Umnyango ulindele imiphumela emihle
Kumi ngomumo ngokumakwa kwamaphepha kaMatric
KONKE sekumi ngomumo mayelana nokumakwa kwamaphepha kamatikuletsheni walo nyaka KwaZulu-Natal.
Zilinganiselwa ku-27 izikhungo okuzomakelwa kuzona kusukela ngoMsombuluko, kanti ngempelasonto bazobe bethutheleka ezikhungweni zokumaka bonke abaqokelwe ukwenza lo msebenzi.
Namhlanje ngoLwesine kubhalwa amaphepha okugcina okuyiAgricultural Science neGeneral Studies, kanti abafundi abaningi baphothule ngoLwesibili. Izifundo ezibhaliwe ziwu-61, bezihlukaniswe ngamaphepha awu-112.
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi izikhungo okuzomakelwa kuzona zisesimeni esihle, futhi othisha abazokwenza lo msebenzi kuzofika uKhisimusi sebeholelwe imali yabo.
Abafundi ebebebhalisele ukubhala umatikuletsheni KwaZulu-Natal bawu-183 808, abawu148 493 babhalise ngokugcwele, kanti abawu35 315 bebefunda ngokungagcwele ( part time).
UNgqongqoshe wezeMfundo
KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mshengu, uthe ngokwezinhlelo ezenziwe wumnyango wakhe ngesikhathi kulungiselelwa abafundi ukubhala izivivinyo, bazibekele ukuthi lesi sifundazwe siphase ngo-80% kuya phezulu.
Uthe kasikho isikole abazimisele ngokuba kungaphasi ngisho oyedwa umfundi kusona, kanti nesifunda ngasinye sibekelwe ukuba sinyuke ngo-5%.
“Kulo nyaka siyaziqhenya ngokuthi sikwenze konke ukuqikelela ukuthi sithuthukisa impilo nekusasa labafundi,” kusho uMnu Mshengu.
Othisha abazomaka amaphepha bawu-8 342, ama- senior marker awu-1 334, ama- deputy chief marker awu-191, abazobheka ukumakwa kwamaphepha ngaphakathi bawu1 194, ama- chief marker awu-74, abazosiza ngaphakathi bawu-184.
Kulindeleke ukuba kuphothulwe ukumakwa mhla ka-15 kuZibandlela (December).
UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, uzomemezela imiphumela yazo zonke izifundazwe mhla ka-7 ngoMasingana (January) kanti abafundi bona bazoyithola ngakusasa, mhla ka-8.
UMnu Mshengu uzoklomelisa abafundi abaphase ngamalengiso esifundazweni mhla ka-8 kuMasingana (January) e-ICC, eThekwini. mthobisis@ilanganews.co.za
Bheka ekhasini 28