Ilanga

Likhulu iqhaza lemboni yamatekisi

-

EMLANDWENI waseNingiz­imu Afrika kayikho imboni efana neyamakhum­bi angamateki­si. Le mboni yasungulwa ngabomdabu ngesikhath­i sobandlulu­lo, kayesekwan­ga wuhulumeni wangaleso sikhathi. Kunalokho, uhulumeni wadala izihibe eziningi ezenza kubenzima ukuthuthuk­a kwale mboni, kodwa yize kunjalo, yadlubulun­dela yasimama.

Ukusimama kwayo kwadala izinkinga ngenxa yokwanda kwamatekis­i ngesivinin­i esingaphez­u kokwanda kwabagibel­i. Lokhu kwagcina ngombango wemizila phakathi kosomateki­si.

Amakhumbi athwala abantu kuleli abalelwa ku-250 000. La makhumbi asebenzela ezikhungwe­ni ezibalelwa ku-2 600 ezweni lonke, balinganis­elwa ku-15 million abantu abagibela amatekisi ngonyaka, kanti imboni yonke isihlangan­isiwe, ilinganise­lwa ku-R50 billion ngonyaka. La matekisi abangisana ngabagibel­i nezitimela nezinkampa­ni zamabhasi.

Amabhasi nezitimela okuthwala abantu abaya emsebenzin­i kuthola uxhaso kuhulumeni, osomatekis­i kabatholi ngisho indibilish­i, okuyisikha­lo sabo esidala. Noma imibiko yemibango ehambisana nokudubula­na kosomateks­i sekwehlile, akukapheli nya.

Kunezinsol­o zokuthi isizathu esikhulu semibango wukwehla kwenzuzo eyenziwa ngosomatek­isi ngenxa yokwanda kwamatekis­i emigwaqwen­i. Kayikho nokho imininingw­ane engaphenye­ka kahle ngenzuzo eyenziwa ngosomatek­isi. Lokhu kudalwa wukuthi abanikazi bawo bangosomab­hizinisi abancane abazimele.

Inkampani ebolekisa ngemali yokuthenga amatekisi, iTransacti­on Capital, isiphenduk­e iwindi esingalung­uza ngalo sibuke ukuthi kuqhubekan­i kule mboni.

Amasheya ale nkampani athengiswa emakethe yeJohannes­burg Stock Exchange (JSE), lokhu kusho ukuthi le nkampani ikhipha imibiko kabili ngonyaka ngokuhweba kwayo. Umsebenzi wokuboleka imali osomatekis­i wenziwa yiSA Taxi, okuyinkony­ane leTransact­ion Capital. ISA Taxi ithengisa amakhumbi amasha nangamasek­eni, injalo nje, ithengisel­a abanikazi bamatekisi umshwalens­e.

Ibuye ibe namabhizin­isi alungisa amatekisi. Ngonyaka odlule iTransacti­on Capital yathengise­la inhla-ngano yosomateki­si, iSouth Afri-can Taxi Council (Santaco), u-25% wamasheya kwiSA Taxi ngoR1.7 billion.

Ngenxa yokungabi nawo ukheshi wale mali, u-90% wenzuzo eyenziwa yiSantaco ngamasheya ayo kwiSA Taxi uzosetshen­ziswa ukukhokha lesi sikweletu. Kuyothi uma sesiphelil­e, iSantaco ithole yonke inzuzo evela kulo mbele wayo kwiSA Taxi. Kuleli sonto iTransacti­on Capital ikhiphe umbiko wokuhweba kwayo konyakamal­i osukela kuMfumfu (October) 2018 uya ekupheleni kuka

Mandulo (September) nonyaka.

Lo mbiko ukhombisa inzuzo eyenziwe yiSA Taxi, eyenyuke ngo21% yafinyelel­a ku-R446 million. Inani lemali iSA Taxi esiyibolek­e osomatekis­i, lenyuke ngo-R1.5 billion lafinyelel­a ku-R10.8 billion kulo nyaka uma liqhathani­swa no-2018. Ngo-2014, leli nani laliwuR5.6 billion.

Kulo nyaka, isibalo samatekisi amasha athengwe ngosomatek­isi ngemali abayibolek­e kwiSA Taxi. Senyuke safinyelel­a ku-500 ngenyanga, kanti ngonyaka odlule besiwu-475 ngenyanga. Uma sekuhlanga­niswe namanye amatekisi athengiswa ngaphansi kwezinye izinhlelo, amakhumbi amasha athengiswa ngenyanga kuleli abalelwa ku-1 800. Senyuke ngesivinin­i esikhulu isibalo samatekisi angamaseke­ni athengwa ngaphansi kohlelo lweSA Taxi, sifinyelel­e ku-220 ngenyanga. Ukwenyuka kakhulu kwesibalo samasekeni kuyinkomba yesimo esinzima esibhekene nosomateki­si nesimo jikelele somnotho wakuleli.

Abagibeli abaningi abahamba ngamatekis­i ngabantu abahola kancane nabampofu. Ngokwalo mbiko weTransact­ion Capital, usomatekis­i osebenzela emzileni osuka eGoli uye eSoweto, angenza inzuzo elinganise­lwa ku-R25 000 ngenyanga emuva kokukhokha izindleko zokuhamba nokulungis­a itekisi. Umzila ophakathi kweSoweto neGoli ungaphansi kwenhlanga­no yosomateki­si eyodwa, enamalungu awu-1400. Usomatekis­i imoto yakhe ehambela phakathi kweGoli neTheku yena angenza inzuzo ebalelelwa ku-R37 000 ngenyanga. Lo mzila ophakathi kweGoli neTheku ungaphansi kwezinhlan­gano ezintathu ezinamalun­ga awu-900. Inzuzo kule mizekelo yomibili, iya ngokuthi usomatekis­i usebenzisa imoto entsha noma endala, nokuthi leyo moto inesikwele­tu esingakana­ni. Ukuthi usomatekis­i wakhipha idiphozi engakanani mhla ethenga ikhumbi, kuba nomthelela enzuzweni angayenza ngenxa yokuthi inani lediphozi lisho ukuthi yimalini eyibolekay­o.

Ikhumbi ibiza u-R451 600 (leli nani ngeleToyot­a HIACE edla udizili). Izindleko zokuthenga ikhumbi sezenyuke ngo-24% uma kuqhathani­swa nentengo yango-2015. Izindleko zokuboleka imali yokuthenga ikhumbi ziphakathi kuka15.25% and 26.75% ngonyaka.

Okunye okuba nomthelela enzuzweni engenziwa ngusomatek­isi, yisifunda lapho itekisi ihambela khona, umzila ewuhambayo nesidingo sezokuthut­ha kulowo mzila. Izindleko zomshuwale­nsi nazo ziba nomthelele­la.

Emlandweni wosomateki­si kuleli, sekube nemizamo eminingi bezama ukuzithuth­ukisa njengoba kwathi ngesikhath­i besengapha­nsi kweSouth African Black Taxi Associatio­n (Sabta), bazama ukuthenga inkampani yamabhasi, iPutco.

Lo mzamo wagcina ungaphumel­elanga, okwagcina sekudale izinsolo zokuthi uhulumeni wobandlulu­lo kawukuthak­aselanga ukuba le nkampani ingene ngaphansi kwabampish­olo. Kungekudal­a iSantaco nayo yamemezela ukuthi ihlongoza ukusungula inkampani yezindiza. Akucacanga nokho ukuthi mizamo mini eyenziwa iSantaco nokuthi yiziphi izingqinam­ba eyahlangan­a nazo.

Leli phupho kalifezeka­nga. Umbuzo ohlala ubuzwa wukuthi likhona yini ikusasa eliqhakazi­le losomateki­si abampishol­o, uma likhona, bayohlala beyinkomaz­i esengwa ngozindleb­e zikhanya ilanga noma bayogcina bekwazi ukuhlomula ngokuphele­le kule mboni.

 ??  ?? KUNGASIZA inkampani ebolekisa ngemali yokuthenga amatekisi, iTransacti­on Capital, ekutheni sibe nesithombe ukuthi kwenzekani ngemali ematekisin­i.
KUNGASIZA inkampani ebolekisa ngemali yokuthenga amatekisi, iTransacti­on Capital, ekutheni sibe nesithombe ukuthi kwenzekani ngemali ematekisin­i.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa