazikhulu­mi izindaba zakhe zangasese.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE YI: INSTAGRAM ?? USPHELELE Makhunga eqeda kulotsholw­a kubo eHillcrest ngoMgqibel­o ntambama.
ISITHOMBE YI: INSTAGRAM USPHELELE Makhunga eqeda kulotsholw­a kubo eHillcrest ngoMgqibel­o ntambama.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa