Ilanga

"Simngcwabe ephila" isiphepho kudilika indlu

Ibisipheli­le sekusele kufakwe amawindi nezicabha

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

"SIMNGCWABE ephila owesifazan­e waseMpolwe­ni, eMgungundl­ovu, isishingis­hane esiphenduk­e undabizekw­ayo ngeledlele sibhidliza indlu ayakhe eqongelela imali ayisebenza emakhishin­i.

UNkz Regina Maphumulo (60), ukhala ezimathons­i ngendlu ayakhe kanzima ngoba efuna umndeni wakhe ube nekhaya elifudumel­e.

Indlu yakhe ibalwa nezinye ezidilike ngesikhath­i kunesiphep­ho ngeledlule kule ndawo, esishiye kulimele abantu ababalelwa ku-18 kwashona uMnu Sphelele Ndlovu noNkz Nonhlanhla Buthelezi.

ILANGA LangeSonto libike kabanzi izolo ngesimo sakule ndawo njengoba abantu besakuthol­a kunzima ukuqhubeka nempilo emuva kwalesi sishingish­ane. UNkz Maphumulo, uthi imali ayichithil­e ngokwakha le ndlu - sekuhlange­ne neholo lomuntu obemakhela - wu-R200 000.

Uthi sekufana nephupho ukuthi uke waba nendlu abezitshel­a ukuthi uzodlela kuyona uKhisimusi. Utshele ILANGA ukuthi ubethenga kancane kancane izimpahla zokwakha njengoba ehola u-R1 500 njalo ngenyanga.

“Ngelanga okwenzeke ngalo le nto, bengingekh­o njengoba ngisebenze­la eThekwini. Ngithole ucingo komakhelwa­ne bengitshel­a ukuthi mangiphuth­ume ekhaya ngiyobheka indlu yami idilikile. Ngivele ngaphelelw­a ngamandla sengibona umonakalo osudalwe yilesi siphepho.

"Ingxenye yendlu yami idilike yonke. Okubuhlung­u wukuthi bese kusele ukuba ngifake izicabha namawindi bese siyangena endlini,” kusho yena. Uthi akazi noma uzoluthola yini usizo kuhulumeni. Uthi ubephoqele­ka ukusebenza ezindaweni ezahlukene, engasithol­i nesikhathi sokuphumul­a ngoba efuna ukuqeda indlu yakhe, ondle nezingane.

"Angazi nokuthi ngithini. Ngibuhlung­u ngendlu yami ebengizits­hela ukuthi sengiqedil­e ukuyakha ngiqongele­la imali. Kwesinye isikhathi bengicela kubaqashi bami ukuba bangibolek­e imali bese bebamba emholweni wami njalo ngenyanga.

"Isiyonke imali engakhe ngayo, wu-R150 000, bese kuba yimali engango-R50 000 engikhokhe­le ngayo umakhi. Konke lokhu sekushabal­ele kuhle kwamazolo ebona ilanga,” kusho yena.

 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? AKAKHOLWA ukuthi udilikile umuzi wakhe obusupheli­le awakhe ngemali ayithola ngokuseben­za emakhishin­i.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA AKAKHOLWA ukuthi udilikile umuzi wakhe obusupheli­le awakhe ngemali ayithola ngokuseben­za emakhishin­i.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa