Likhulu iqhaza lemboni yamatekisi
EMLANDWENI waseNingizimu Afrika kayikho imboni efana neyamakhumbi angamatekisi. Le mboni yasungulwa ngabomdabu ngesikhathi sobandlululo, kayesekwanga wuhulumeni wangaleso sikhathi. Kunalokho, uhulumeni wadala izihibe eziningi ezenza kubenzima ukuthuthuka kwale mboni, kodwa yize kunjalo, yadlubulundela yasimama.
Ukusimama kwayo kwadala izinkinga ngenxa yokwanda kwamatekisi ngesivinini esingaphezu kokwanda kwabagibeli. Lokhu kwagcina ngombango wemizila phakathi kosomatekisi.
Amakhumbi athwala abantu kuleli abalelwa ku-250 000. La makhumbi asebenzela ezikhungweni ezibalelwa ku-2 600 ezweni lonke, balinganiselwa ku-15 million abantu abagibela amatekisi ngonyaka, kanti imboni yonke isihlanganisiwe, ilinganiselwa ku-R50 billion ngonyaka. La matekisi abangisana ngabagibeli nezitimela nezinkampani zamabhasi.
Amabhasi nezitimela okuthwala abantu abaya emsebenzini kuthola uxhaso kuhulumeni, osomatekisi kabatholi ngisho indibilishi, okuyisikhalo sabo esidala. Noma imibiko yemibango ehambisana nokudubulana kosomateksi sekwehlile, akukapheli nya.
Kunezinsolo zokuthi isizathu esikhulu semibango wukwehla kwenzuzo eyenziwa ngosomatekisi ngenxa yokwanda kwamatekisi emigwaqweni. Kayikho nokho imininingwane engaphenyeka kahle ngenzuzo eyenziwa ngosomatekisi. Lokhu kudalwa wukuthi abanikazi bawo bangosomabhizinisi abancane abazimele.
Inkampani ebolekisa ngemali yokuthenga amatekisi, iTransaction Capital, isiphenduke iwindi esingalunguza ngalo sibuke ukuthi kuqhubekani kule mboni.
Amasheya ale nkampani athengiswa emakethe yeJohannesburg Stock Exchange (JSE), lokhu kusho ukuthi le nkampani ikhipha imibiko kabili ngonyaka ngokuhweba kwayo. Umsebenzi wokuboleka imali osomatekisi wenziwa yiSA Taxi, okuyinkonyane leTransaction Capital. ISA Taxi ithengisa amakhumbi amasha nangamasekeni, injalo nje, ithengisela abanikazi bamatekisi umshwalense.
Ibuye ibe namabhizinisi alungisa amatekisi. Ngonyaka odlule iTransaction Capital yathengisela inhla-ngano yosomatekisi, iSouth Afri-can Taxi Council (Santaco), u-25% wamasheya kwiSA Taxi ngoR1.7 billion.
Ngenxa yokungabi nawo ukheshi wale mali, u-90% wenzuzo eyenziwa yiSantaco ngamasheya ayo kwiSA Taxi uzosetshenziswa ukukhokha lesi sikweletu. Kuyothi uma sesiphelile, iSantaco ithole yonke inzuzo evela kulo mbele wayo kwiSA Taxi. Kuleli sonto iTransaction Capital ikhiphe umbiko wokuhweba kwayo konyakamali osukela kuMfumfu (October) 2018 uya ekupheleni kuka
Mandulo (September) nonyaka.
Lo mbiko ukhombisa inzuzo eyenziwe yiSA Taxi, eyenyuke ngo21% yafinyelela ku-R446 million. Inani lemali iSA Taxi esiyiboleke osomatekisi, lenyuke ngo-R1.5 billion lafinyelela ku-R10.8 billion kulo nyaka uma liqhathaniswa no-2018. Ngo-2014, leli nani laliwuR5.6 billion.
Kulo nyaka, isibalo samatekisi amasha athengwe ngosomatekisi ngemali abayiboleke kwiSA Taxi. Senyuke safinyelela ku-500 ngenyanga, kanti ngonyaka odlule besiwu-475 ngenyanga. Uma sekuhlanganiswe namanye amatekisi athengiswa ngaphansi kwezinye izinhlelo, amakhumbi amasha athengiswa ngenyanga kuleli abalelwa ku-1 800. Senyuke ngesivinini esikhulu isibalo samatekisi angamasekeni athengwa ngaphansi kohlelo lweSA Taxi, sifinyelele ku-220 ngenyanga. Ukwenyuka kakhulu kwesibalo samasekeni kuyinkomba yesimo esinzima esibhekene nosomatekisi nesimo jikelele somnotho wakuleli.
Abagibeli abaningi abahamba ngamatekisi ngabantu abahola kancane nabampofu. Ngokwalo mbiko weTransaction Capital, usomatekisi osebenzela emzileni osuka eGoli uye eSoweto, angenza inzuzo elinganiselwa ku-R25 000 ngenyanga emuva kokukhokha izindleko zokuhamba nokulungisa itekisi. Umzila ophakathi kweSoweto neGoli ungaphansi kwenhlangano yosomatekisi eyodwa, enamalungu awu-1400. Usomatekisi imoto yakhe ehambela phakathi kweGoli neTheku yena angenza inzuzo ebalelelwa ku-R37 000 ngenyanga. Lo mzila ophakathi kweGoli neTheku ungaphansi kwezinhlangano ezintathu ezinamalunga awu-900. Inzuzo kule mizekelo yomibili, iya ngokuthi usomatekisi usebenzisa imoto entsha noma endala, nokuthi leyo moto inesikweletu esingakanani. Ukuthi usomatekisi wakhipha idiphozi engakanani mhla ethenga ikhumbi, kuba nomthelela enzuzweni angayenza ngenxa yokuthi inani lediphozi lisho ukuthi yimalini eyibolekayo.
Ikhumbi ibiza u-R451 600 (leli nani ngeleToyota HIACE edla udizili). Izindleko zokuthenga ikhumbi sezenyuke ngo-24% uma kuqhathaniswa nentengo yango-2015. Izindleko zokuboleka imali yokuthenga ikhumbi ziphakathi kuka15.25% and 26.75% ngonyaka.
Okunye okuba nomthelela enzuzweni engenziwa ngusomatekisi, yisifunda lapho itekisi ihambela khona, umzila ewuhambayo nesidingo sezokuthutha kulowo mzila. Izindleko zomshuwalensi nazo ziba nomthelelela.
Emlandweni wosomatekisi kuleli, sekube nemizamo eminingi bezama ukuzithuthukisa njengoba kwathi ngesikhathi besengaphansi kweSouth African Black Taxi Association (Sabta), bazama ukuthenga inkampani yamabhasi, iPutco.
Lo mzamo wagcina ungaphumelelanga, okwagcina sekudale izinsolo zokuthi uhulumeni wobandlululo kawukuthakaselanga ukuba le nkampani ingene ngaphansi kwabampisholo. Kungekudala iSantaco nayo yamemezela ukuthi ihlongoza ukusungula inkampani yezindiza. Akucacanga nokho ukuthi mizamo mini eyenziwa iSantaco nokuthi yiziphi izingqinamba eyahlangana nazo.
Leli phupho kalifezekanga. Umbuzo ohlala ubuzwa wukuthi likhona yini ikusasa eliqhakazile losomatekisi abampisholo, uma likhona, bayohlala beyinkomazi esengwa ngozindlebe zikhanya ilanga noma bayogcina bekwazi ukuhlomula ngokuphelele kule mboni.