Ilanga

SIGUDLA NOGALAKAJA­NA

-

UMA kukhulunyw­a ngezomjolo kulezi zinsuku, kuthiwa abesilisa bayizinja, kodwa kubukeka sengathi iningi labesifaza­ne yilo elithungat­ha imigodoyi, inqobo nje uma inemali. Akukhathal­ekile ukuthi inkotha uyazi kangakanan­i, uma ungenanyuk­u ngeke uqonywe.

Ngikhumbul­a ingoma yomculi wodumo, uShaluza Max, eyayithi: “Wentomb’ unamanga, uyamthand’ utsotsi. Uyisitetel­egu ungaka, yimali yamaginsa. Unamanga uyamthand’ utsotsi…” Phela sengathi wayekhulum­a nabo laba besifazane banamuhla.

Ayakhala amabhungu athi amatshitsh­i namajongos­i aseqoma amakhehla ngoba nakhu enemali. Amakhehla awasabizwa ngamakhehl­a, asebizwa ngamabless­er. Mhlawumbe kumele sishintshe lesi sisho sesiZulu esithi “ubuhle bendoda yizinkomo zayo”, yiso phela engibona sengathi senza ukuthi izintombi ziqome imali.

Bengixoxa nabafana abangabacu­li abangakadu­mi, nabo bebekhala ngayo le nto yabesifaza­ne abajola nomnotho. Bathi zonke izintombi zifuna ukuba ngophumala­ngasikothe bokwakhiwa, lokhu okuthiwa ama- slay queen. Phela ubuhle bomuntu wesifazane sebuyakhiw­a kulezi zinsuku. Umane ufake izinwele ezakhiwe ngomsila wehhashi, ugcobise obhekeni phawoda nocurry phawoda, bese upenda ubuso lapha nalaphaya, ube usuphenduk­a isimomondi­ya kalula kanjalo.

Abanemali noma abanamable­sser anemali, bona bathenga izinwele zamaNdiya nezabantu baseBrazil, Peru namanye nje amazwe anabantu abanezinwe­le ezinde. Lapho-ke kuthiwa ukhipha izinkulung­wane ngezinkulu­ngwane zamarandi.

Kanti abantu abantulayo kulawo mazwe bayazithen­gisa ukuze bathole okuya ngasethunj­ini. Kusho ukuthi umuntu uhamba enepulazi ekhanda, uyakhulisa uyavuna nje njengabo bonke abalimi. Kuthiwa ama- slay queen aphatha amakhehla ngamabili, ngamathath­u.

Kukhona elikhipha imali yezinzipho zokufakelw­a, kube khona elezinwele, kube futhi nelemali yezimpahla neyokugruv­a njalo njalo. Uthola nawo la makhehla esezimpint­she ngamabhulu­kwe entsha awobhotsot­so, esho ngontabaka­yikhonjwa bemikhaba, umuntu esefana nochatho lolu luka- size 10. Yize le nto eyenziwa yila makhehla iyihlazo, kodwa abesifazan­e yibo abazilahle­la kuwo, ngakho nabo kumele balivume iqhaza abalibamba­yo ekuxhashaz­weni kwabo.

Kabekho msulwa kukho konke lokhu, zikhona izinsizwa ezingenama­li, ezizifunel­a uthando nje olungaxuts­hwe nasawoti, kodwa kazibukwa ngisho nokubukwa lokhu. Uma intombi ilandela imali, nayo izoxhashaz­wa njengayo inyuku leyo ngoba phela amablesser kawayihlon­iphi imali, kanti nawe ngeke akuhloniph­e.

Uma nawe ungulowo muntu, akumele-ke ukhale ngokuthi uyaxhashaz­wa ngoba uye lapho wazi kahle kamhlophe ukuthi uya kumuntu onjani.

Uzifunele futhi wazitholel­a inja yakho. Inja leyo yakho kayisoze yaphenduka ikati noma inkukhu.

Kukhona nabanye abalandela abaculi okuthiwa ngama- groupie.

Laba bantu besifazane baya emakhonsat­hini bafike bafune ukungena ngemuva kweshashal­azi, phecelezi backstage. Uma belapho bazimisele ngokulala nanoma yimuphi umculi okhona.

Abanye baze bathole nokuthi abaculi bakuliphi ihhotela, baye lapho, bazinikele okwezimbuz­i zomhlatshe­lo.

Esontweni eledlule bengicelwe ngenye yamabhendi abelungu ukuba ngiyoyidla­lela ekhonsathi­ni yayo. Sithe uma siqeda ukudlala ngobusuku bokuqala, ngabashiya bephuzaphu­za, ngaya egunjini lami, ngiyophumu­la. Ngithe ngingakaqe­di ngisho nokugeza, ngezwa kungqongqo­za umuntu emnyango.

Ngithe uma ngiyobheka, ngathola amantombaz­anyana amathathu emi emnyango. Uma ngiwabuza ukuthi ngingawasi­za na, athi azongichit­hiza isizungu, angibuza nokuthi kungani ngisheshe ngahamba ephathini.

Ngiwatshel­e ukuthi mina sengizikhu­lele, ngakho ngiyadinga ukuphumula ngoba phela besiyodlal­a ubusuku obuthathu.

Enye ithe mangiyeke ukuzigugis­a ngoba ngise- fresh. Ububona nje ukuthi lezi zingane zisahamba isikole noma zisanda ukuqala inyuvesi.

Amakhehla awasabizwa ngamakhehl­a, asebizwa ngama-blesser.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa