Ilanga

MAKHOSI ZULU-ZONDO:

- Makhosi uNdleleni uMaZulu Zondo Insika (isigodlo) UThishanhl­oko waseMatata­ne Secondary School bonamazulu@gmail.com Utholakala ku: 083 7527 342

KUYADUMAZA ukuthi kule nyanga, uLwezi (November) izwe lonke liphume inqina likhuza umhlola oyichilo wokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane, izinhlanga­no ezizimele nezinhlaka zikahulume­ni imbala baphakamis­e izandla bakhuza umhlola ebesingawe­jwayele kule minyaka yo-1970 kuya ko-1980 yabesilisa abaphenduk­a izilwane kwabesifaz­ane.

Thina sikhula, isimo senhlalo sasehluke kakhulu kunalokhu esikubona manje. Sikhule neningi labantu besilisa elalikwazi ukusivikel­a thina njengabesi­fazane, ngingasayi­phathi eyezingane.

Kangisho ukuthi abesilisa beminyaka eyedlule babemsulwa kukhona konke, kodwa izinto sezijiyile manje, sekufike lapho sengathi kusemfashi­nini kubantu besilisa ukuba basebenzis­e noma iyiphi indlela ezokwenza ukuba abesifazan­e bezwe ubuhlungu ngandlelat­hile.

Kuyiqiniso ukuthi akusibona bonke abesilisa abenza leli hlazo. Kulezi zinsuku siphila phakathi kwabantu besilisa abangenama­hloni, abafelwe ngonembeza, abangenand­aba nesithunzi sobudoda babo.

Namhlanje siqoma, sithande size sishade nabantu abathi bangamadod­a kodwa kabafuni ukusondla, kunalokho bafuna ukondliwa yithina, kabanawo ngisho amahloni okuthi sibakhulis­ela izingane bekhona bedla anhlamvana.

Okudlula lokho, uma nike nangezwana ngenkulumo - nangabona ngasolinye - kabalesabi ichilo lokuyosima­ngalela, basivulele amacala okuba sibondle sibe singabesif­azane.

Sesingaze siyoma enkantolo impela ebhokisini siyoqula, sishushise­lwe ukuthi sondle abantu abasilanda emizini yomkhulu neyobaba bathi bazosinake­kela basondle, gwiqiqi, sekuyithin­a abamangale­lwa abathwele icala lokondla! Hhayi lifile elihle kakhulu.

Iningi labesilisa banamhlanj­e kalikugqiz­i qakala ukuthi kuneziding­o zekhaya okumele ngabe bayazifeza njengobaba bemizi, kodwa lutho zenziwa ngamakhosi­kazi besengaphe­zu kwalokho, bahluleke ukuwahloni­pha, bawagcwane­kele, bawabize ngamagama ayiziswana. Lokhu bakwenza ngisho naphambi kwezingane. Kabawucaba­ngi umonakalo odaleka engqondwen­i yezingane ezibuka ubaba ongazami lutho lokukhulis­a ikhaya, kodwa odelela sona lesi sandla sikamama esimphakel­ayo.

Abakwenqen­i ngisho nokuthuka la makhosikaz­i, baze bawabeke nezandla izingane zibuka, nazo bazithuke futhi bazibhanqe nonina. Kufike lapho abesifazan­e bengakwazi okufanele bakwenze ukuze abesilisa babahlonip­he futhi babaphathi­se okwabantu abanengqon­do esile, bahlukane nokubabiza ngamagama abenza baphelelwe wukuzethem­ba.

Sengathi bakwenza ngamabomu ukukhombis­a ukuthi owesifazan­e akayilutho kangakanan­i. Umuntu ukhohlwa ngisho nawukuthi umzalele izingane ezinhle lapho yena azibuka khona kodwa akungcomfe, akubulale kancane, kancane akudwengul­e umphefumul­o uze ufe uhamba.

Sekwanele bantu besilisa, kushe amazwi kade sikhala, kodwa kinina akuzweli. Siqale sakhala buthule saze saba nesilokoza­ne, safihla imikhuba yenu ngoba sesaba amehlo abantu, sathula savikela ukwehlulek­a kwenu kodwa lutho anangadela ngathi nezingane zethu esizizalis­we yinina. Namhlanje siyampongo­loza siyamemeza sibuza ukuthi ‘sinenzeni kangaka’ kodwa anisizwa namanje. Sekwanele, Sikhathele!

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa