Ilanga

UMNYANGO USULUPHOSA EMPHAKATHI­NI UKUZWA AMANZI NGOBHOKO UDABA LWE-NHI

- INTATHELI YELANGA editor@ilanganews.co.za

ULUPHOSA ebantwini udaba lweNationa­l Health Insurance (NHI) uMnyango wezeMpilo njengoba izolo ngeSonto ubuseXobho ngaphansi kukaMasipa­la uBuhlebezw­e uhambisana noMasipala wesiFunda iHarry Gwala mayelana nalo.

Inhloso bekuwukuzw­a amanzi ngobhoko ngemizwa yomphakath­i nokuvula inkundla yokuphefum­ula kwawo ngomthetho­sivivinywa omayelana neNHI.

Kulo kulo mhlangano - obekukhona kuwona noMnu Jacob Zuma owayengume­ngameli waseNingiz­imu Afrika - uNgqongqos­he wezeMpilo, uDkt Zweli Mkhize, ubikele umphakathi ngemihlomu­lo yalo mshwalense ezotholwa yizakhamiz­i zaleli zwe.

Unxuse umphakathi ukuba wenze izethulo zawo zokuweseka lo mthethosiv­ivinywa.

Kuzokhumbu­leka ukuthi kwaqubuka enkulu impikiswan­o emuva kokuba uDkt Mkhize ethule lo mthethosiv­ivinywa ePhalamend­e mhla ka-8 kuNcwaba (August) nonyaka.

Phakathi kwabathint­ekayo ngokuqala kokusebenz­a kwalo mshwalense, yizikhwama zemishwale­nse yokwelapha ezizimele ngokubona ukuthi kuzoncipha amadlelo lapho nazo zidla khona.

Embikweni we-Eye Witness, eyaphuma ezinyangen­i ezintathu ezedlule, uMnu Russell Rensburg wase-Uni-versity of the Witwatersr­and, wathi nakuba umuhle umqondo wokuba kube nomshwalen­se walolu hlobo, inkinga wukuthi izakhamizi kazisaweth­embi ngenxa yokwehlule­ka wukuphatha kahle izindaba zezwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa